UDaniyeli 9:1-27

UDaniyeli 9:1-27 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngonyaka wokuqala kaDariyu indodana ka-Ahashiveroshi, wozalo lwamaMede, owabekwa inkosi phezu kombuso wamaKhaledi, ngonyaka wokuqala wokubusa kwakhe, mina Daniyeli ngabona emqulwini inani leminyaka izwi likaSimakade elafika ngayo kuJeremiya umphrofethi ukuba kupheleliswe ukubhujiswa kweJerusalema, okuyiminyaka engama-70. Ngase ngibhekisa ubuso bami kuyo iNkosi uNkulunkulu ngakhuleka, nganxusa ngokuzila ukudla, nangendwangu eyisaka, nangomlotha. Ngakhuleka kuSimakade uNkulunkulu wami, ngavuma ngathi: “Nkosi, Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe, sonile, siziphathe kabi, senzile okubi, sihlubukile, sachezuka emiyalweni yakho nasezahlulelweni zakho; asilalelanga izinceku zakho, abaphrofethi, ezazikhuluma egameni lakho emakhosini ethu, nasezikhulwini zethu, nakokhokho bethu, nakubo bonke abantu bezwe. “Kuwena Nkosi kukhona ukulunga, kepha thina sinamahloni njenganamuhla: kubantu bakwaJuda, nezakhamuzi zaseJerusalema, nakuye wonke u-Israyeli, abaseduze nabakude, kuwo onke amazwe obahlakazele kuwo ngenxa yezeqo zabo abeqe ngazo kuwe. Simakade, thina sinamahloni: kuwo amakhosi ethu, nakuzo izikhulu zethu, nakokhokho bethu, ngokuba sonile kuwe. Kepha kuyo iNkosi, uNkulunkulu wethu, kukhona umusa nokuthethelela, ngokuba simhlubukile, asililalelanga izwi likaSimakade uNkulunkulu wethu ukuba sihambe ngemithetho yakhe ayibeka phambi kwethu ngezinceku zakhe abaphrofethi. Wonke u-Israyeli weqile umthetho wakho, echezuka ukuze bangalilaleli izwi lakho; ngalokho isiqalekiso sithululwe phezu kwethu kanye nesifungo esilotshiwe emthethweni kaMose inceku kaNkulunkulu, ngokuba sonile kuye. Uqinisile amazwi akhe awakhuluma ngathi nangabehluleli bethu abasahlulelayo ngokusehlisela okubi okukhulu, ngokuba phansi kwezulu lonke akwenziwanga njengokwenziwe kulo iJerusalema. Njengokulotshiweyo emthethweni kaMose konke lokhu okubi kusehlele, nokho asincenganga ebusweni bukaSimakade uNkulunkulu wethu ukuba siphenduke ebubini bethu, siqonde iqiniso lakho. USimakade uyilungiselele inhlekelele, wayeseyehlisela kithi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu ulungile emisebenzini yakhe yonke ayenzayo, kodwa asililalelanga izwi lakhe. “Manje, Nkosi, Nkulunkulu wethu, wena owakhipha abantu bakho eGibhithe ngesandla esinamandla, wazenzela igama njenganamuhla, sonile, senzile okubi. Nkosi, ngakho konke ukulunga kwakho mawubuyise intukuthelo yakho nokufutheka kwakho emzini eJerusalema, intaba yakho engcwele, ngokuba ngenxa yezono zethu nangobubi bokhokho bethu iJerusalema nabantu bakho sebeyihlazo kubo bonke abasizungezileyo. “Kalokhu, Nkulunkulu wethu, yizwa umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, ukhanyise ubuso bakho phezu kwendlu yakho engcwele, echithakeleyo ngenxa yeNkosi. Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho, uzwe; vula amehlo akho, ubheke izincithakalo zethu nomuzi obizwe ngegama lakho, ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu kepha ngomusa wakho omkhulu. Nkosi, yizwa; Nkosi, thethelela; Nkosi, lalela, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba umuzi nabantu bakho babizwe ngegama lakho.” Ngisakhuluma ngikhuleka, ngivuma izono zami nezono zabantu bakithi u-Israyeli, ngiletha ukunxusa kwami phambi kukaSimakade uNkulunkulu wami ngentaba engcwele kaNkulunkulu wami, yebo, ngisakhuluma ngomkhuleko, lowo muntu uGabhriyeli engambona embonweni kuqala, endiziswa ngokushesha, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa. Wangiqondisa, wakhuluma nami, wathi: “Daniyeli, sengiphumele ukukuhlakaniphisa nokukuqondisa. Ekuqaleni kokunxusa kwakho izwi lavela; sengifikile ukukutshela, ngokuba uthandekile; ngalokho qonda leli lizwi, uqonde nombono. “Amasonto angama-70 anqunyelwe abantu bakho nomuzi wakho ongcwele ukuqeda iziphambeko, nokukhawula izono, nokwenza ukubuyisana ngobubi, nokungenisa ukulunga okuphakade, nokunamathelisa umbono nesiphrofetho, nokugcoba indlu engcwelengcwele. “Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa, lihlale lakhiwe, imigwaqo yalo nogange lwalo, amasonto angama-62 nasesikhathini sokuhlupheka. Emva kwalawo masonto angama-62 ogcotshiweyo uyakunqunywa angabi namuntu; umuzi nendlu engcwele kuyakuchithwa ngabantu bombusi ozayo, ukuphela kwakho kube sesikhukhuleni, kube ngukulwa kuze kube sekugcineni; incithakalo inqunyiwe. Uyakuqinisa isivumelwano nabaningi isonto libe linye, imihlatshelo neminikelo ikhawuke phakathi kwesonto, kufike incithakalo ngephiko lesinengiso, kuze kuphele okunqunyiweyo, kuthululelwe phezu kombhubhisi.”

UDaniyeli 9:1-27 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngomnyaka wokuqala kaDariyu indodana ka-Ahashiveroshi, wozalo lwamaMede, owabekwa inkosi phezu kombuso wamaKaledi, ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe mina Daniyeli ngaqonda ngezincwadi umumo weminyaka elakhuluma ngawo izwi likaJehova kuJeremiya umprofethi ukuba kupheleliswe ukuchithwa kweJerusalema, iminyaka engamashumi ayisikhombisa. Ngase ngibhekisa ubuso bami kuyo iNkosi uNkulunkulu ukuba ngikhuleke, nginxuse ngokuzila ukudla, nangendwangu yamasaka, nangomlotha. Ngakhuleka kuJehova uNkulunkulu wami, ngavuma ngathi: “O Nkosi, Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe, sonile, siziphathe kabi, senzile okubi, sihlubukile, sachezuka emiyalweni yakho nasezahlulelweni zakho; asilalelanga izinceku zakho abaprofethi ezazikhuluma egameni lakho emakhosini ethu, nasezikhulwini zethu, nakobaba, nakubo bonke abantu bezwe. “Kuwena Nkosi kukhona ukulunga, kepha kithina amahloni obuso njenganamuhla: kubantu bakwaJuda, nakwabakhileyo eJerusalema, nakuye wonke u-Israyeli, abaseduze nabakude, kuwo onke amazwe obahlakazele kuwo ngenxa yezeqo zabo abeqe ngazo kuwe. Jehova, kithina kukhona amahloni obuso: kuwo amakhosi ethu, nakuzo izikhulu zethu, nakobaba, ngokuba sonile kuwe. Kepha kuyo iNkosi, uNkulunkulu wethu, kukhona umusa nokuthethelela; ngokuba simhlubukile, asililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wethu ukuba sihambe ngemithetho yakhe ayibeka phambi kwethu ngezinceku zakhe abaprofethi. Wonke u-Israyeli weqile umthetho wakho, echezuka ukuze bangalilaleli izwi lakho; ngalokho isiqalekiso sithululwe phezu kwethu kanye nesifungo esilotshiwe emthethweni kaMose inceku kaNkulunkulu, ngokuba sonile kuye. Uqinisile amazwi akhe awakhuluma ngathi nangabahluleli bethu abasahlulelayo ngokusehlisela okubi okukhulu, ngokuba phansi kwezulu lonke akwenziwanga njengokwenziwe kulo iJerusalema. Njengokulotshiweyo emthethweni kaMose konke lokhu okubi kusehlele, nokho asincenganga ebusweni bukaJehova uNkulunkulu wethu ukuba siphenduke ebubini bethu, siqonde iqiniso lakho. UJehova wayesebulinda ububi, wasehlisela bona, ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu ulungile emisebenzini yakhe yonke ayenzayo, kepha asililalelanga izwi lakhe. “Manje, Nkosi, Nkulunkulu wethu, wena owakhipha abantu bakho ezweni laseGibithe ngesandla esinamandla, wazenzela igama njenganamuhla, sonile, senzile okubi. Nkosi, ngakho konke ukulunga kwakho mawubuyise intukuthelo yakho nokufutheka kwakho emzini waseJerusalema, intaba yakho engcwele, ngokuba ngenxa yezono zethu nangobubi bawobaba iJerusalema nabantu bakho sebe yihlazo kubo bonke abasizungezayo. “Kalokhu, Nkulunkulu wethu, yizwa umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, ukhanyise ubuso bakho phezu kwendlu yakho engcwele, echithakele ngenxa yeNkosi. Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho, uzwe; vula amehlo akho, ubheke izincithakalo zethu nomuzi obizwe ngegama lakho, ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu kepha ngomusa wakho omkhulu. Nkosi, yizwa; Nkosi, thethelela; Nkosi, lalela, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba umuzi nabantu bakho babizwe ngegama lakho.” Ngisakhuluma ngikhuleka, ngivuma izono zami nezono zabantu bakithi u-Israyeli, ngiletha ukunxusa kwami phambi kukaJehova uNkulunkulu wami ngentaba engcwele kaNkulunkulu wami, yebo, ngisakhuluma ngomkhuleko, lowo muntu uGabriyeli engambona embonweni kuqala, endiziswa ngokushesha, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa. Wangiqondisa, wakhuluma nami, wathi: “Daniyeli, sengiphumile ukukuhlakaniphisa nokukuqondisa. Ekuqaleni kokunxusa kwakho izwi lavela; sengifikile ukukutshela, ngokuba uthandekile; ngalokho qonda leli zwi, uqonde nombono. “Amasonto angamashumi ayisikhombisa anqunyelwe abantu bakho nomuzi wakho ongcwele ukuqeda iziphambeko, nokukhawula izono, nokwenza ukubuyisana ngobubi, nokungenisa ukulunga okuphakade, nokunamathelisa umbono nesiprofetho, nokugcoba indlu engcwelengcwele. “Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa, lihlale lakhiwe, izitaladi zalo nogange lwalo, amasonto angamashumi ayisithupha nambili nasesikhathini sokuhlupheka. Emva kwalawo masonto angamashumi ayisithupha nambili ogcotshiweyo uyakunqunywa angabi namuntu; umuzi nendlu engcwele kuyakuchithwa ngabantu bombusi ozayo, ukuphela kwakho kube sesikhukhuleni, kube ngukulwa kuze kube sekugcineni; incithakalo inqunyiwe. Uyakuqinisa isivumelwano nabaningi isonto libe linye, imihlatshelo neminikelo ikhawuke phakathi kwesonto, kufike incithakalo ngephiko lesinengiso, kuze kuphele okunqunyiweyo, kuthululelwe phezu komchithi.”

UDaniyeli 9:1-27 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ngomnyaka wokuqala kaDariyu indodana ka-Ahashiveroshi wesizwe samaMede owabekwa inkosi embusweni wamaKaledi; Ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe, mina, Daniyeli, ngaqonda ezincwadini inani leminyaka izwi likaJehova elafika ngayo kuJeremiya umprofethi, ukuthi yayiyoqeda iminyaka engamashumi ayisikhombisa ekubhujisweni kweJerusalema. Ngabhekisa ubuso bami eNkosini uNkulunkulu ukuba ngifune ngomkhuleko nangokunxusa, ngokuzila ukudla, nangendwangu yamasaka, nangomlotha. Ngakhuleka kuJehova uNkulunkulu wami, ngenza isivumo sami, ngathi: “Jehova, Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, gcina isivumelwano nesihawu kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe; Sonile, senza ububi, senza okubi, sahlubuka ngokuphambuka emiyalweni yakho nasezimisweni zakho zokwahlulela. Futhi asilalelanga izinceku zakho, abaprofethi, ababekhuluma egameni lakho emakhosini ethu, izikhulu zethu, nawobaba, nakubo bonke abantu bezwe. Jehova, ukulunga kungokwakho, kepha ubuso bethu buyihlazo njenganamuhla; kumadoda akwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema nakuye wonke u-Israyeli oseduze nakude, emazweni onke lapho obaxoshele khona ngenxa yesiphambeko sabo abasenze kuwe. Nkosi, ukujabha kobuso kukithi, nakumakhosi ethu, nezikhulu zethu, nakobaba, ngokuba sonile kuwe. Kuyo iNkosi uNkulunkulu wethu kukhona umusa nentethelelo, nakuba simhlubukile; Futhi asilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wethu ukuba sihambe ngemithetho yakhe asinika yona ngenkonzo yezinceku zakhe, abaprofethi. Yebo, wonke u-Israyeli weqile umthetho wakho, yebo, ngokuhamba, ukuze angalilaleli izwi lakho; ngalokho isiqalekiso sithululelwe phezu kwethu nesifungo esilotshwe emthethweni kaMose inceku kaNkulunkulu, ngokuba sonile kuye. Futhi wawaqinisa amazwi akhe awakhuluma ngokumelene nathi nabahluleli bethu ababesiqondisa ngokuletha inhlekelele enkulu phezu kwethu, ngoba ngaphansi kwalo lonke izulu akuzange kwenzeke njengaseJerusalema. Njengokulotshiweyo emthethweni kaMose konke lokhu okubi kwasehlela, kepha asikhulekanga phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu ukuba sibuye ebubini bethu, siqonde iqiniso lakho. Kungakho uJehova wabuqaphela ububi wabesehlisela phezu kwethu, ngoba uJehova uNkulunkulu wethu ulungile emisebenzini yakhe yonke ayenzayo, ngoba asililalelanga izwi lakhe. Manje, Jehova Nkulunkulu wethu, owakhipha abantu bakho ezweni laseGibhithe ngesandla esinamandla futhi wazenzela igama njenganamuhla; sonile, senzile okubi. O Jehova, ngokuvumelana nakho konke ukulunga kwakho, makususwe intukuthelo yakho nolaka lwakho emzini wakho iJerusalema, intaba yakho engcwele, ngenxa yezono zethu nangenxa yobubi bawokhokho bethu iJerusalema nabantu bakho. Ihlazo kubo bonke abaphezu kwethu. Manje yizwa, Nkulunkulu wethu, umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, futhi mawukhanyise ubuso bakho phezu kwendlu yakho engcwele echithekile ngenxa yeNkosi. O Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho ulalele; vula amehlo akho, ubone ukuchithwa kwethu nomuzi igama lakho elibizwe ngawo, ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu, kepha ngenxa yomusa wakho omkhulu. O Nkosi, yizwa; O Nkosi, thethelela; Jehova, yizwa, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba igama lakho libizwe phezu komuzi wakho naphezu kwabantu bakho. Kwathi ngisakhuluma, ngikhuleka, ngivuma isono sami nesono sabantu bami u-Israyeli, ngilethe ukunxusa kwami phambi kukaJehova uNkulunkulu wami ngenxa yentaba engcwele kaNkulunkulu wami; Yebo, ngisakhuluma emkhulekweni, umuntu uGabriyeli engambona embonweni ekuqaleni, wandiza masinyane, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa. Yangitshela, yakhuluma kimi, yathi: “Daniyeli, ngiphumile manje ukukunika ukuqonda nokuqondisisa. Ekuqaleni kokunxusa kwakho kwaphuma umyalo, futhi ngiza ukukubonisa; ngoba uthandwa kakhulu; bese uqonda udaba futhi uqaphele ubuso. Amasonto angamashumi ayisikhombisa amiselwe phezu kwabantu bakini naphezu komuzi wakho ongcwele ukuba afeze isiphambeko, aphelelise izono, enze ukubuyisana ngobubi, angenise ukulunga okuphakade, anamathelise umbono nesiprofetho, agcobe ibandla. Ngcwelengcwele. Yazi-ke futhi uqonde ukuthi kusukela ekuphumeni komyalo wokubuyisela nokwakha iJerusalema kuze kufike uMesiya, iNkosana, kuyohlala amasonto ayisikhombisa namasonto angamashumi ayisithupha nambili: umgwaqo uyokwakhiwa futhi nodonga, ngisho nasezikhathini ezinzima. Futhi emva kwamasonto angamashumi ayisithupha nambili uMesiya uyobhujiswa, kodwa hhayi yena; futhi abantu besikhulu esizayo bayochitha umuzi nendlu engcwele; futhi ukuphela kwawo kuyakuba ngozamcolo, futhi kuze kube sekupheleni kwempi ukuchithwa kumisiwe. Futhi iyoqinisa isivumelwano nabaningi isonto elilodwa; futhi phakathi nesonto uyokwenza ukuba umhlatshelo nomnikelo wempuphu kuphele, futhi ngenxa yokwanda kwezinengiso uyokwenza kube ihlane kuze kube sekugcineni futhi uyothululwa phezu koyedwa.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo