UDuteronomi 10:10-11
UDuteronomi 10:10-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Ngahlala entabeni njengakuqala, izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40; uSimakade wangilalela nangaleso sikhathi, akathandanga ukunibhubhisa. USimakade wayesethi kimi: ‘Sukuma uhambe phambi kwabantu, ukuze bahambe, balidle izwe engafunga ngalo kokhokho babo ukubanika lona.’ ”
UDuteronomi 10:10-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Ngahlala entabeni njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; uJehova wangilalela nangaleso sikhathi, akanibhubhisanga. UJehova wayesethi kimi: ‘Vuka uhambe phambi kwabantu; bayakungena, balidle izwe engalifungela oyise ukubanika lona.’
UDuteronomi 10:10-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngahlala entabeni njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; futhi uJehova wangilalela ngaleso sikhathi, futhi uJehova akathandanga ukunibhubhisa. UJehova wathi kimi: “Suka uphume phambi kwabantu ukuba bangene balidle izwe engalifungela oyise ngesifungo ukubanika lona.”