UDuteronomi 6:10-13
UDuteronomi 6:10-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ekungenisa ezweni afunga ngalo kokhokho, u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe, ukuthi uzoninika lona: imizi emikhulu nemihle ongayakhanga, izindlu ezigcwele zonke izinto ezinhle ongazigcwalisanga, imithombo embiweyo ongayimbanga, izivini neminqumo ongakutshalanga, uyodla futhi usuthe, kodwa uqaphele ukuba ungakhohlwa nguSimakade owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila. “Mesabe uSimakade uNkulunkulu wakho; umkhonze Yena, ufunge igama lakhe.
UDuteronomi 6:10-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakukungenisa ezweni alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukukunika lona kanye nemizi emikhulu nemihle ongayakhanga, nezindlu ezigcwele zonke izinto ezinhle ongazigcwalisanga, nemithombo embiweyo ongayimbanga, nezivini neminqumo ongakutshalanga, nalapho udla usuthe, xwaya ukuba ungakhohlwa uJehova owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila. “Womesaba uJehova uNkulunkulu wakho; wokhonza yena, ufunge igama lakhe.
UDuteronomi 6:10-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho esekungenise ezweni alifungela oyihlo, ku-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukukunika imizi emikhulu nemihle ongayakhanga, nezindlu ezigcwele zonke izinto ezinhle ongazigcwalisanga, nemithombo eningayimbanga, izivini neminqumo eningayitshalanga; uma udla usuthe; Qaphela ukuba ungakhohlwa uJehova owakukhipha ezweni laseGibhithe, endlini yobugqila. Kumelwe umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, umkhonze, ufunge igama lakhe.