UDuteronomi 6:12-19
UDuteronomi 6:12-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)
kodwa uqaphele ukuba ungakhohlwa nguSimakade owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila. “Mesabe uSimakade uNkulunkulu wakho; umkhonze Yena, ufunge igama lakhe. Aniyukulandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu abanizungezile ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ophakathi kwakho unguNkulunkulu onomhawu, funa intukuthelo kaSimakade uNkulunkulu wakho ikuvuthele, ikushabalalise ebusweni bomhlaba. “Ningamlingi uSimakade uNkulunkulu wenu, njengalokhu namlinga eMasa. Niyakugcina ngokucophelela imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wenu, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe akuyale ngakho. Uyokwenza okulungile nokuhle emehlweni kaSimakade, ukuze kube kuhle kuwe, ungene, ulidle lelo lizwe elihle uSimakade afunga kokhokho bakho ukuthi uzozixosha zonke izitha zakho phambi kwakho, njengalokhu ekhulumile uSimakade.
UDuteronomi 6:12-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
xwaya ukuba ungakhohlwa uJehova owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila. “Womesaba uJehova uNkulunkulu wakho; wokhonza yena, ufunge igama lakhe. Aniyikulandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu abanizungezayo ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ophakathi kwakho unguNkulunkulu onomhawu funa intukuthelo kaJehova uNkulunkulu wakho ikuvuthele, ikuchithe ebusweni bomhlaba. “Aniyikumlinga uJehova uNkulunkulu wenu, njengalokho namlinga eMasa. Niyakugcina nokugcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe akuyale ngakho. Wokwenza okulungile nokuhle emehlweni kaJehova ukuba kube kuhle kuwe, ungene ulidle lelo zwe elihle uJehova alifungela oyihlo ukuxosha zonke izitha zakho phambi kwakho, njengalokho ekhulumile uJehova.
UDuteronomi 6:12-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Qaphela ukuba ungakhohlwa uJehova owakukhipha ezweni laseGibhithe, endlini yobugqila. Kumelwe umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, umkhonze, ufunge igama lakhe. Ningalandeli abanye onkulunkulu konkulunkulu bezizwe ezinizungezayo; Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu onomhawu phakathi kwakho, funa intukuthelo kaJehova uNkulunkulu wakho ikuvuthele, ikuchithe emhlabeni. Aniyikumlinga uJehova uNkulunkulu wenu njengalokho namlinga eMasa. Kumelwe niyigcine ngokucophelela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu nobufakazi bakhe nezimiso zakhe aniyale ngazo. Uyakwenza okulungile nokuhle emehlweni kaJehova ukuba kukuhambele kahle, ungene ulidle izwe elihle uJehova alithembisa oyihlo ngesifungo; ukuba axoshe zonke izitha zakho phambi kwakho, njengokukhuluma kukaJehova.