KwabaseKolose 3:11-15
KwabaseKolose 3:11-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
lapho kungekho mGriki namJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kodwa uKhristu uyikho konke, kubo bonke. Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele enhliziyweni; isisa, ukuzithoba, ubumnene, nokuqinisela ekuhluphekeni; nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enesikhalo ngomunye, njengokuba neNkosi yanithethelela, nani yenzani kanjalo. Phezu kwakho konke lokho, yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela. Ukuthula kukaKhristu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa kukho futhi emzimbeni munye; yibani ngababongayo.
KwabaseKolose 3:11-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
lapho kungekho khona umGreki nomJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe, umSkithe, isigqila noma okhululekile, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke. Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani izinhliziyo zesihe, umusa, ukuthobeka, ubumnene, nokubekezela; nibekezelelana, nithethelelane, uma umuntu enensongo komunye; Phezu kwakho konke lokho yembathani uthando, oluyisibopho sokuphelela. Ukuthula kukaNkulunkulu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa kukho futhi emzimbeni munye; futhi nibonge.
KwabaseKolose 3:11-15 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
lapho kungekho khona umGreki nomJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe, umSkithe, isigqila noma okhululekile, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke. Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani izinhliziyo zesihe, umusa, ukuthobeka, ubumnene, nokubekezela; nibekezelelana, nithethelelane, uma umuntu enensongo komunye; Phezu kwakho konke lokho yembathani uthando, oluyisibopho sokuphelela. Ukuthula kukaNkulunkulu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa kukho futhi emzimbeni munye; futhi nibonge.
KwabaseKolose 3:11-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
lapho kungekho mGreki namJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke. Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade, nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani. Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela. Ukuthula kukaKristu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa futhi kukho emzimbeni munye; futhi yibani ngababongayo.