UDuteronomi 15:1-11

UDuteronomi 15:1-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

“Ngasekugcineni kweminyaka eyisikhombisa njalo uyakwenza uyekelo. Nansi indlela yoyekelo: Yilowo nalowo otshelekileyo uyakuyekela lokho akutshelekile umakhelwane wakhe; akayikukubiza kumakhelwane wakhe nakumfowabo, ngokuba uyekelo lukaJehova lumenyezelwe. Kowezizwe ungakubiza, kepha noma yikuphi okwakho okukumfowenu, lokho isandla sakho siyakukuyekela. Nokho ngabe kungabikho abampofu kuwe, ngokuba uJehova uyakukubusisa nokukubusisa ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho ukuba ulidle, uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho kuphela, ugcine ukwenza yonke le miyalo engikuyala ngayo namuhla. Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa njengokukwethembisa kwakhe, utsheleke izizwe eziningi, kepha ungatsheleki lutho kuzo; uyakubusa izizwe eziningi, kepha zona aziyikukubusa wena. “Uma kukhona kuwe ompofu, omunye wabafowenu, phakathi kwelithile lamasango ezweni lakini uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, awuyikuyenza lukhuni inhliziyo yakho, ungamvaleli umfowenu ompofu isandla sakho, kepha umvulele nokumvulela isandla sakho, umtsheleke impela okwanele ukudinga kwakhe akuswelayo. Xwaya ukuba kungabikho mcabango omubi enhliziyweni yakho ngokuthi: ‘Umnyaka wesikhombisa, umnyaka woyekelo, ususeduze;’ iso lakho beseliba libi kumfowenu ompofu, ungamniki lutho, abesekhala kuJehova ngawe, kube yisono sakho. Womnika nokumnika, inhliziyo yakho ingakhathazeki lapho umnika, ngokuba ngenxa yalokho uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa emsebenzini wakho wonke nakukho konke obeka kukho isandla sakho. Ngokuba ompofu akasoze aphela ezweni; ngakho-ke ngiyakuyala ngithi: ‘Womvulela nokumvulela umfowenu isandla sakho, abaswelayo bakho nabampofu bakho ezweni lakini.’

UDuteronomi 15:1-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)

“Ngasekupheleni kweminyaka eyisikhombisa niyokwenza uyekelelo. Nansi indlela eniyolwenza ngayo: yilowo nalowo otsheleka umakhelwane noma umfowabo okuthile, uyokuyeka angabe esakubiza kuye, ngokuba kuyobe sekumenyezelwe uyekelelo lukaSimakade. Ningakubiza kowezizwe, kodwa noma yini eyakho ekulowo wezwe lakini, uyakuyiyekelela. Ngaleyo ndlela akuyukuba bikho ontulayo phakathi kwenu. USimakade uNkulunkulu wenu impela uyonibusisa ezweni aninika lona ukuba nilidle, libe yifa lenu, uma nililalela ngempela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, niyigcina yonke le miyalo enginiyala ngayo namuhla. USimakade uNkulunkulu wenu uyonibusisa njengokwethembisa kwakhe, niyotsheleka izizwe eziningi, kodwa nina ningatsheleki lutho kuzo. Niyobusa izizwe eziningi, kepha zona aziyukunibusa. “Uma kukhona ompofu phakathi kwenu, engomunye wabafowenu, ehlala komunye wemizi esezweni lakini uSimakade uNkulunkulu wenu aninika lona, aniyukuyenza lukhuni inhliziyo yenu; aniyukumncisha lutho kweninakho umfowenu ontulayo. Kepha niyomvulela isandla senu, umtsheleke ngokungathi uyamupha okwanele izidingo zakhe nokweswela kwakhe. Qaphelani ukuba ningabi nomcabango omubi enhliziyweni yenu, nithi: ‘Unyaka wesikhombisa, unyaka woyekelelo ususondele,’ bese nimbheka kabi umfowenu ompofu, ningabe nisamnika lutho. Kuyothi lapho ekhala kuSimakade ngani, lokho kube yisono sakho. Niyomnika ngokwevile, nangenhliziyo ekhululekile ngesikhathi nimnika, ngokuba ngenxa yalokho uSimakade uNkulunkulu wakho uyowubusisa wonke umsebenzi wenu, nakho konke enibeka isandla senu kukho. Abampofu bayohlala bekhona ezweni; ngakho-ke ngiyaniyala, ngithi: ‘Niyomvulela nokumvulela umfowenu isandla senu ngokuphana, abampofu bakini nabasweleyo bakini ezweni lakini.’

UDuteronomi 15:1-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Njalo ekupheleni kweminyaka eyisikhombisa uyakwenza ukukhululwa. Nansi indlela yokukhululwa: Yilowo nalowo otshelekayo oboleka umakhelwane wakhe uyakumkhulula; akayikufuna kumakhelwane wakhe noma kumfowabo; ngoba kuthiwa yinsindiso kaJehova. Kumuntu ongamazi ungaphinda uyifune; ngaphandle kokuthi kungabikho ompofu phakathi kwenu; ngokuba uJehova uyakukubusisa kakhulu ezweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakukunika lona libe yifa lakho. Kuphela uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, wenze yonke le miyalo engikuyala ngayo namuhla. Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa njengokukwethembisa kwakhe, uyakutsheleka izizwe eziningi, kepha wena ungatsheleki lutho kuzo; uyakubusa izizwe eziningi, kepha zona aziyikukubusa. Uma kukhona phakathi kwakho ompofu wabafowenu kwelinye lamasango akho ezweni lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ungayenzi lukhuni inhliziyo yakho, ungasivali isandla sakho kumfowenu ompofu. Kodwa kumelwe uvule kakhulu isandla sakho kuye, futhi kumelwe nakanjani umtsheleke lokho akudingayo, ngalokho akufunayo. Qaphela ukuba kungabikho umcabango omubi enhliziyweni yakho othi: Unyaka wesikhombisa, umnyaka wokukhululwa, useduze; iso lakho libe libi kumfowenu ompofu, ungamniki lutho; wabiza uJehova ngani, kube yisono senu. Womnika nokumnika, inhliziyo yakho ingabi lusizi, uma umnika yona, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa ngale ndaba kuyo yonke imisebenzi yakho nakukho konke obeka kukho isandla sakho. Ngokuba ompofu akasoze aphela ezweni; ngalokho ngiyakuyala, ngithi: Womvulela kakhulu umfowenu isandla sakho, ompofu wakho nompofu wakho ezweni lakini.