UDaniyeli 6:11-14
UDaniyeli 6:11-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ayesebuthana lawo madoda, amthola uDaniyeli ekhuleka, enxusa kuNkulunkulu wakhe. Asondela phambi kwenkosi, akhuluma kuyo ngesiyalezo sayo, athi: “Awukhiphanga yini umthetho othi yilowo nalowo ocela kunoma yimuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingama-30, ngaphandle kwakho nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama na?” Inkosi yaphendula yathi: “Kuyiqiniso lokho ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.” Ayesephendula phambi kwenkosi ethi kuyo: “UDaniyeli ongomunye wabathunjwa bakwaJuda akakushayi mkhuba wena nkosi, nomthetho owulobileyo, kepha uyayenza imikhuleko yakhe yokunxusa kathathu ngosuku.” Kuthe lapho inkosi isiwezwile lawo mazwi, yadabuka kakhulu, yazindla ngoDaniyeli ukuba imkhulule, yazama ukumhlenga kwaze kwaba sekushoneni kwelanga.
UDaniyeli 6:11-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ayesebuthana lawo madoda, amfumana uDaniyeli ekhuleka, enxusa kuNkulunkulu wakhe. Asondela, akhuluma phambi kwenkosi ngesiyalezo senkosi, athi: “Asithi ulobile isiyalezo sokuthi yilowo nalowo ocela nakumuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu, kuphela kuwe nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama na?” Inkosi yaphendula yathi: “Iqinisile leyo nto ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.” Ayesephendula ethi phambi kwenkosi: “UDaniyeli lowo ongowabathunjwa bakwaJuda akakunaki wena nkosi, nesiyalezo osilobileyo, kepha uyacela isicelo sakhe kathathu ngosuku.” Lapho inkosi isizwile lawa mazwi, yadabuka kakhulu, yayibeka inhliziyo yayo kuDaniyeli ukuba imkhulule, yazama ukumophula kwaze kwaba sekushoneni kwelanga.
UDaniyeli 6:11-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Khona lamadoda abuthana amfumana uDaniyeli ekhuleka enxusa phambi kukaNkulunkulu wakhe. Base besondela bakhuluma phambi kwenkosi ngesiyalezo senkosi; Awusayinanga yini umyalo wokuthi yilowo nalowo ocela isicelo kunoma yimuphi kuNkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu, ngaphandle kwakho, nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama? Inkosi yaphendula yathi: “Indaba iqinisile ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongaguqukiyo. Base bephendula, bathi phambi kwenkosi: “UDaniyeli, wabantwana bokuthunjwa bakwaJuda, akakulaleli, nkosi, noma umyalo owusayinileyo, kepha wenza isicelo sakhe kathathu ngosuku. Lapho inkosi isizwa lawa mazwi, yathukuthela kakhulu, yabeka inhliziyo yayo kuDaniyeli ukuba imkhulule; wasebenza kwaze kwashona ilanga ukumkhulula.