UDuteronomi 17:14-20
UDuteronomi 17:14-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Uma ungena ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ulidle, uhlale kulo, uthi: ‘Ngiyakumisa inkosi phezu kwami njengezizwe zonke ezingihaqileyo; Kumelwe ummise abe yinkosi phezu kwakho kukho konke uJehova uNkulunkulu wakho ayakumkhetha; omunye wabafowenu kumelwe umise inkosi phezu kwakho; awuyikumisa phezu kwakho umfokazi ongesiye umfowenu. Kodwa akumelwe azandisele amahhashi futhi angavumeli abantu babuyele eGibhithe ukuze andise amahhashi; Futhi makangazandiseli abafazi, funa inhliziyo yakhe iphambuke; futhi ngeke azandisele kakhulu isiliva negolide. Kuyakuthi lapho ehlala esihlalweni sobukhosi sombuso wakhe, uyakuzilobela ikhophi yalo mthetho encwadini ephuma kuleyo ephambi kwabapristi bamaLevi. Kumelwe ibe kuye, futhi kumelwe ayifunde zonke izinsuku zokuphila kwakhe, ukuze afunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakhe nokugcina wonke amazwi alo mthetho nalezi zimiso ukuba awenze. Ukuze inhliziyo yakhe ingaziphakamisi phezu kwabafowabo, angaphambuki emyalweni wakhe, ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze andise izinsuku zakhe embusweni wakhe, yena nabantwana bakhe phakathi kuka-Israyeli.
UDuteronomi 17:14-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Lapho usufikile ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle, uhlale kulo, bese uthi: ‘Ngizozibekela inkosi ingibuse njengazo zonke izizwe ezingizungezile,’ uyombeka nokumbeka akubuse, uSimakade uNkulunkulu wakho ayakumkhetha; uyobeka omunye wabafowenu abe yinkosi, akubuse, ukuze ungabeki owezizwe, ongesiye umfowenu. Kodwa akumele abe namahhashi amaningi, futhi angababuyiseli abantu eGibhithe, ukuze athole amahhashi amaningi. Ngokuba uSimakade ushilo kini, wathi: ‘Anisayukubuyela ngaleyo ndlela.’ Akayukuthola abafazi abaningi, funa inhliziyo yakhe ihlubuke, futhi angabi nesiliva negolide eliningi. “Kuyothi lapho ehlala esihlalweni sakhe sobukhosi, azilobele ifuzela lalo mthetho, ethathisela emqulwini okubaphristi abangabaLevi. Liyohlala kuye, alifunde zonke izinsuku zokuphila kwakhe, ukuze afunde ukumesaba uSimakade uNkulunkulu wakhe. Awagcine wonke amazwi omthetho kaSimakade, enze lezi zimiso, angaziboni engcono kunabafowabo, angaphambuki emiyalweni aye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze zande izinsuku zakhe embusweni wakhe, yena nabantwana bakhe, phakathi kuka-Israyeli.”
UDuteronomi 17:14-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Nxa ufikile ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ulidle, uhlale kulo, uthi: ‘Ngiyakubeka inkosi phezu kwami njengazo zonke izizwe ezingizungezayo,’ uyakumbeka nokumbeka abe yinkosi phezu kwakho yena uJehova uNkulunkulu wakho ayakumkhetha; uyakubeka omunye wabafowenu inkosi phezu kwakho, ungabeki phezu kwakho owezizwe, ongesiye umfowenu. Kepha akayikuzandisela amahhashi, angabuyiseli abantu eGibithe, ukuze andise amahhashi, ngokuba uJehova ushilo kini, wathi: ‘Anisayikubuyela ngaleyo ndlela.’ Akayikuzandisela abafazi, ukuze inhliziyo yakhe ihlubuke, angazandiseli isiliva negolide. “Kuyakuthi nxa ehlala esihlalweni sobukhosi sombuso wakhe, uyakuzilobela impinda yalo mthetho encwadini ngokuthatha kuleyo ekubapristi bamaLevi; iyakuba kuye, ayifunde zonke izinsuku zokuhamba kwakhe ukuba afunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakhe, agcine onke amazwi omthetho wakhe nalezi zimiso ukuba azenze, inhliziyo yakhe ingaphakami ngaphezu kwabafowabo, angaphambuki emiyalweni, aye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze azandise izinsuku zakhe embusweni wakhe, yena nabantwana bakhe phakathi kuka-Israyeli.