UDaniyeli 6:4-9
UDaniyeli 6:4-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Lokho-ke kwenza ukuthi omengameli nezikhulu bafune ukuthola utho olubi ngoDaniyeli oluqondene nombuso, kepha abatholanga lutho nacala kuye, ngokuba wayethembekile; akutholakalanga siphosiso nankohlakalo kuye. Ayesethi lawo madoda: “Asiyikuthola lutho ngoDaniyeli, ngaphandle kokuthi sithole okuqondene nomthetho kaNkulunkulu wakhe.” Base bebuthana labo mengameli nezikhulu baya enkosini beyisixuku, basho lokhu kuyo, bathi: “Phila kade, nkosi Dariyu. Bonke omengameli bombuso, ababusi, izikhulu, abomkhandlu, nezinduna babonisene ukuba kumiswe isimiso senkosi, kumenyezelwe isiyalezo esiqinileyo sokuthi yilowo nalowo ocela isicelo kunoma yimuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingama-30, ngaphandle kwakho nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama. Manje, nkosi, khipha isimemezelo, ulobe umbhalo ongenakuguqulwa ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.” Ngakho-ke inkosi uDariyu yayisiloba umbhalo nesiyalezo.
UDaniyeli 6:4-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Khona abongameli nezikhulu base befuna ukuthola utho ngoDaniyeli oluqondene nombuso, kepha abatholanga lutho nacala kuye, ngokuba wayethembekile; akutholwanga siphosiso nacala kuye. Ayesethi lawa madoda: “Asiyikuthola lutho ngoDaniyeli, uma singalutholi kokuqondene nomthetho kaNkulunkulu wakhe.” Base bebuthana labo bongameli nezikhulu enkosini, basho kanje kuyo, bathi: “Mana njalo, nkosi Dariyu. Bonke abongameli bombuso, nababusi, nezikhulu, nabomkhandlu, nezinduna balulekene kanyekanye ukuba kumiswe isimiso senkosi, kumenyezelwe isiyalezo esiqinileyo sokuthi yilowo nalowo ocela isicelo nakumuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu, kuphela kuwe nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama. Kalokhu, nkosi, simemezele isiyalezo, ulobe umbhalo ukuba ungaguqulwa ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.” Ngokunjalo inkosi uDariyu yayisiloba umbhalo nesiyalezo.
UDaniyeli 6:4-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Khona abongameli nezikhulu bafuna ukuthola isizathu ngoDaniyeli ngombuso; kodwa abatholanga sizathu noma iphutha; ngokuba wayethembekile, akutholwanga siphambeko nacala kuye. Lawa madoda athi: “Asiyikuthola cala ngalo Daniyeli, ngaphandle kokuthi silithole kuye ngenxa yomthetho kaNkulunkulu wakhe.” Laba bongameli nezikhulu babuthana enkosini, bathi kuyo: “Nkosi Dariyu, phila kuze kube phakade! Bonke abongameli bombuso, nababusi, nezikhulu, nabeluleki, nababusi, bacebisana ukuba kumiswe isimiso sobukhosi, benze isinqumo esiqinile, sokuthi yilowo nalowo ocela isicelo kunoma yimuphi uNkulunkulu noma acele izinsuku ezingamashumi amathathu, ngaphandle kwakho, nkosi, iyophonswa emphandwini wezingonyama. Khathesi qinisa umthetho, nkosi, usayine umbhalo, ukuze ungaguquki njengomthetho wamaMede lamaPheresiya ongaguqukiyo. Ngakho inkosi uDariyu yawusayina umbhalo nomthetho.