IzEnzo 8:38-40
IzEnzo 8:38-40 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wayala ukuba inqola ime. Behlela emanzini bobabili, uFiliphu nomthenwa; wambhapathiza. Kwathi sebekhuphukile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu, umthenwa akabe esambona, kodwa wahamba ngendlela yakhe ethokoza. Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azotu, wahamba eshumayela ivangeli kuyo yonke imizi, waze wafika eKesariya.
IzEnzo 8:38-40 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Wayala ukuba inqola ime; behla bobabili emanzini, uFiliphu nomthenwa; wasembhabhathiza. Sebekhuphukile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu, umthenwa akabe esambona, kodwa wahamba ngendlela yakhe ethokoza. Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azotu, wahamba eshumayela emizini yonke, waze wafika eKesariya.
IzEnzo 8:38-40 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Wayala ukuba inqola ime; behla bobabili emanzini, uFiliphu nomthenwa; wasembhabhathiza. Sebekhuphukile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu, umthenwa akabe esambona, kodwa wahamba ngendlela yakhe ethokoza. Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azotu, wahamba eshumayela emizini yonke, waze wafika eKesariya.
IzEnzo 8:38-40 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wayeseyala ukuba ime inqola. Umthenwa noFiliphu behla baya emanzini, uFiliphu wayesembhabhadisa umthenwa. Kuthe sebephumile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu, umthenwa akabe esambona, kodwa waqhubeka nohambo lwakhe ethokozile. Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azothu, ehamba eshumayela ivangeli kuyo yonke imizi, waze wayofika eKhesariya.