U-Amose 5:10-15
U-Amose 5:10-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Bayamzonda okhuzayo esangweni; bamenyanye okhuluma iqiniso elimsulwa. “Ngakho-ke ngenxa yokuthi nicindezela abampofu, nithathe kubo ngenkani okusanhlamvu, noma ningakha izindlu ngamatshe abaziweyo, kodwa aniyukuhlala kuzo, noma ningatshala izivini ezinhle, kepha aniyukuliphuza iwayini lazo. Ngokuba ngiyazi ukuthi iziphambeko zenu ziningi, nokuthi izono zenu zinkulu kangakanani, nina enicindezela abalungileyo, nemukele umfumbathiso, nithalalise udaba lwabantulayo esangweni. Ngakho-ke ohlakaniphileyo uyakuthula ngaleso sikhathi, ngokuba yisikhathi esibi. “Funani okuhle, hhayi okubi, ukuze niphile, uyakuba nani uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, njengoba nani nishilo kanjalo. Zondani okubi, nithande okuhle; niqinise ubulungiswa esangweni, hleze uSimakade uNkulunkulu Wamabandla ayihawukele insali kaJosefa.”
U-Amose 5:10-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Bayamzonda ofakazela ukulunga esangweni; okhuluma ubuqotho banengwa nguye. Ngalokho, ngokuba ninyathela abampofu, namukele kuye isipho samabele, noma nakha izindlu ngamatshe abaziweyo aniyikuhlala kuzo, nokuba nitshala izivini ezinhle aniyikuphuza iwayini lazo. Ngokuba ngiyazi ukuthi iziphambeko zenu ziningi nokuthi izono zenu zinkulu, nina enicindezela abalungileyo, namukela umvuzo, nenichezukisa abampofu esangweni. Ngalokho ohlakaniphileyo uyakuthula ngaleso sikhathi, ngokuba kuyisikhathi esibi lesi. Funani okuhle, hhayi okubi, ukuze niphile, abe nani uJehova uNkulunkulu Sebawoti kanjalo, njengalokhu nisho. Zondani okubi, nithande okuhle, nimise ukwahlulela esangweni; mhlawumbe uJehova uNkulunkulu Sebawoti uyakuba nomusa kuyo insali yakwaJosefa.
U-Amose 5:10-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Bayamzonda okhuzayo esangweni, bamenyanya okhuluma ukulunga. Kusukela lapho ninyathela ompofu, nithatha isithungu senu, nakhe izindlu zamatshe abaziweyo, kepha aniyikuhlala kuzo; nitshale izivini ezithandekayo, kepha aniyikuphuza iwayini lazo. Ngokuba ngiyazazi iziphambeko zenu eziningi nezono zenu ezinamandla; Ngakho abahlakaniphileyo bayakuthula ngalesi sikhathi; ngoba kuyisikhathi esibi. Funani okuhle, hhayi okubi, ukuze niphile; kanjalo iNkosi, uNkulunkulu Sebawoti, ibe nani, njengalokho nikhulumile. Zondani okubi, nithande okuhle, nimise ukulunga esangweni; mhlawumbe uJehova uNkulunkulu Sebawoti uyakuba nomusa kuyo insali kaJosefa.