UDaniyeli 6:19-24
UDaniyeli 6:19-24 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Inkosi yavuka kusempondozankomo, yaphuthuma emphandwini wezingonyama. Kwathi lapho inkosi isisondele kuwo kuDaniyeli, yamemeza ngezwi elinosizi; yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “Daniyeli, nceku kaNkulunkulu ophilayo, ngabe uNkulunkulu wakho omkhonza njalo ukwazile yini ukukuhlenga ezingonyameni na?” UDaniyeli wathi enkosini: “Mana njalo, nkosi. UNkulunkulu wami uthumele ingelosi yakhe, yavala imilomo yezingonyama, azingilimazanga, ngokuba kwatholakala ukuthi ngimsulwa phambi kwakhe; naphambi kwakho, nkosi, angikwenzanga okubi.” Inkosi yajabula kakhulu, yayala ukuba uDaniyeli akhushulwe emphandwini. UDaniyeli wayesekhushulwa kuwo, akutholakalanga myocu kuye, ngokuba wayemethembile uNkulunkulu wakhe. Inkosi yayaleza, alethwa lawo madoda ayemangalele uDaniyeli, aphonswa emphandwini wezingonyama, wona, abantwana bawo, nomkawo; izingonyama zabathelekela, zaqhobozela amathambo abo bengakafinyeleli naphansi emphandwini.
UDaniyeli 6:19-24 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Inkosi yavuka ekuseni kakhulu, yashesha yaya emphandwini wezingonyama. Kwathi isisondele emphandwini kuDaniyeli, yamemeza ngezwi elikhalayo; inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “Daniyeli, wena nceku kaNkulunkulu ophilayo, uNkulunkulu wakho omkhonza njalo angakukhulula kuzo izingonyama na?” UDaniyeli wathi enkosini: “Mana njalo, nkosi. UNkulunkulu uthumile ingelosi yakhe, wavimba imilomo yezingonyama, azingilimazanga, ngokuba kwafunyanwa kimi ukungabi nacala phambi kwakhe; naphambi kwakho, nkosi, angenzanga okubi.” Yayisijabula kakhulu inkosi, yayaleza ukuba uDaniyeli akhushulwe emphandwini. UDaniyeli wayesekhushulwa emphandwini, akufunyanwanga mcothu kuye, ngokuba wayemethembile uNkulunkulu wakhe. Inkosi yayaleza, alethwa lawo madoda ayemangalele uDaniyeli, aphonswa emphandwini wezingonyama, wona nabantwana bawo, nawomkawo; izingonyama zatheleka phezu kwabo, zachoboza amathambo abo, bengakafinyeleli phansi emphandwini.
UDaniyeli 6:19-24 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Khona-ke inkosi yavuka ekuseni kakhulu yaphuthuma emphandwini wezingonyama. Lapho ifika emgodini, yakhala kuDaniyeli ngesililo; inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “Daniyeli, nceku kaNkulunkulu ophilayo, uNkulunkulu wakho omkhonza njalo unamandla okukophula ezingonyameni na? UDaniyeli wasesithi enkosini: O nkosi, phila kuze kube nininini! UNkulunkulu wami uthumile ingelosi yakhe, yavala imilomo yamabhubesi, ukuze angangilimazanga, ngokuba kutholwe kimi ngingenacala phambi kwakhe; futhi phambi kwakho, nkosi, angenzanga okubi. Khona-ke inkosi yajabula kakhulu ngaye, yayala ukuba bamkhiphe uDaniyeli emgodini. UDaniyeli wakhishwa emgodini, akwafunyanwa ububi kuye, ngokuba wayekholwa kuNkulunkulu wakhe. Inkosi yasilaya, alethwa amadoda ayemangalele uDaniyeli, awaphosela emphandwini wezingonyama, wona, nabantwana bawo, nawomkawo; amabhubesi ababamba, bawaphula onke amathambo abo, noma baze bafika phansi emgodini.