U-Amose 8:1-14

U-Amose 8:1-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)

INkosi uSimakade yangibonisa kanje: Bheka, ngabona iqoma linezithelo zasehlobo. Yathi kimi: “Amose, ubonani na?” Ngathi: “Iqona elinezithelo zasehlobo.” USimakade wayesethi kimi: “Isikhathi sokuthalalisa kubantu bami u-Israyeli sesiphelile; angisayukubaxolela. Ngalolo lusuku, amaculo asethempelini ayakuba ngawokukhihla isililo, ziyakuba ziningi izidumbu eziyakudindiliza, zilahlwe kuzo zonke izindawo. Thulani!” kusho iNkosi uSimakade. Yizwani lokhu nina eninyathela abantulayo, niqede nya abasweleyo bezwe, nithi: “Kuyakudlula nini ukwethwesa kwenyanga ukuze sithengise ngokusanhlamvu, kudlule nesabatha ukuze sithengise ngokolo na? Senze i-efa libe lincane, neshekeli libe likhulu, senze nezilinganiso zenkohliso, ukuba kuthengwe abampofu ngesiliva nabantulayo ngezimbadada, sithengise nangomuhu wokusanhlamvu.” USimakade uzifunge Yena ngenxa yokuziqhenya kukaJakobe, wathi: “Impela angiyukuzikhohlwa nanini izenzo zabo. “Umhlaba awuyukuzamazama yini ngenxa yalokho, balile bonke abahlala kuwo na? Impela, uyakukhukhumala wonke njengomfula, uqonge, ubuye ubohle njengomfula eGibhithe. “Ngalolo lusuku ngiyakwenza ukuba ilanga lishone emini, ngenze kube mnyama emhlabeni emini kwabha,” kusho iNkosi uSimakade. “Ngiyakuguqula amadili enu abe ngukukhala, namaculo enu wonke abe yisililo, ngiyakubhincisa zonke izinkalo zenu ngendwangu eyisaka, ngenze amakhanda abe zimpandla, kube njengokulilela indodana eyodwa, ukuphela kwalokho kuyakufana nosuku olunomunyu.” “Niyabona-ke, ziyeza izinsuku, lapho ngiyakuthumela indlala ezweni, hhayi indlala yesinkwa, hhayi eyokomela amanzi, kodwa indlala yokuzwa amazwi kaSimakade,” kusho uSimakade. “Abantu bayodiyazela kusuka olwandle kuya olwandle, behla benyuka kusukela enyakatho kuya empumalanga, bazulazule befuna izwi likaSimakade, kodwa abayukulifumana. “Ngalolo lusuku izintombi ezinhle nezinsizwa ziyakuquleka ngenxa yokoma. Labo abafunga icala laseSamariya, bathi: ‘Ngokuphila konkulunkulu bakho, Dani,’ nokuthi: ‘Ngokuphila kwendlela eBheri Sheba,’ bayakuwa, bangaphinde bavuke.”

Dlulisela
Funda U-Amose 8

U-Amose 8:1-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

INkosi uJehova yayisingibonisa kanje: bheka, nanto iqoma lezithelo zasehlobo. Yathi: “Amose, ubonani na?” Ngathi: “Iqoma lezithelo zasehlobo.” Wayesethi uJehova kimi: “Ukuphela sekufikile kubantu bami u-Israyeli; angisayikumdlula. “Izihlabelelo zethempeli ziyakuba ngukuhhewula ngalolo suku,” isho iNkosi uJehova; “izidumbu ziyakuba ziningi, zilahlwe ezindaweni zonke. Thulani!” Yizwani lokhu nina enigwinya abampofu, nenichitha abaswelayo bezwe, nithi: “Kuyakudlula nini ukwethwasa kwenyanga ukuba sithengise ngamabele, nesabatha ukuba sikhiphe ukolweni, senze i-efa* libe lincane, senze ishekeli* libe likhulu, senze izilinganiso ukuba zikhohlise, ukuze sithenge abampofu ngesiliva nabaswelayo ngamabhangqa ezicathulo, sithengise ngamahlunge kakolweni.” UJehova ufungile ukuziqhenya kukaJakobe ngokuthi: “Impela angiyikukhohlwa kuze kube phakade nesisodwa sezenzo zabo. “Umhlaba awuyikuqhaqhazela ngalokho, balile bonke abakhileyo kuwo, na? Yebo, uyakukhukhumala wonke njengeNayile, unyakaze, ubuye ubohle njengomfula waseGibithe. “Kuyakuthi ngalolo suku,” isho iNkosi uJehova, “ngilishonise ilanga emini, ngenze ukuba kube mnyama emhlabeni emini ekhanyayo. Ngiyakuphendula imikhosi yenu ibe ngukukhala, nezihlabelelo zenu zonke zibe yizililo, ngibeke izindwangu zamasaka ezinkalweni zonke, nobumpandla kuwo onke amakhanda, ngikwenze kube njengokulilela indodana eyodwa, ukuphela kwakho kube njengosuku olumunyu.” “Bhekani, izinsuku ziyeza,” isho iNkosi uJehova, “lapho ngiyakuthuma indlala ezweni, kungabi yindlala yezinkwa, kungabi ngukomela amanzi, kepha kube ngeyokuzwa amazwi kaJehova. Bayakuzulazula kusukela elwandle kuze kube selwandle, kusukela enyakatho kuze kube sempumalanga, bahambahambe ukufuna izwi likaJehova, kepha abayikulifumana. “Ngalolo suku izintombi ezinhle nezinsizwa ziyakudangala ukoma. Abafunga icala laseSamariya, bathi: ‘Kuphila kukankulunkulu wakho, Dani,’ nokuthi: ‘Kuphila kothandiweyo wakho, Beri Sheba,’ bayakuwa, bangabe besavuka.”

Dlulisela
Funda U-Amose 8

U-Amose 8:1-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

INkosi uJehova yangibonisa kanje: bheka, kukhona iqoma lezithelo zasehlobo. Wathi: “Amose, ubonani na?” Futhi ngathi: Ubhasikidi izithelo zasehlobo. Wayesethi uJehova kimi: “Ukuphela sekufike kubantu bami u-Israyeli; Ngeke ngiphinde ngibadlule. Izihlabelelo zethempeli ziyakukhamuluka ngalolo suku, isho iNkosi uJehova: izidumbu ziyakuba ziningi endaweni yonke; bayozixosha ngokuthula. Yizwani lokhu, nina enidla abampofu, yebo, ukuze nenze abampofu bezwe baphele amandla; Lathi: Kuzaphela nini ukwethwasa kwenyanga ukuze sithengise amabele? nesabatha, ukuze sihlukanise ukolweni ngokunciphisa i-efa neshekeli libe likhulu, sikhohlise isikali ngobuqili? ukuthi singathenga abampofu ngesiliva, nabampofu ngamabhangqa ezicathulo; yebo, nithengise ngemfucumfucu kakolweni na? UJehova wafunga ngobukhosi bukaJakobe, wathi: “Angiyikukhohlwa nokuyikho imisebenzi yabo. Ngeke yini izwe lithuthumele ngenxa yalokhu futhi bonke abahlala kulo balile? futhi liyakukhuphuka liphele njengozamcolo; liyakuphonswa ngaphandle, liminze njengomfula waseGibithe. Ngalolo suku, isho iNkosi uJehova, ngiyakwenza ukuba ilanga lishone emini bebade, ngenze ubumnyama emhlabeni emini libalele. Ngiyakuphendula imikhosi yenu ibe-yisililo, nazo zonke izingoma zenu zibe isililo; ngiyakwenza ukuba kukhuphuke indwangu yesaka ezinkalweni zonke nempandla emakhanda onke; ngiyakukwenza kube njengesililo sendodana eyodwa, nokuphela kwakho kube njengosuku olubabayo. Bhekani, izinsuku ziyeza, isho iNkosi uJehova, lapho ngiyakuthuma khona indlala ezweni, kungabi-yindlala yesinkwa, kungabi ngokomela amanzi, kodwa eyokuzwa amazwi kaJehova. Bayozulazula besuka olwandle kuze kube selwandle, kusukela enyakatho kuze kufike empumalanga, bayahambahamba befuna izwi likaJehova, bangalitholi. Ngalolo suku izintombi ezinhle nezinsizwa ziyoquleka ngenxa yokoma. Labo abafunga isono seSamariya bathi: Kuphila unkulunkulu wakho, Dani! nokuthi: Indlela yaseBeri Sheba; nabo bayakuwa, bangabe besavuka.

Dlulisela
Funda U-Amose 8