UDaniyeli 6:4-18

UDaniyeli 6:4-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Khona abongameli nezikhulu base befuna ukuthola utho ngoDaniyeli oluqondene nombuso, kepha abatholanga lutho nacala kuye, ngokuba wayethembekile; akutholwanga siphosiso nacala kuye. Ayesethi lawa madoda: “Asiyikuthola lutho ngoDaniyeli, uma singalutholi kokuqondene nomthetho kaNkulunkulu wakhe.” Base bebuthana labo bongameli nezikhulu enkosini, basho kanje kuyo, bathi: “Mana njalo, nkosi Dariyu. Bonke abongameli bombuso, nababusi, nezikhulu, nabomkhandlu, nezinduna balulekene kanyekanye ukuba kumiswe isimiso senkosi, kumenyezelwe isiyalezo esiqinileyo sokuthi yilowo nalowo ocela isicelo nakumuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu, kuphela kuwe nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama. Kalokhu, nkosi, simemezele isiyalezo, ulobe umbhalo ukuba ungaguqulwa ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.” Ngokunjalo inkosi uDariyu yayisiloba umbhalo nesiyalezo. UDaniyeli esekwazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe amafasitele ekamelo lakhe ayevulekile ebhekisa eJerusalema waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho enzile kuqala. Ayesebuthana lawo madoda, amfumana uDaniyeli ekhuleka, enxusa kuNkulunkulu wakhe. Asondela, akhuluma phambi kwenkosi ngesiyalezo senkosi, athi: “Asithi ulobile isiyalezo sokuthi yilowo nalowo ocela nakumuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu, kuphela kuwe nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama na?” Inkosi yaphendula yathi: “Iqinisile leyo nto ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.” Ayesephendula ethi phambi kwenkosi: “UDaniyeli lowo ongowabathunjwa bakwaJuda akakunaki wena nkosi, nesiyalezo osilobileyo, kepha uyacela isicelo sakhe kathathu ngosuku.” Lapho inkosi isizwile lawa mazwi, yadabuka kakhulu, yayibeka inhliziyo yayo kuDaniyeli ukuba imkhulule, yazama ukumophula kwaze kwaba sekushoneni kwelanga. Ayesebuthana lawo madoda enkosini, athi enkosini: “Yazi, nkosi, ukuthi kungumthetho wamaMede namaPheresiya ukuba kungaguqulwa isiyalezo nesimiso esimiswa yinkosi.” Yayisiyaleza inkosi, walethwa uDaniyeli, waphonswa emphandwini wezingonyama. Inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “UNkulunkulu wakho omkhonza njalo uyakukukhulula.” Kwase kulethwa itshe, labekwa emlonyeni womphandu, inkosi yalinamathelisa ngendandatho yayo nangendandatho yizikhulu zayo, ukuze kungaguqulwa lutho maqondana noDaniyeli. Inkosi yase iya endlini yayo yobukhosi, yadlulisa ubusuku izila; izinkenezo zokubethwa azilethwanga kuyo, nobuthongo bayibalekela.

UDaniyeli 6:4-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Lokho-ke kwenza ukuthi omengameli nezikhulu bafune ukuthola utho olubi ngoDaniyeli oluqondene nombuso, kepha abatholanga lutho nacala kuye, ngokuba wayethembekile; akutholakalanga siphosiso nankohlakalo kuye. Ayesethi lawo madoda: “Asiyikuthola lutho ngoDaniyeli, ngaphandle kokuthi sithole okuqondene nomthetho kaNkulunkulu wakhe.” Base bebuthana labo mengameli nezikhulu baya enkosini beyisixuku, basho lokhu kuyo, bathi: “Phila kade, nkosi Dariyu. Bonke omengameli bombuso, ababusi, izikhulu, abomkhandlu, nezinduna babonisene ukuba kumiswe isimiso senkosi, kumenyezelwe isiyalezo esiqinileyo sokuthi yilowo nalowo ocela isicelo kunoma yimuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingama-30, ngaphandle kwakho nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama. Manje, nkosi, khipha isimemezelo, ulobe umbhalo ongenakuguqulwa ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.” Ngakho-ke inkosi uDariyu yayisiloba umbhalo nesiyalezo. Kwathi lapho uDaniyeli esazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe, amafasitela ayesekamelweni lakhe eliphezulu ayevulekele ngaseJerusalema, waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho ayenzile kuqala. Ayesebuthana lawo madoda, amthola uDaniyeli ekhuleka, enxusa kuNkulunkulu wakhe. Asondela phambi kwenkosi, akhuluma kuyo ngesiyalezo sayo, athi: “Awukhiphanga yini umthetho othi yilowo nalowo ocela kunoma yimuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingama-30, ngaphandle kwakho nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama na?” Inkosi yaphendula yathi: “Kuyiqiniso lokho ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.” Ayesephendula phambi kwenkosi ethi kuyo: “UDaniyeli ongomunye wabathunjwa bakwaJuda akakushayi mkhuba wena nkosi, nomthetho owulobileyo, kepha uyayenza imikhuleko yakhe yokunxusa kathathu ngosuku.” Kuthe lapho inkosi isiwezwile lawo mazwi, yadabuka kakhulu, yazindla ngoDaniyeli ukuba imkhulule, yazama ukumhlenga kwaze kwaba sekushoneni kwelanga. Ayesebuthana lawo madoda aya enkosini, athi kuyo: “Yazi, nkosi, ukuthi kungumthetho wamaMede namaPheresiya ukuba kungaguqulwa siyalezo nasimiso esimiswa yinkosi.” Yayisiyaleza inkosi, walethwa uDaniyeli, waphonswa emphandwini wezingonyama. Inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “Sengathi uNkulunkulu wakho omkhonza njalo angakuhlenga.” Kwase kulethwa itshe, labekwa emlonyeni womphandu. Inkosi yalinamathelisa ngendandatho yayo nangendandatho yezikhulu zayo, ukuze kungaguqulwa lutho maqondana noDaniyeli. Inkosi yase iya esigodlweni sayo, yadlulisa ubusuku izila; izinsimbi ezibethwayo azilethwanga kuyo, ayizange ibuthi quthu ubuthongo.

UDaniyeli 6:4-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Khona abongameli nezikhulu bafuna ukuthola isizathu ngoDaniyeli ngombuso; kodwa abatholanga sizathu noma iphutha; ngokuba wayethembekile, akutholwanga siphambeko nacala kuye. Lawa madoda athi: “Asiyikuthola cala ngalo Daniyeli, ngaphandle kokuthi silithole kuye ngenxa yomthetho kaNkulunkulu wakhe.” Laba bongameli nezikhulu babuthana enkosini, bathi kuyo: “Nkosi Dariyu, phila kuze kube phakade! Bonke abongameli bombuso, nababusi, nezikhulu, nabeluleki, nababusi, bacebisana ukuba kumiswe isimiso sobukhosi, benze isinqumo esiqinile, sokuthi yilowo nalowo ocela isicelo kunoma yimuphi uNkulunkulu noma acele izinsuku ezingamashumi amathathu, ngaphandle kwakho, nkosi, iyophonswa emphandwini wezingonyama. Khathesi qinisa umthetho, nkosi, usayine umbhalo, ukuze ungaguquki njengomthetho wamaMede lamaPheresiya ongaguqukiyo. Ngakho inkosi uDariyu yawusayina umbhalo nomthetho. UDaniyeli esezwile ukuthi umbhalo usayiniwe, wangena endlini yakhe; amafasitele ekamelo lakhe evulekile ngaseJerusalema, waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho ebenzile ngaphambili. Khona lamadoda abuthana amfumana uDaniyeli ekhuleka enxusa phambi kukaNkulunkulu wakhe. Base besondela bakhuluma phambi kwenkosi ngesiyalezo senkosi; Awusayinanga yini umyalo wokuthi yilowo nalowo ocela isicelo kunoma yimuphi kuNkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu, ngaphandle kwakho, nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama? Inkosi yaphendula yathi: “Indaba iqinisile ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongaguqukiyo. Base bephendula, bathi phambi kwenkosi: “UDaniyeli, wabantwana bokuthunjwa bakwaJuda, akakulaleli, nkosi, noma umyalo owusayinileyo, kepha wenza isicelo sakhe kathathu ngosuku. Lapho inkosi isizwa lawa mazwi, yathukuthela kakhulu, yabeka inhliziyo yayo kuDaniyeli ukuba imkhulule; wasebenza kwaze kwashona ilanga ukumkhulula. Lawa madoda ayesebuthana nenkosi, athi enkosini: “Yazi, nkosi, ukuthi umthetho wamaMede namaPheresiya uthi akukho simemezelo nesimiso inkosi esimisayo esingaguqulwa. Khona-ke inkosi yayala, bamletha uDaniyeli, bamphonsa emphandwini wezingonyama. Inkosi yasikhuluma, yathi kuDaniyeli: UNkulunkulu wakho omkhonza njalo, uzakukhulula. Kwalethwa itshe, labekwa phezu komgodi womgodi; inkosi yayisinamathelisa ngendandatho yayo yophawu nangendandatho yophawu lwezikhulu zayo; ukuze kungaguqulwa inhloso ngoDaniyeli. Inkosi yayisingena endlini yayo, yachitha ubusuku izila ukudla; alethwanga izinsimbi zomculo phambi kwakhe, ubuthongo bakhe bamuka kuye.