UDaniyeli 3:16-28

UDaniyeli 3:16-28 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

OShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego baphendula, bathi enkosini: “Nebukadinesari, thina asidingi ukukuphendula kule ndaba. Uma kunjalo, uNkulunkulu wethu esimkhonzayo unamandla okusikhulula esithandweni somlilo ovuthayo; yebo, uyakusikhulula esandleni sakho, nkosi. Kepha noma kungenjalo, makwazeke kuwe nkosi ukuthi asiyikukhonza onkulunkulu bakho, ngeke sakhuleka esithombeni segolide osimisileyo.” Khona uNebukadinesari wagcwala ukufutheka, nesimo sobuso bakhe saguquka ngenxa yoShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego; wakhuluma wayaleza ukuba isithando somlilo sishiswe kasikhombisa ngaphezu kwalokho okuke kwabonwa sishiswa ngakho. Wayeseyaleza amadoda anamandla asempini yakhe ukuba abophe oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego, abaphonse esithandweni somlilo ovuthayo. Aboshwa-ke lawa madoda egqoke amayembe, namabhulukwe, nezigqoko, nezinye izingubo, aphonswa phakathi kwesithando somlilo ovuthayo. Ngalokho ngokuba isiyalezelo senkosi sasicindezele, nesithando somlilo sasishisa kakhulu, ilangabi lomlilo lawabulala lawo madoda abakhuphula oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego. Kepha lawa madoda amathathu, oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego, awela phansi eboshiwe phakathi nesithando somlilo ovuthayo. Khona uNebukadinesari inkosi wethuka, wasuka wakhuluma, wathi kwabomkhandlu wakhe: “Angithi siphonse amadoda amathathu eboshiwe phakathi komlilo na?” Baphendula, bathi enkosini: “Uqinisile, nkosi.” Yaphendula yathi: “Bhekani, ngibona amadoda amane akhululekileyo ehamba phakathi komlilo, awachithwanga; ukubonakala kweyesine kunjengendodana yawonkulunkulu.” Wayesesondela uNebukadinesari emnyango wesithando somlilo ovuthayo; wakhuluma wathi: “Shadiraki, Meshaki, no-Abedi Nego, nina zinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke, phumani nize lapha.” Base bephuma oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego phakathi komlilo. Izikhulu, nababusi, nezinduna, nabomkhandlu wenkosi babuthana, babona lawo madoda ukuthi umlilo awubanga namandla emizimbeni yawo, kungahamukanga lunwele olulodwa emakhanda awo, engaguqukanga amayembe awo, lingasondelanga kuwo nephunga lomlilo. UNebukadinesari wakhuluma wathi: “Makabongwe uNkulunkulu wawoShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego, othumile ingelosi yakhe, wakhulula izinceku zakhe ebezimethemba, zaze zaguqula izwi lenkosi, zanikela imizimba yazo ukuba zingakhonzi, zingakhuleki kunkulunkulu noyedwa, uNkulunkulu wabo kuphela.

UDaniyeli 3:16-28 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego baphendula, bathi enkosini: “Nebukhadinezari, thina asidingi ukukuphendula kule ndaba. Uma kunjalo, uNkulunkulu wethu esimkhonzayo unamandla okusikhulula esithandweni somlilo ovuthayo; yebo, uyakusikhulula esandleni sakho, nkosi. Kepha noma kungenjalo, makwazeke kuwe nkosi ukuthi asiyukukhonza onkulunkulu bakho, asiyukukhuleka esithombeni segolide osimisileyo.” Khona uNebukhadinezari wathukuthela wafa, nesimo sobuso bakhe saguquka ngenxa kaShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego; wakhuluma wayaleza ukuba isithando somlilo sibaselwe kasikhombisa ngaphezu kwalokho okwejwayeleke ukuba sibaselwe ngakho. Wayeseyaleza amadoda anamandla ayengawempi yakhe ukuba abophe uShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego, abaphonse esithandweni somlilo ovuthayo. Ngakho-ke aboshwa lawo madoda egqoke amayembe, amabhulukwe, izigqoko, nezinye izingubo; aphonswa phakathi kwesithando somlilo ovuthayo. Ngalokho ngokuba umyalo wenkosi wawunesihluku, nesithando somlilo sishisa ngokwedlulele, ilangabi lomlilo lawabulala lawo madoda ayequkula uShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego. Kepha lawa madoda amathathu; oShadirakhi, noMeshakhi, no-Abhedi Nego, awela phansi eboshiwe phakathi esithandweni somlilo ovuthayo. Khona uNebukhadinezari, inkosi wethuka, wasuka ngokushesha wakhuluma kwabomkhandlu wakhe, wathi: “Angithi siphonse amadoda amathathu eboshiwe phakathi komlilo na?” Baphendula, bathi enkosini: “Uqinisile, nkosi.” Yaphendula yathi: “Bhekani, ngibona amadoda amane akhululekileyo ehamba phakathi komlilo, awafanga; eyesine ibonakala ifana nendodana yonkulunkulu.” Wayesesondela uNebukhadinezari emnyango wesithando somlilo ovuthayo; wakhuluma wathi: “Shadirakhi, Meshakhi, no-Abhedi Nego, nina zinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke, phumani nize lapha.” Base bephuma oShadirakhi, noMeshakhi, no-Abhedi Nego phakathi komlilo. Izikhulu, ababusi, izinduna, nabomkhandlu wenkosi babuthana, babona lawa madoda ukuthi umlilo awubanga namandla emizimbeni yawo, akuhangukanga nolulodwa unwele emakhanda awo, namayembe awo awaguqukanga, ngisho nephunga lomlilo alisondelanga kuwo. UNebukhadinezari wakhuluma, wathi: “Makabongwe uNkulunkulu woShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego, othumele ingelosi yakhe, wakhulula izinceku zakhe ebezimethemba, zanikela imizimba yazo ukuba zingakhonzi, zingakhuleki nakoyedwa unkulunkulu, kuphela uNkulunkulu wazo, zalishaya indiva izwi lenkosi.

UDaniyeli 3:16-28 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

OShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego baphendula, bathi enkosini: “Nebukadinesari, thina asidingi ukukuphendula kule ndaba. Uma kunjalo, uNkulunkulu wethu esimkhonzayo unamandla okusikhulula esithandweni somlilo ovuthayo; yebo, uyakusikhulula esandleni sakho, nkosi. Kepha noma kungenjalo, makwazeke kuwe nkosi ukuthi asiyikukhonza onkulunkulu bakho, ngeke sakhuleka esithombeni segolide osimisileyo.” Khona uNebukadinesari wagcwala ukufutheka, nesimo sobuso bakhe saguquka ngenxa yoShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego; wakhuluma wayaleza ukuba isithando somlilo sishiswe kasikhombisa ngaphezu kwalokho okuke kwabonwa sishiswa ngakho. Wayeseyaleza amadoda anamandla asempini yakhe ukuba abophe oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego, abaphonse esithandweni somlilo ovuthayo. Aboshwa-ke lawa madoda egqoke amayembe, namabhulukwe, nezigqoko, nezinye izingubo, aphonswa phakathi kwesithando somlilo ovuthayo. Ngalokho ngokuba isiyalezelo senkosi sasicindezele, nesithando somlilo sasishisa kakhulu, ilangabi lomlilo lawabulala lawo madoda abakhuphula oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego. Kepha lawa madoda amathathu, oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego, awela phansi eboshiwe phakathi nesithando somlilo ovuthayo. Khona uNebukadinesari inkosi wethuka, wasuka wakhuluma, wathi kwabomkhandlu wakhe: “Angithi siphonse amadoda amathathu eboshiwe phakathi komlilo na?” Baphendula, bathi enkosini: “Uqinisile, nkosi.” Yaphendula yathi: “Bhekani, ngibona amadoda amane akhululekileyo ehamba phakathi komlilo, awachithwanga; ukubonakala kweyesine kunjengendodana yawonkulunkulu.” Wayesesondela uNebukadinesari emnyango wesithando somlilo ovuthayo; wakhuluma wathi: “Shadiraki, Meshaki, no-Abedi Nego, nina zinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke, phumani nize lapha.” Base bephuma oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego phakathi komlilo. Izikhulu, nababusi, nezinduna, nabomkhandlu wenkosi babuthana, babona lawo madoda ukuthi umlilo awubanga namandla emizimbeni yawo, kungahamukanga lunwele olulodwa emakhanda awo, engaguqukanga amayembe awo, lingasondelanga kuwo nephunga lomlilo. UNebukadinesari wakhuluma wathi: “Makabongwe uNkulunkulu wawoShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego, othumile ingelosi yakhe, wakhulula izinceku zakhe ebezimethemba, zaze zaguqula izwi lenkosi, zanikela imizimba yazo ukuba zingakhonzi, zingakhuleki kunkulunkulu noyedwa, uNkulunkulu wabo kuphela.

UDaniyeli 3:16-28 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

OShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego baphendula, bathi enkosini: “Nebukadinesari, asiqinanga ukuba sikuphendule ngale ndaba. Uma kunjalo, uNkulunkulu wethu osikhonzayo angasikhulula esithandweni somlilo ovuthayo, asikhulule esandleni sakho, nkosi. Kepha uma kungenjalo, makwazeke kuwe, nkosi, ukuthi asiyikukhonza onkulunkulu bakho, sikhuleke esithombeni segolide osimisileyo. Khona uNebukadinesari wagcwala intukuthelo, nesimo sobuso bakhe sashintsha kuShadiraki, noMeshaki, no-Abhedinego; ngakho-ke wakhuluma futhi wayala ukuthi isithando somlilo kufanele sibase ngokuphindwe kasikhombisa kunalokho esijwayele ukushiswa ngaso. Wayala amaqhawe ayesempini yakhe ukuba abophe oShadiraki, noMeshaki, no-Abhedinego, abaphonse esithandweni somlilo ovuthayo. Khona-ke la madoda aboshwa egqoke izingubo zawo, amabhulukwe nezigqoko nezinye izingubo zawo, aphonswa phakathi kwesithando somlilo ovuthayo. Ngakho-ke, ngenxa yokuthi umyalo wenkosi wawushubile futhi isithando somlilo sasishisa kakhulu, ilangabi lomlilo lawabulala lawo madoda athatha oShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego. Lawa madoda amathathu, oShadiraki, noMeshaki, no-Abhedinego, awela eboshwe izandla phakathi kwesithando somlilo ovuthayo. Khona-ke inkosi uNebukadinesari yamangala, yasukuma ngokushesha, yathi kubaphathi bayo: “Asiphonsanga yini amadoda amathathu eboshwe izandla emlilweni na? Baphendula, bathi enkosini: Kuyiqiniso, nkosi! Waphendula wathi: “Bheka, ngibona amadoda amane ehamba phakathi komlilo, awalimalanga; nesimo sesine sinjengeNdodana kaNkulunkulu. UNebukadinesari wasondela emnyango wesithando somlilo ovuthayo, wakhuluma wathi: “Shadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego, zinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke, phumani nize lapha. Khona-ke uShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego baphuma emlilweni. Izikhulu, nababusi, nezinduna, nabeluleki benkosi ababebuthene bawabona lawa madoda, umlilo wawungenamandla emizimbeni yawo, nonwele lwamakhanda awo aluzange lushunqe, nezingubo zawo aziguqukanga, futhi iphunga lomlilo lidlule phezu kwabo. UNebukadinesari wakhuluma, wathi: “Makatuswe uNkulunkulu kaShadiraki, uMeshaki no-Abedi Nego, othume ingelosi yakhe, wakhulula izinceku zakhe ezimethembayo, waguqula izwi lenkosi, wakhulula imizimba yazo, ukuze bangamkhonzi, bakhulekele noma yimuphi unkulunkulu. Kodwa uNkulunkulu wabo.