KwabaseKolose 4:2-6
KwabaseKolose 4:2-6 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Qhubekani nikhuleka, nilinde kukho ngokubonga; nisikhulekele nathi, ukuba uNkulunkulu asivulele umnyango wenkulumo, ukuba sikhulume imfihlakalo kaKristu, engiboshiwe ngenxa yayo; ukuze ngibonakalise, njengoba kufanele ngikhulume. Hambani ngokuhlakanipha kwabangaphandle, nithengisise isikhathi. Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.
KwabaseKolose 4:2-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Qiniselani ekukhulekeni, nilinde nikuwo ninokubonga. Nisikhulekele nathi ukuba uNkulunkulu asivulele umnyango wezwi ukuba sishumayele imfihlakalo kaKhristu engiboshwe ngenxa yayo, ukuze ngiyibonakalise njengalokhu ngifanele ukukhuluma. Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi. Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyoliswe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.
KwabaseKolose 4:2-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho ninokubonga. Nathi nisikhulekele, ukuze uNkulunkulu asivulele umnyango wezwi ukuba sikhulume imfihlakalo kaKristu engiboshwe ngenxa yayo, ukuze ngiyibonakalise njengalokhu ngifanele ukukhuluma. Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi. Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.
KwabaseKolose 4:2-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)