UDuteronomi 10:1-5
UDuteronomi 10:1-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Ngaleso sikhathi uSimakade wathi kimi: ‘Zibazele izibhebhe zamatshe ezimbili zibe njengezakuqala, bese ukhuphukela kimi entabeni, uyozenzela ngomuthi umphongolo. Ngiyoloba ezibhebheni amazwi ayekulezo zibhebhe zokuqala owazephulayo, bese uzifaka emphongolweni.’ “Ngase ngenza umphongolo ngomtholo, ngabaza izibhebhe ezimbili ngamatshe njengezakuqala, ngase ngikhuphukela entabeni ngiziphethe zombili izibhebhe esandleni sami. Waloba ezibhebheni njengalokhu kwakulotshiwe kuqala, imiyalelo elishumi uSimakade ayikhuluma kini entabeni, ephakathi komlilo ngosuku lokuhlangana; uSimakade wanginika zona. Ngaphenduka ngehla entabeni, ngazifaka izibhebhe emphongolweni engiwenzile; zikhona lapho, njengalokhu uSimakade engiyalile.”
UDuteronomi 10:1-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Ngaleso sikhathi uJehova wathi kimi: ‘Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ukhuphukele kimi entabeni, uzenzele umphongolo womuthi. Ngiyakuloba ezibhebheni amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazaphula, uzifake emphongolweni.’ “Ngase ngenza-ke umphongolo womuthi womtholo, ngabaza izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ngakhuphukela entabeni nginezibhebhe zombili esandleni sami. Waloba ezibhebheni njengokulotshwa kokuqala imiyalelo eyishumi uJehova ayikhulumayo kini entabeni, ephakathi komlilo ngosuku lokuhlangana; uJehova wanginika zona. Ngase ngiphenduka ngehla entabeni, ngazifaka izibhebhe emphongolweni engiwenzile; zikhona lapho, njengalokho uJehova ebengiyala.”
UDuteronomi 10:1-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngaleso sikhathi uJehova wathi kimi: “Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ukhuphukele kimi entabeni, uzenzele umphongolo womuthi. Ngizobhala ezibhebheni amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazephula, futhi kumelwe uwafake emphongolweni. Ngase ngenza umphongolo womuthi womtholo, ngabaza izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ngakhuphukela entabeni ngiphethe izibhebhe zombili esandleni sami. Waloba ezibhebheni njengombhalo wokuqala imiyalo eyishumi uJehova ayikhuluma kini ngosuku lokuhlangana entabeni phakathi komlilo; iNkosi yanginika yona. Ngaphenduka, ngehla entabeni, ngafaka izibhebhe emphongolweni engawenza; futhi akhona, njengoba nje iNkosi ingiyalile.