UDuteronomi 14:22-23
UDuteronomi 14:22-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Uyakunikela ngokweshumi kwazo zonke izithelo zembewu yakho, lokho okuvela ensimini iminyaka ngeminyaka, ukudle phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha yena ukuba igama lakhe lihlale kuyo, okweshumi kwamabele akho, nokwewayini lakho, nokwamafutha akho, nokwamazibulo ezinkomo zakho, nokwawezimvu zakho, ukuba ufunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakho njalo.
UDuteronomi 14:22-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Uyonikela okweshumi kwezithelo zonke zembewu yakho, ezivela ensimini unyaka nonyaka. Uyokudla phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho endaweni ayoyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo, okweshumi kokusanhlamvu kwakho, okwewayini lakho, okwamafutha akho, okwamazibulo ezinkomo zakho, nokwezimvu zakho, ukuze ufunde ukumesaba njalo uSimakade uNkulunkulu wakho.
UDuteronomi 14:22-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumelwe ukhiphe okweshumi kuyo yonke imbewu yakho ekhiqizwa izwe unyaka nonyaka. Uyakudla okweshumi kukakolweni wakho, nokwewayini lakho, nokwamafutha akho, namazibulo ezinkomo zakho, nawezimvu zakho, phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha ukumisa igama lakhe kuyo; ukuze ufunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakho njalo.