IzEnzo 8:14-24
IzEnzo 8:14-24 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi abaphostoli abaseJerusalema bezwile ukuthi iSamariya ilamukele ilizwi likaNkulunkulu, bathuma kubo oPetro loJohane; Sebehlile babakhulekela, ukuze bamukele uMoya oNgcwele; (Ngoba wayengakehleli phezu kwamunye wabo, kodwa babebhabhathizwe ebizweni leNkosi uJesu.) Basebebeka izandla phezu kwabo, basebemamukela uMoya oNgcwele. USimoni esebonile ukuthi ngokubekwa kwezandla zabaphostoli uyaphiwa uMoya oNgcwele, waletha kubo imali. Ethi: “Nami ngiphe lawomandla, ukuze kuthi noma ubani engibeka izandla phezu kwakhe amukele uMoya oNgcwele. Kepha uPetru wathi kuye: “Imali yakho mayibhubhe kanye nawe, ngokuba uthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali. Awunasabelo nasabelo kule ndaba, ngokuba inhliziyo yakho ayilungile emehlweni kaNkulunkulu. Ngakho-ke phenduka kulobu bubi bakho, unxuse kuNkulunkulu, ukuba mhlawumbe uthethelelwe isizindlo senhliziyo yakho. Ngokuba ngiyabona ukuthi usenyongweni ebabayo, nasesibophweni sobubi. USimoni waphendula wathi: “Ngikhulekeleni nina eNkosini ukuba kungenzeki lutho lwalokhu enikushilo.
IzEnzo 8:14-24 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kuthe lapho abaphostoli eJerusalema sebezwile ukuthi abaseSamariya balemukele izwi likaNkulunkulu, bathumela kubo uPhethro noJohane. Kuthe sebefikile, babakhulekela ukuba bamukele uMoya oNgcwele, ngokuba wayengakehleli nakoyedwa kubo, kodwa babebhabhadiswe egameni leNkosi uJesu kuphela. Ngakho-ke babeka izandla phezu kwabo, base bemukela uMoya oNgcwele. Kepha uSimoni, esebonile ukuthi ngokubekwa kwezandla zabaphostoli abantu bemukela uMoya, waletha imali kubo, wathi: “Ngipheni nami leli gunya ukuze yilowo nalowo engibeka izandla phezu kwakhe, amukele uMoya oNgcwele.” Kepha uPhethro wathi kuye: “Isiliva lakho malibhubhe kanye nawe, ngokuba ucabanga ukuthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali. Awunasabelo nalifa kuleli lizwi, ngokuba inhliziyo yakho ayilungile phambi kukaNkulunkulu. Ngakho-ke phenduka kulobu bubi, ukhuleke eNkosini, hleze ikuthethelele umdlinzo wenhliziyo yakho, ngokuba ngiyabona ukuthi ugcwele umona futhi uyisigqila sobubi.” USimoni wayesephendula ethi: “Nginxuseleni nina eNkosini, ukuze ngingehlelwa yilokho enikushilo.”
IzEnzo 8:14-24 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi ukuba abaphostoli baseJerusalema bezwe ukuthi iSamariya lilamukele izwi likaNkulunkulu, bathumela kubo oPetru noJohane; sebehlele khona babakhulekela ukuba bamukele uMoya oNgcwele, ngokuba wayengakehleli nakoyedwa kubo; kodwa babesabhapathiziwe egameni leNkosi uJesu kuphela. Khona babeka izandla phezu kwabo; base bamukela-ke uMoya oNgcwele. Kepha uSimoni, ebonile ukuthi ngokubekwa kwezandla zabaphostoli uyaphiwa uMoya, waletha imali kubo, wathi: “Ngipheni nami lawo mandla, ukuze yilowo nalowo engibeka izandla phezu kwakhe amukele uMoya oNgcwele.” Kepha uPetru wathi kuye: “Isiliva lakho malibhubhe kanye nawe, ngokuba uthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali. Awunasabelo nalifa kuleli zwi, ngokuba inhliziyo yakho ayilungile phambi kukaNkulunkulu. Ngakho-ke phenduka kulobu bubi bakho, unxuse eNkosini, ingabe ungathethelelwa yini isizindlo senhliziyo yakho, ngokuba ngiyabona ukuthi usenyongweni ebabayo nasekuboshweni kokubi.” USimoni wayesephendula ethi: “Nginxuseleni nina eNkosini, ukuze kungehleli lutho kimi lwalokho enikushiloyo.”
IzEnzo 8:14-24 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)