IzEnzo 9:1-43

IzEnzo 9:1-43 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kepha uSawulu esafutha izinsongo nokubulala abafundi beNkosi waya kumpristi omkhulu; wacela kuye izincwadi zokuya eDamaseku eziya emasinagogeni, ukuze kuthi uma ethola abanye baleyo Ndlela, abesilisa noma abesifazane, abalethe eJerusalema beboshiwe. Esahamba, wasondela eDamaseku, kwakhanya masinyane nxazonke kuye ukukhanya okuvela ezulwini. Wawa phansi, wezwa izwi lithi kuye: “Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Wasesithi: Ungubani, Nkosi? INkosi yasisithi: Mina nginguJesu omzingelayo; Ethuthumela emangala wathi: “Nkosi, uthanda ukuba ngenzeni na? INkosi yasisithi kuye: Sukuma uye emzini, njalo uzatshelwa ofanele ukwenze. Lamadoda ayehamba laye ayemi engelakukhuluma, ezwa ilizwi, kodwa engaboni muntu. USawuli wasesukuma emhlabathini; esevulile amehlo akhe, akabonanga muntu, kepha bamhola ngesandla, bamyisa eDamaseku. Waba yizinsuku ezintathu engaboni, engadli, engaphuzi. EDamaseku kwakukhona umfundi othile ogama lakhe lingu-Ananiya; iNkosi yathi kuye embonweni: “Ananiya!” Wathi: Bheka, ngilapha, Nkosi. INkosi yasisithi kuye: Sukuma uye emgwaqweni othiwa uQondile, ubuze endlini kaJudasi othiwa nguSawuli waseTarsu; Ubone embonweni indoda okuthiwa ngu-Ananiya ingena ibeka isandla phezu kwakhe ukuze abuye abone. UAnaniya wasephendula wathi: Nkosi, ngizwile ngabanengi balumuntu ukuthi kungakanani okubi ekwenzile kwabangcwele bakho eJerusalema; nalapha unegunya kubapristi abakhulu lokubopha bonke ababiza igama lakho. Kodwa iNkosi yathi kuye: Hamba; Ngokuba mina ngiyakumbonisa ukuthi kungakanani omelwe ukuhlupheka ngakho ngenxa yegama lami. U-Ananiya wayesehamba, wangena endlini; ebeka izandla phezu kwakhe, wathi: “Sawulu mzalwane, iNkosi ingithumile uJesu, owabonakala kuwe endleleni oze ngayo, ukuba ubuye ubuye ubuye ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele. Kwawa masinyane emehlweni akhe kungathi izinkwethu, wabuye wabona, wasukuma, wabhapathizwa. Kwathi esekudlile waqiniswa. Khona-ke uSawulu wayenabafundi baseDamaseku izinsuku ezithile. Masinyane washumayela emasinagogeni ngoKristu ukuthi yena uyiNdodana kaNkulunkulu. Kepha bonke abamuzwayo bamangala, bathi; Lo akusiye yini owabhubhisa eJerusalema ababiza leli gama, futhi uze lapha ngale njongo, ukuze abayise kubapristi abakhulu beboshiwe? Kodwa uSawuli waba namandla kakhulu, wasanganisa abaJuda abakhileyo eDamaseku eqinisa ukuthi lo unguKristu. Kwathi seziphelile izinsuku eziningi, abaJuda benza icebo lokuba bambulale; Kodwa iqhinga labo laziwa nguSawuli. Bawalinda amasango imini nobusuku ukuba bambulale. Khona abafundi bamthatha ebusuku, bamehlisa ngogange ngeqoma. Kwathi uSawuli esefikile eJerusalema, walinga ukuzihlanganisa labafundi, kodwa bonke babemesaba, bengakholwa ukuthi ungumfundi. Kepha uBarnabasi wamthatha, wamyisa kubaphostoli, wabalandisa ukuthi uyibonile iNkosi endleleni, nokuthi yayikhulumile kuye, nokuthi wayeshumayele ngesibindi eDamaseku ngegama likaJesu. Wayenabo, engena ephuma eJerusalema. Wasekhuluma ngesibindi ngebizo leNkosi uJesu, ephikisana lamaGriki, kodwa azama ukumbulala. Abazalwane sebekwazi bamehlisela eKesariya, bamthumela eTarsu. Khona ibandla lathola ukuphumula kulo lonke elaseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lisakheka. behamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele. Kwathi uPetru ebhoda ezindaweni zonke, wehlela nakwabangcwele abakhe eLida. Wafumana khona umuntu othiwa ngu-Eneya, owayeselele iminyaka eyisishiyagalombili efe uhlangothi. UPetru wathi kuye: “Eneya, uJesu Kristu uyakuphilisa; Wasesukuma masinyane. Bonke abakhileyo eLida naseSaroni bambona, baphendukela eNkosini. EJopha kwakukhona umfundikazi othile ogama lakhe linguThabitha, okungukuthi uDorka ngokuhunyushwa; Kwathi ngalezo zinsuku wagula, wafa; sebemgezile, bambeka ekamelweni eliphezulu. Ngokuba iLida laliseduze neJopha, nabafundi bezwile ukuthi uPetru ukhona, bathuma kuye amadoda amabili, bemcela ukuba angalibali ukuza kubo. UPetro wasesukuma wahamba labo. Esefikile bamyisa ekamelweni eliphezulu; Kepha uPetru wabakhiphela phandle bonke, waguqa, wakhuleka; waphendukela esidunjini, wathi: Thabitha, vuka. Yasivula amehlo ayo, yathi ibona uPetro yavuka yavuka. Wambamba ngesandla, wamsukumisa; wayesebabiza abangcwele nabafelokazi, wamethula ephilile. Kwase kwaziwa kuyo yonke iJopha; abaningi bakholwa yiNkosi. Kwathi wahlala izinsuku eziningi eJopha noSimoni othile, umshuki.

Dlulisela
Funda IzEnzo 9

IzEnzo 9:1-43 IsiZulu 2020 (ZUL20)

USawula esabhodla umlilo, esongela ukubulala abafundi beNkosi, waya kumphristi omkhulu, wacela kuye izincwadi zokuya eDamaseku emasinagogeni, ukuze kuthi uma efumana abantu baleyo Ndlela, abesilisa nabesifazane, abayise eJerusalema beboshiwe. Kepha esaqhubeka nohambo lwakhe, esesondela eDamaseku, kwabanika ngokuphazima kweso nxazonke ukukhanya okuvela ezulwini. Wawela phansi emhlabathini, wezwa izwi lithi kuye: “Sawula, Sawula, ungihluphelani na?” Kepha wathi: “Ungubani, Nkosi?” Wayesethi: “NginguJesu omhluphayo. Kepha vuka ungene emzini, uzakutshelwa lokho okumele ukwenze.” Amadoda ayehamba naye ayemi ekhungathekile, ngokuba alizwa izwi, kodwa awabonanga muntu. USawula wayesevuka phansi, kepha kuthe evula amehlo akaze abona lutho. Base bembamba ngesandla, bamyisa eDamaseku. Izinsuku zaba ntathu engaboni, engadli, futhi engaphuzi. Kwakukhona eDamaseku umfundi othile, igama lakhe kungu-Ananiya. INkosi yakhuluma kuye ngombono, yathi: “Ananiya!” Yena wathi: “Ngilapha, Nkosi.” INkosi yayisithi kuye: “Suka uye emgwaqweni okuthiwa uQondile, ufune endlini kaJuda umuntu, igama lakhe nguSawula waseTharsu, ngokuba uyakhuleka; ubonile embonweni indoda, egama layo ngu-Ananiya, ingena, ibeka izandla phezu kwakhe ukuba abone.” Kepha u-Ananiya waphendula wathi: “Nkosi, ngizwile ngabaningi ngaleyo ndoda konke okubi ekwenzile kwabangcwele bakho eJerusalema; nalapha unegunya alithole kubaphristi abakhulu lokuzobopha bonke abakhuleka egameni lakho.” Kepha iNkosi yathi kuye: “Hamba, ngokuba lo uyisitsha sami esikhethiweyo sokuphatha igama lami phambi kwabezizwe, emakhosini, nakubantu bakwa-Israyeli. Ngokuba ngizakumbonisa ukuthi kumele ahlupheke kangakanani ngenxa yegama lami.” U-Ananiya wahamba, wangena endlini, wabeka izandla phezu kukaSawula, wathi: “Sawula, mzalwane, iNkosi uJesu ebonakale kuwe endleleni obuza ngayo, ingithumile ukuba ubuye ubone, ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele.” Kwavuthuluka masinyane emehlweni akhe okungathi yinkwethu, wayesebona; esesukumile, wabhabhadiswa. Kuthe esedlile, abuya amandla. Wahlala nabafundi baseDamaseku izinsuku ezithile. Kwathi kungakapholi maseko, wayeseshumayela ngoJesu emasinagogeni, ukuthi Yena uyiNdodana kaNkulunkulu. Bonke ababemlalele bamangala, bathi: “Lo akusiye yini owabhubhisa abakhuleka kuleli gama eJerusalema? Nalapha akezile yini ngenhloso yokuba abaqhube beboshiwe abayise kubaphristi abakhulu na?” Kepha uSawula wadlondlobala ngamandla; bashaqeka abaJuda ababehlala eDamaseku, eqinisa ukuthi lowo unguKhristu. Kuthe sekudlule izinsuku eziningi, abaJuda benza icebo lokuba bambulale. Kepha icebo labo laziwa nguSawula. Babemlindela ngisho nasemasangweni, imini nobusuku, ukuze bambulale. Kepha abafundi bamshushumbisa ebusuku, bamehlisa ogangeni bemfake eqomeni. Kuthe esefikile eJerusalema, wazama ukuzihlanganisa nabafundi, kodwa bonke babemesaba, bengakholwa ukuthi ungumfundi. Kepha uBharnabha wamthatha, wamyisa kubaphostoli, wabalandisa ukuthi uyibonile iNkosi endleleni, nokuthi ikhulumile kuye, nokuthi wayeshumayele kanjani ngesibindi ngegama likaJesu eDamaseku. Wayenabo eJerusalema, engena ephuma, ekhuluma ngesibindi ngegama leNkosi, wayekhuluma futhi ephikisana nabaJuda abakhuluma isiGriki, kepha bazama ukumbulala. Kwathi ukuba abazalwane bakuzwe lokho bamehlisela eKhesariya, base bemthumela eTharsu. Ngakho-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke iJudiya, eGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ngokuyesaba iNkosi, nangenduduzo kaMoya oNgcwele, likhula kakhulu. UPhethro ehambela izindawo zonke, wehlela nakwabangcwele ababakhe eLida. Wafumana lapho umuntu othile ogama lakhe kungu-Eneya, owayeselale ecansini iminyaka eyisishiyagalombili, efe uhlangothi. UPhethro wathi kuye: “Eneya, uJesu uKhristu uyakuphilisa; vuka, wendlule icansi lakho.” Wayesevuka ngokushesha. Bonke labo abakhe eLida naseSarona bambona, baphendukela eNkosini. EJopha kwakukhona owesifazane othile okholwayo, ogama lakhe linguThabitha, okungukuthi uma lihunyushwa uDokhasi; wayenemisebenzi eminingi emihle, futhi abela abampofu izipho. Kwathi ngalezo zinsuku wagula, wafa. Bamgeza base bembeka ekamelweni eliphezulu. Nokho-ke iLida lalakhelene neJopha, ngakho-ke abafundi sebezwile ukuthi uPhethro ukhona lapho, bathumela kuye amadoda amabili, bamcela bathi: “Yiza kithi ngokushesha, ungalibali.” Wayesesuka uPhethro, wahamba nabo. Esefikile, bamyisa ekamelweni eliphezulu; bonke abafelokazi bema eduze kwakhe bekhala, bembonisa izembatho nezingubo ezazenziwe nguDokhasi esaphila. Kepha uPhethro esebakhiphele ngaphandle bonke, waguqa ngamadolo, wakhuleka, wayesephendukela esidunjini, wathi: “Thabitha, vuka!” Wavula amehlo akhe, wabona uPhethro, wayesehlala. UPhethro wambamba ngesandla, wamsukumisa, wayesebiza abangcwele nabafelokazi, wambeka phambi kwabo ephile saka. Lokho kwezwakala kulo lonke iJopha; abaningi bakholwa yiNkosi. Wayesehlala izinsuku eziningi eJopha kwaSimoni, umshuki wezikhumba.

Dlulisela
Funda IzEnzo 9

IzEnzo 9:1-43 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kepha uSawulu esafutha ngokusongela nokubulala abafundi beNkosi, waya kumpristi omkhulu, wacela kuye izincwadi zokuya eDamaseku emasinagogeni,* kuze kuthi uma efumana abantu baleyo Ndlela, abesilisa nabesifazane, abayise eJerusalema beboshiwe. Kepha ekuhambeni kwakhe, esesondela eDamaseku, kwambaneka masinyane nxazonke ukukhanya okuvela ezulwini. Wawa phansi emhlabathini, wezwa izwi lithi kuye: “Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.” Wayesethi: “Ungubani, Nkosi?” Yathi: “Mina nginguJesu omzingelayo wena; kodwa vuka ungene emzini, uzakutshelwa lokhu omelwe ukukwenza.” Kepha amadoda ayehamba naye ayemi engenakukhuluma, ngokuba ezwa izwi kodwa ayengaboni muntu. USawulu wayesevuka phansi; kepha esevulile amehlo akhe, kabonanga lutho. Base bembamba ngesandla, bamyisa eDamaseku. Izinsuku zaba ntathu engaboni, engadli, engaphuzi. Kwakukhona eDamaseku umfundi othile, igama lakhe lingu-Ananiya; iNkosi yathi kuye ngombono: “Ananiya!” Yena wathi: “Ngikhona, Nkosi.” INkosi yayisithi kuye: “Suka uye esitaladini esithiwa Siqondile, ufune endlini kaJuda umuntu ogama lakhe linguSawulu waseTarsu; ngokuba bheka, uyakhuleka; ubonile indoda, igama layo lingu-Ananiya, ingena, ibeka izandla phezu kwakhe ukuba abone.” Kepha u-Ananiya waphendula wathi: “Nkosi, ngizwile ngabaningi ngaleyo ndoda konke okubi ekwenzile kwabangcwele bakho eJerusalema; nalapha unamandla avela kubapristi abakhulu okubopha bonke abakhuleka egameni lakho.” INkosi yayisithi kuye: “Hamba, ngokuba lo uyisitsha sami esikhethiweyo sokuphatha igama lami phambi kwabezizwe, namakhosi, nabantwana bakwa-Israyeli, ngokuba mina ngizakumbonisa konke amelwe ukuhlushwa ngakho ngenxa yegama lami.” Khona wahamba u-Ananiya, wangena endlini, wabeka izandla phezu kwakhe, wathi: “Sawulu umzalwane, iNkosi uJesu eyabonakala kuwe endleleni oze ngayo, ingithumile ukuba ubuye ubone, ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele.” Kwawa masinyane emehlweni akhe kwangathi inkwethu, wabona, wasukuma, wabhapathizwa; esedlile wathola amandla. Wahlala nabafundi baseDamaseku izinsuku ezithile. Masinyane washumayela emasinagogeni* ngoJesu ukuthi yena uyiNdodana kaNkulunkulu. Kepha bamangala bonke abezwayo, bathi: “Lo asiye yini owachitha eJerusalema abakhuleka kulelo gama, nalapha uze ngalokhu ukuba abaqhube beboshiwe kubapristi abakhulu na?” Kodwa uSawulu wakhula kakhulu emandleni, wahlula abaJuda abakhileyo eDamaseku eqinisa ukuthi lowo unguKristu. Sekudlule izinsuku eziningi, abaJuda benza icebo lokuba bambulale. Kepha icebo labo laziwa nguSawulu. Babemhlalela nasemasangweni imini nobusuku ukuba bambulale. Abafundi base bemthatha ebusuku, bamehlisa ogangeni, bemewula ngeqoma. Esefikile eJerusalema wazama ukuzihlanganisa nabafundi; kepha bonke bamesaba, bengakholwa ukuthi ungumfundi. Kodwa uBarnaba wamthatha, wamyisa kubaphostoli, wabalandisa ngokuthi uyibonile iNkosi endleleni, nokuthi ikhulumile kuye, nokuthi eDamaseku wayeshumayele ngesibindi ngegama likaJesu. Wayenabo eJerusalema, engena ephuma, eshumayela ngesibindi ngegama leNkosi, ekhuluma ephikisana nabaJuda abakhuluma isiGreki; bona bazama ukumbulala. Abazalwane sebekwazi lokho bamehlisela eKesariya, bamthumela eTarsu. Njalo-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke laseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele. Kwathi uPetru ehambela izindawo zonke, wehlela nakwabangcwele abakhe eLida. Wafumana khona umuntu othile ogama lakhe lingu-Eneya, owayeselele ecansini iminyaka eyisishiyagalombili efe uhlangothi. Khona uPetru wathi kuye: “Eneya, uJesu Kristu uyakuphilisa; vuka, wendlule icansi lakho.” Wayesevuka masinyane. Bambona bonke abakhe eLida naseSarona, baphendukela eNkosini. EJopha kwakukhona umfundikazi othile ogama lakhe linguThabitha, okungukuthi uDorka ngokuhunyushwa; yena wayenemisebenzi eminingi emihle nokwabela abampofu izipho. Kwathi ngalezo zinsuku wagula, wafa; sebemgezile bambeka ekamelweni eliphezulu. Kepha iLida laliseduze neJopha; ngakho-ke abafundi sebezwile ukuthi uPetru ukhona lapho, bathuma kuye amadoda amabili emncenga ethi: “Ungalibali ukuza kithi.” Wayesesuka uPetru, wahamba nabo. Esefikile, bamyisa ekamelweni eliphezulu; abafelokazi bonke beza kuye bekhala, bembonisa izambatho nezingubo abezenzile uDorka esenabo. Kepha uPetru wabakhipha bonke, waguqa ngamadolo, wakhuleka, waphendukela esidunjini, wathi: “Thabitha, vuka!” Wayesevula amehlo akhe, wabona uPetru, walulama. Yena wambamba ngesandla, wamsukumisa. Wayesebiza abangcwele nabafelokazi, wambeka phambi kwabo ephilile. Kwezwakala lokho kulo lonke iJopha; abaningi bakholwa yiNkosi. Wayesehlala izinsuku eziningi eJopha kwaSimoni umshuki.

Dlulisela
Funda IzEnzo 9

IzEnzo 9:1-43 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kepha uSawulu esafutha izinsongo nokubulala abafundi beNkosi waya kumpristi omkhulu; wacela kuye izincwadi zokuya eDamaseku eziya emasinagogeni, ukuze kuthi uma ethola abanye baleyo Ndlela, abesilisa noma abesifazane, abalethe eJerusalema beboshiwe. Esahamba, wasondela eDamaseku, kwakhanya masinyane nxazonke kuye ukukhanya okuvela ezulwini. Wawa phansi, wezwa izwi lithi kuye: “Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Wasesithi: Ungubani, Nkosi? INkosi yasisithi: Mina nginguJesu omzingelayo; Ethuthumela emangala wathi: “Nkosi, uthanda ukuba ngenzeni na? INkosi yasisithi kuye: Sukuma uye emzini, njalo uzatshelwa ofanele ukwenze. Lamadoda ayehamba laye ayemi engelakukhuluma, ezwa ilizwi, kodwa engaboni muntu. USawuli wasesukuma emhlabathini; esevulile amehlo akhe, akabonanga muntu, kepha bamhola ngesandla, bamyisa eDamaseku. Waba yizinsuku ezintathu engaboni, engadli, engaphuzi. EDamaseku kwakukhona umfundi othile ogama lakhe lingu-Ananiya; iNkosi yathi kuye embonweni: “Ananiya!” Wathi: Bheka, ngilapha, Nkosi. INkosi yasisithi kuye: Sukuma uye emgwaqweni othiwa uQondile, ubuze endlini kaJudasi othiwa nguSawuli waseTarsu; Ubone embonweni indoda okuthiwa ngu-Ananiya ingena ibeka isandla phezu kwakhe ukuze abuye abone. UAnaniya wasephendula wathi: Nkosi, ngizwile ngabanengi balumuntu ukuthi kungakanani okubi ekwenzile kwabangcwele bakho eJerusalema; nalapha unegunya kubapristi abakhulu lokubopha bonke ababiza igama lakho. Kodwa iNkosi yathi kuye: Hamba; Ngokuba mina ngiyakumbonisa ukuthi kungakanani omelwe ukuhlupheka ngakho ngenxa yegama lami. U-Ananiya wayesehamba, wangena endlini; ebeka izandla phezu kwakhe, wathi: “Sawulu mzalwane, iNkosi ingithumile uJesu, owabonakala kuwe endleleni oze ngayo, ukuba ubuye ubuye ubuye ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele. Kwawa masinyane emehlweni akhe kungathi izinkwethu, wabuye wabona, wasukuma, wabhapathizwa. Kwathi esekudlile waqiniswa. Khona-ke uSawulu wayenabafundi baseDamaseku izinsuku ezithile. Masinyane washumayela emasinagogeni ngoKristu ukuthi yena uyiNdodana kaNkulunkulu. Kepha bonke abamuzwayo bamangala, bathi; Lo akusiye yini owabhubhisa eJerusalema ababiza leli gama, futhi uze lapha ngale njongo, ukuze abayise kubapristi abakhulu beboshiwe? Kodwa uSawuli waba namandla kakhulu, wasanganisa abaJuda abakhileyo eDamaseku eqinisa ukuthi lo unguKristu. Kwathi seziphelile izinsuku eziningi, abaJuda benza icebo lokuba bambulale; Kodwa iqhinga labo laziwa nguSawuli. Bawalinda amasango imini nobusuku ukuba bambulale. Khona abafundi bamthatha ebusuku, bamehlisa ngogange ngeqoma. Kwathi uSawuli esefikile eJerusalema, walinga ukuzihlanganisa labafundi, kodwa bonke babemesaba, bengakholwa ukuthi ungumfundi. Kepha uBarnabasi wamthatha, wamyisa kubaphostoli, wabalandisa ukuthi uyibonile iNkosi endleleni, nokuthi yayikhulumile kuye, nokuthi wayeshumayele ngesibindi eDamaseku ngegama likaJesu. Wayenabo, engena ephuma eJerusalema. Wasekhuluma ngesibindi ngebizo leNkosi uJesu, ephikisana lamaGriki, kodwa azama ukumbulala. Abazalwane sebekwazi bamehlisela eKesariya, bamthumela eTarsu. Khona ibandla lathola ukuphumula kulo lonke elaseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lisakheka. Behamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele. Kwathi uPetru ebhoda ezindaweni zonke, wehlela nakwabangcwele abakhe eLida. Wafumana khona umuntu othiwa ngu-Eneya, owayeselele iminyaka eyisishiyagalombili efe uhlangothi. UPetru wathi kuye: “Eneya, uJesu Kristu uyakuphilisa; Wasesukuma masinyane. Bonke abakhileyo eLida naseSaroni bambona, baphendukela eNkosini. EJopha kwakukhona umfundikazi othile ogama lakhe linguThabitha, okungukuthi uDorka ngokuhunyushwa; Kwathi ngalezo zinsuku wagula, wafa; sebemgezile, bambeka ekamelweni eliphezulu. Ngokuba iLida laliseduze neJopha, nabafundi bezwile ukuthi uPetru ukhona, bathuma kuye amadoda amabili, bemcela ukuba angalibali ukuza kubo. UPetro wasesukuma wahamba labo. Esefikile bamyisa ekamelweni eliphezulu; Kepha uPetru wabakhiphela phandle bonke, waguqa, wakhuleka; waphendukela esidunjini, wathi: Thabitha, vuka. Yasivula amehlo ayo, yathi ibona uPetro yavuka yavuka. Wambamba ngesandla, wamsukumisa; wayesebabiza abangcwele nabafelokazi, wamethula ephilile. Kwase kwaziwa kuyo yonke iJopha; abaningi bakholwa yiNkosi. Kwathi wahlala izinsuku eziningi eJopha noSimoni othile, umshuki.

Dlulisela
Funda IzEnzo 9

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo