IzEnzo 9:17-20
IzEnzo 9:17-20 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
U-Ananiya wayesehamba, wangena endlini; ebeka izandla phezu kwakhe, wathi: “Sawulu mzalwane, iNkosi ingithumile uJesu, owabonakala kuwe endleleni oze ngayo, ukuba ubuye ubuye ubuye ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele. Kwawa masinyane emehlweni akhe kungathi izinkwethu, wabuye wabona, wasukuma, wabhapathizwa. Kwathi esekudlile waqiniswa. Khona-ke uSawulu wayenabafundi baseDamaseku izinsuku ezithile. Masinyane washumayela emasinagogeni ngoKristu ukuthi yena uyiNdodana kaNkulunkulu.
IzEnzo 9:17-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
U-Ananiya wahamba, wangena endlini, wabeka izandla phezu kukaSawula, wathi: “Sawula, mzalwane, iNkosi uJesu ebonakale kuwe endleleni obuza ngayo, ingithumile ukuba ubuye ubone, ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele.” Kwavuthuluka masinyane emehlweni akhe okungathi yinkwethu, wayesebona; esesukumile, wabhabhadiswa. Kuthe esedlile, abuya amandla. Wahlala nabafundi baseDamaseku izinsuku ezithile. Kwathi kungakapholi maseko, wayeseshumayela ngoJesu emasinagogeni, ukuthi Yena uyiNdodana kaNkulunkulu.
IzEnzo 9:17-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Khona wahamba u-Ananiya, wangena endlini, wabeka izandla phezu kwakhe, wathi: “Sawulu umzalwane, iNkosi uJesu eyabonakala kuwe endleleni oze ngayo, ingithumile ukuba ubuye ubone, ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele.” Kwawa masinyane emehlweni akhe kwangathi inkwethu, wabona, wasukuma, wabhapathizwa; esedlile wathola amandla. Wahlala nabafundi baseDamaseku izinsuku ezithile. Masinyane washumayela emasinagogeni* ngoJesu ukuthi yena uyiNdodana kaNkulunkulu.
IzEnzo 9:17-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)