UDuteronomi 25:13-16
UDuteronomi 25:13-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kungenzeka ungabi nezisindo ezahlukene esikhwameni sakho, ezinkulu nezincane. Ungabi nezilinganiso ezahlukene endlini yakho, esikhulu nesincane. Kodwa kumelwe ube nesisindo esiphelele nesilungile, kufanele ube nesilinganiso esiphelele nesilungile, ukuze izinsuku zakho zande ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona. Ngoba bonke abenza izinto ezinjalo labo bonke abenza okubi bayisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.
UDuteronomi 25:13-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Makungabi bikho esikhwameni sakho izisindo ezehlukeneyo, esikhulu nesincane. Makungabi bikho endlini yakho izilinganiso ezehlukeneyo, esikhulu nesincane. Uyokuba nesikali sesisindo esiyisona nesifaneleyo, futhi ube nesilinganiso seqiniso nesifaneleyo, ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona. Ngokuba bonke abenza kanjalo, bonke abenza ukungalungi, bayisinengiso kuSimakade uNkulunkulu wakho.”
UDuteronomi 25:13-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Makungabikho esikhwameni sakho izisindo ezahlukeneyo, esikhulu nesincane. Makungabikho endlini yakho izilinganiso ezahlukeneyo, esikhulu nesincane. Woba nesisindo esipheleleyo nesilungileyo, futhi ube nesilinganiso esipheleleyo nesilungileyo ukuba izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona. Ngokuba bonke abenza kanjalo, bonke abenza ukungalungi, bayisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.