KwabaseKolose 2:20-23
KwabaseKolose 2:20-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Uma nafa kanye noKhristu, nakhululwa ezimfundisweni zokucathula kwezwe, pho kungani kungathi nisaphila ngokwezwe, nithobela izimfundiso ezithi: “Ungathinti, unganambithi ngolimi, futhi ungabambi!” Konke lokho kuyizinto eziphelayo uma sezisetshenzisiwe ngokwemiyalo nezimfundiso zabantu. Konke kubonakala sengathi kunokuhlakanipha kokwenza abantu baziqokele inkolo eluthayo, nokuzenza abathobileyo, nokukhandla umzimba, kodwa akusizi ngalutho maqondana nokuzithiba ezinkanukweni zenyama.
KwabaseKolose 2:20-23 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngakho-ke uma nafile kanye noKristu kuzo iziqalo zezwe, kungani niphila ezweni nithobela izimiso na? (Ungathinti, unganambithi, ungabambi; zonke eziyakubhubha ngokusetshenziswa,) ngokwemiyalo nezifundiso zabantu? Izinto ezibonakala zihlakaniphile ekukhonzeni intando, lokuzithoba, lokudebeselela umzimba; kungahlonitshwa ngandlela thize kuze eneliseke inyama.
KwabaseKolose 2:20-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Uma nifile kanye noKristu nakhululwa ezifundisweni zokucathula kwezwe, yini ukuba okungathi nisaphila ngokwezwe nithobele izifundiso zokuthi: “Ungaphathi, ungezwa ngolimi, ungathinti,” okuphela konke ngokudliwa ngokweziyalezo nezifundiso zabantu ezinegama lokuhlakanipha kambe ngokuzikhethela inkonzo, nangokuzithoba, nangokuhlupha umzimba; akusizi lutho maqondana nokuzithiba kwenyama.
KwabaseKolose 2:20-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)