UDaniyeli 1:12-16
UDaniyeli 1:12-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Ake ulinge izinceku zakho izinsuku ezilishumi, basiphe imifino yokudla namanzi okuphuza. Bese kuvezwa ubuso bethu phambi kwakho nobuso babafana abadla isabelo sokudla kwenkosi, wenze ezincekwini zakho njengokubona kwakho.” Yabalalela kulokho, yabalinga izinsuku ezilishumi. Ngasekupheleni kwezinsuku ezilishumi, ubuso babo babonakala bubuhle, babekhuluphele emzimbeni kunabo bonke abafana ababedla isabelo sokudla kwenkosi. Inceku yayisisusa isabelo sokudla newayini lokuphuza, yabapha imifino.
UDaniyeli 1:12-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Ake ulinge izinceku zakho izinsuku eziyishumi, basiphe imifino yokudla namanzi okuphuza. Bese bubekwa ubuso bethu phambi kwakho kanye nobuso babafana abadla isabelo sokudla kwenkosi, wenze ezincekwini zakho njengokubona kwakho.” Yabalalela kule nto, yabalinga izinsuku eziyishumi. Ngasekugcineni kwezinsuku eziyishumi ubuso babo babonakala bubuhle, babekhuluphele emzimbeni kunabo bonke abafana ababedla isabelo sokudla kwenkosi. Inceku yayisisusa isabelo sokudla newayini lokuphuza, yabapha imifino.
UDaniyeli 1:12-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Zivivinye izinceku zakho izinsuku eziyishumi; futhi mabasinike imifino ukuze sidle namanzi ukuba siphuze. Khona ubuso bethu mabube ubuso bakho nobuso babantwana abadla isabelo sokudla kwenkosi, wenze ezincekwini zakho ngokubona kwakho. Wavumelana nabo kule ndaba, wabavivinya izinsuku eziyishumi. Ekupheleni kwezinsuku eziyishumi ubuso babo babonakala buhle kakhulu, zikhuluphele kunabo bonke abantwana abadla ukudla kwenkosi. Ngakho uMelzari wathatha ingxenye yenyama yabo newayini ababenalo ukuze baliphuze; futhi wanikeza umphefumulo wabo.