KwabaseKolose 1:1-12
KwabaseKolose 1:1-12 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
UPawuli, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane, kubo abangcwele nabazalwane abathembekileyo kuKristu abaseKolose: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. Sibonga uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu, sinikhulekela njalo, njengoba sezwa ngokukholwa kwenu kuKristu Jesu, nothando eninalo kubo bonke abangcwele. Ngokuba ithemba enibekelwe lona ezulwini, enalizwa ngaphambili ngezwi leqiniso levangeli; elifikile kini, njengasezweni lonke; lithela isithelo, njengalokhu lisenza lakini, kusukela osukwini elakuzwa ngalo, lawazi umusa kaNkulunkulu ngeqiniso; njengalokhu lafunda kuEphafra inceku kanye lathi ethandekayo, oyisikhonzi esithembekileyo sikaKristu ngenxa yenu; owasibikela futhi ngothando lwenu ngoMoya. Ngalokho nathi, kusukela osukwini esakuzwa ngalo, asiphezi ukunikhulekela, nokunxusa ukuba nigcwaliswe ukwazi intando yakhe kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda kokomoya; ukuze nihambe ngokufanele iNkosi ngokuthokozisa konke, nithela kuyo yonke imisebenzi emihle, nikhule ekwazini uNkulunkulu; Niqiniswe ngamandla onke ngokwamandla enkazimulo yakhe, kube kukho konke ukubekezela nokubekezela kanye nentokozo; sibonga uBaba osenze safaneleka ukuhlanganyela efeni labangcwele ekukhanyeni
KwabaseKolose 1:1-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu ngokwentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane, kubo abangcwele baseKholose, nabazalwane abakholekileyo kuKhristu: makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu. Simbonga njalo uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, uma sinikhulekela, ngokuba sizwile ngokukholwa kwenu kuKhristu uJesu nangothando eninalo kubo bonke abangcwele, ngenxa yethemba enibekelwe lona ezulwini, enezwa ngalo phambilini ngezwi leqiniso levangeli, elifikile kini, njengalokhu likhona ezweni lonke, lithela izithelo, landa, njengalokhu kwenzeka naphakathi kwenu, kusukela ngosuku enalizwa ngalo, nawazi umusa kaNkulunkulu ngeqiniso, njengalokhu nafunda ku-Ephafra othandekayo, oyinceku kanye nathi, isikhonzi esethembekileyo sikaKhristu ngenxa yenu; okunguyena futhi owasitshela ngothando lwenu ngoMoya. Ngakho-ke nathi, kusukela ngosuku esezwa ngalo, asiyeki ukunikhulekela sicela ukuba nigcwaliswe ngolwazi lwentando yakhe kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda okungokomoya, ukuze nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke, nithela izithelo kuyo yonke imisebenzi elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu, niqiniswe ngokuqiniswa konke ngokwamandla enkazimulo yakhe, ukuze nikwazi ukuqinisela kukho konke, nibekezela ngokujabula, nibonga uYise owanenza nafanela ukuba nesabelo sefa labangcwele ekukhanyeni
KwabaseKolose 1:1-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane kubo abaseKolose, abangcwele nabazalwane abakholwayo kuKristu; makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu. Simbonga njalonjalo uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu, nxa sinikhulekela, lokhu sizwile ngokukholwa kwenu kuKristu Jesu nangothando eninalo kubo bonke abangcwele, ngenxa yethemba enibekelwe lona ezulwini, enezwa ngalo ngaphambili ngezwi leqiniso levangeli elifikile kini, njengalokhu likhona ezweni lonke lithela izithelo, landa, njengokuba kunjalo naphakathi kwenu, kusukela osukwini enezwa ngalo, nazi umusa kaNkulunkulu ngeqiniso, njengalokho nafunda ku-Ephafra othandekayo oyinceku kanye nathi, oyisikhonzi esithembekayo sikaKristu ngenxa yenu; okunguyena futhi wasitshela ngothando lwenu ngoMoya. Ngalokho nathi, kusukela osukwini esezwa ngalo, asiyeki ukunikhulekela nokuninxusela ukuba nigcwaliswe ngokwazi intando yakhe ngokuhlakanipha konke nokuqonda okungomoya, nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke, nithela izithelo emisebenzini yonke elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu, niqiniswe nokuqiniswa konke ngokwamandla enkazimulo yakhe, kuze kube ngukubekezela konke nokubheka kade ngokujabula; nibonga uYise owanenza nifanele isabelo sefa labangcwele ekukhanyeni
KwabaseKolose 1:1-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)