IzEnzo 8:1-40

IzEnzo 8:1-40 IsiZulu 2020 (ZUL20)

USawula wayevumelene nabo ngokuthi akabulawe. Ngalolo lusuku kwaba nokuhlushwa kwebandla okukhulu eJerusalema. Abazalwane bonke bahlakazekela ezifundeni eJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli kuphela. Amadoda akholwayo amngcwaba uStefani, amkhalela isililo esikhulu. Kodwa uSawula walichitha ibandla, engena izindlu ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane; ebafaka ejele. Abahlakazekileyo bahamba beshumayela izwi levangeli. UFiliphu wehlela emzini eSamariya, wabashumayeza uKhristu. Izixuku zalalela nganhliziyonye okwakushiwo nguFiliphu, zizwa, futhi zibona izibonakaliso ayezenza. Kwaphuma imimoya engcolileyo kwabaningi ababenayo, iphuma imemeza ngezwi elikhulu. Kwaphiliswa abaningi abafe uhlangothi, nabayizinyonga. Kwakukhona ukuthokoza okukhulu kulowo muzi. Kwakukhona indoda ethile igama layo kunguSimoni, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi, imangalisa abantu abaningi baseSamariya, izishaya umuntu omkhulu. Babemnaka bonke, kusukela kwabancane kuya kwabadala, bethi: “Lo ungamandla kaNkulunkulu abizwa ngokuthi Makhulu.” Babemnakile ngoba isikhathi eside wayebamangalisa ngemilingo yakhe ayenzayo. Kepha kwathi ukuba bakholwe yivangeli elashunyayelwa nguFiliphu ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu uKhristu, babhabhadiswa abesilisa nabesifazane. USimoni naye wakholwa; esebhabhadisiwe wamlandela uFiliphu, emangaliswa izibonakaliso nemisebenzi emikhulu yamandla eyayenzeka. Kuthe lapho abaphostoli eJerusalema sebezwile ukuthi abaseSamariya balemukele izwi likaNkulunkulu, bathumela kubo uPhethro noJohane. Kuthe sebefikile, babakhulekela ukuba bamukele uMoya oNgcwele, ngokuba wayengakehleli nakoyedwa kubo, kodwa babebhabhadiswe egameni leNkosi uJesu kuphela. Ngakho-ke babeka izandla phezu kwabo, base bemukela uMoya oNgcwele. Kepha uSimoni, esebonile ukuthi ngokubekwa kwezandla zabaphostoli abantu bemukela uMoya, waletha imali kubo, wathi: “Ngipheni nami leli gunya ukuze yilowo nalowo engibeka izandla phezu kwakhe, amukele uMoya oNgcwele.” Kepha uPhethro wathi kuye: “Isiliva lakho malibhubhe kanye nawe, ngokuba ucabanga ukuthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali. Awunasabelo nalifa kuleli lizwi, ngokuba inhliziyo yakho ayilungile phambi kukaNkulunkulu. Ngakho-ke phenduka kulobu bubi, ukhuleke eNkosini, hleze ikuthethelele umdlinzo wenhliziyo yakho, ngokuba ngiyabona ukuthi ugcwele umona futhi uyisigqila sobubi.” USimoni wayesephendula ethi: “Nginxuseleni nina eNkosini, ukuze ngingehlelwa yilokho enikushilo.” Kuthe sebefakazile, balikhuluma izwi leNkosi, base bebuyela eJerusalema, bashumayela ivangeli emizaneni eminingi yabaseSamariya. Ingelosi yeNkosi yakhuluma kuFiliphu, yathi: “Suka uye ngaseningizimu, endleleni ephuma eJerusalema yehlele eGaza, le ndawo iyihlane.” Wasuka-ke wahamba. Wase ebona indoda yase-Etopiya, umthenwa, isikhulu sikaKhandakhe, indlovukazi yase-Etopiya, eyayengamele yonke ingcebo yendlovukazi. Yayikade ize eJerusalema ukuzokhuleka. Isibuyela emuva, yayihleli enqoleni yayo, ifunda umphrofethi u-Izaya. UMoya wathi kuFiliphu. “Sondela, uhambisane nale nqola.” UFiliphu wagijima wasondela kuyo, wayizwa ifunda umphrofethi u-Izaya, wayesethi kuyo: “Uyakuqonda yini lokho okufundayo na?” Yona yathi: “Ngingakuqonda kanjani, uma kungekho ongichasisela khona?” Yayisimnxusa uFiliphu ukuba agibele enqoleni ahlale nayo. Kepha isahlukwana sombhalo eyayisifunda yilesi esithi: “Njengewundlu liyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu ithule phambi komgundi wayo, akawuvulanga umlomo wakhe. Ekudunyazweni kwayo, ukwehlulelwa kwakhe kwasuswa. Ngubani oyakulanda ngesizukulwane sakhe na? Ngokuba ukuphila kwakhe kuyasuswa emhlabeni.” Umthenwa wathi kuFiliphu: “Ngiyacela, umphrofethi ukukhuluma ngobani lokhu? Ngabe uzisho yena noma ukhuluma ngomunye na?” UFiliphu wakhuluma naye, eqala kulowo mbhalo; wamshumayeza ivangeli ngoJesu. Besahamba endleleni, bafika emanzini. Umthenwa wathi: “Nanka phela amanzi; kwalani ukuba ngibhabhadiswe na?” UFiliphu wathi kuye: “Uma ukholwa ngenhliziyo yonke, kungenziwa.” Waphendula wathi: “Ngiyakholwa ukuthi uJesu uKhristu uyiNdodana kaNkulunkulu.” Wayeseyala ukuba ime inqola. Umthenwa noFiliphu behla baya emanzini, uFiliphu wayesembhabhadisa umthenwa. Kuthe sebephumile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu, umthenwa akabe esambona, kodwa waqhubeka nohambo lwakhe ethokozile. Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azothu, ehamba eshumayela ivangeli kuyo yonke imizi, waze wayofika eKhesariya.

Dlulisela
Funda IzEnzo 8

IzEnzo 8:1-40 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kodwa uSawuli wayevumelana lokubulawa kwakhe. Ngaleso sikhathi kwaba khona ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya, kwasala abaphostoli. Amadoda akholwayo amngcwaba uStefanu, amkhalela kakhulu. Kepha uSawulu walichitha ibandla, engena ezindlini ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane, wabafaka etilongweni. Ngakho abahlakazekileyo bahamba betshumayela ilizwi. UFiliphu wehlela emzini waseSamariya, wabashumayeza uKristu. Izixuku zalalela nganhliziyonye lokho uFiliphu ayekukhuluma, zizwa futhi zibona izibonakaliso azenzayo. Ngokuba kwaphuma omoya abangcolileyo kwabaningi abanabo, bememeza ngezwi elikhulu; nabaningi abafe uhlangothi nabayizinyonga baphulukiswa. Kwaba khona intokozo enkulu kulowo muzi. Kepha kwakukhona indoda ethile, igama layo linguSimoni, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi, ibhuqa abantu baseSamariya, izitshela ukuthi ingumuntu omkhulu; ababemlalela bonke, kusukela komncane kuze kube komkhulu, bethi: Lo ungamandla kaNkulunkulu amakhulu. Basebemnaka, ngoba kwasekuyisikhathi eside ebathakatha ngemilingo. Kepha sebekholwa nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu, babhapathizwa abesilisa nabesifazane. Naye uSimoni wakholwa, esebhapathiziwe wanamathela kuFiliphu, wamangala ebona izibonakaliso nezibonakaliso ezenziwayo. Kwathi abaphostoli abaseJerusalema bezwile ukuthi iSamariya ilamukele ilizwi likaNkulunkulu, bathuma kubo oPetro loJohane; Sebehlile babakhulekela, ukuze bamukele uMoya oNgcwele; (Ngoba wayengakehleli phezu kwamunye wabo, kodwa babebhabhathizwe ebizweni leNkosi uJesu.) Basebebeka izandla phezu kwabo, basebemamukela uMoya oNgcwele. USimoni esebonile ukuthi ngokubekwa kwezandla zabaphostoli uyaphiwa uMoya oNgcwele, waletha kubo imali. Ethi: “Nami ngiphe lawomandla, ukuze kuthi noma ubani engibeka izandla phezu kwakhe amukele uMoya oNgcwele. Kepha uPetru wathi kuye: “Imali yakho mayibhubhe kanye nawe, ngokuba uthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali. Awunasabelo nasabelo kule ndaba, ngokuba inhliziyo yakho ayilungile emehlweni kaNkulunkulu. Ngakho-ke phenduka kulobu bubi bakho, unxuse kuNkulunkulu, ukuba mhlawumbe uthethelelwe isizindlo senhliziyo yakho. Ngokuba ngiyabona ukuthi usenyongweni ebabayo, nasesibophweni sobubi. USimoni waphendula wathi: “Ngikhulekeleni nina eNkosini ukuba kungenzeki lutho lwalokhu enikushilo. Kwathi sebefakazile, beshumayela izwi leNkosi, babuyela eJerusalema, bashumayela ivangeli emizaneni eminingi yamaSamariya. Ingelosi yeNkosi yakhuluma kuFiliphu, yathi: “Suka uye ngaseningizimu endleleni ephuma eJerusalema ehla eGaza, eyihlane. Wasesukuma wahamba; khangela-ke, indoda yeEtiyopiya, umthenwa, isikhulu sikaKhandakhe indlovukazi yamaEtiyopiya, eyayiphethe yonke inotho yayo, eyayize eJerusalema ukukhuleka; Wayesebuya ehlezi enqoleni yakhe efunda umprofethi u-Isaya. UMoya wayesethi kuFiliphu: “Sondela, unamathele kule nqola; UFiliphu wagijima waya kuyo, wayizwa ifunda umprofethi u-Isaya, wathi: “Uyakuqonda yini okufundayo na? Wathi: Ngingakwazi kanjani, ngaphandle kokuba umuntu angiqondise na? Yasicela uFiliphu ukuthi akhwele ahlale layo. Indawo yombhalo eyayiwufunda yayisithi: Wayiswa ekuhlatshweni njengemvu; nanjengewundlu elithule phambi komgundi walo, akawuvulanga umlomo wakhe; Ekuthotshisweni kwakhe ukwahlulelwa kwakhe kwasuswa; njalo ngubani ongalandisa ngesizukulwana sakhe? ngoba ukuphila kwakhe kuyasuswa emhlabeni. Umthenwa waphendula uFiliphu, wathi: “Ngiyakuncenga, umprofethi ukhuluma lokhu ngobani na? ngaye, noma ngomunye umuntu na? UFiliphu wayesevula umlomo wakhe, waqala ngawo lowo mbhalo, washumayela ivangeli ngoJesu. Kwathi besahamba endleleni, bafika emanzini; umthenwa wathi: Khangela, nanka amanzi; kwalani ukuba ngibhapathizwe na? UFiliphu wasesithi: Uba ukholwa ngenhliziyo yakho yonke, kungenziwa. Wasephendula wathi: Ngiyakholwa ukuthi uJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu. Wayala ukuba inqola ime; behla bobabili emanzini, uFiliphu nomthenwa; wasembhabhathiza. Sebekhuphukile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu, umthenwa akabe esambona, kodwa wahamba ngendlela yakhe ethokoza. Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azotu, wahamba eshumayela emizini yonke, waze wafika eKesariya.

Dlulisela
Funda IzEnzo 8

IzEnzo 8:1-40 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kepha uSawulu wayevumelene nabo ngokubulawa kwakhe. Ngalolo suku kwavela ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli bodwa. Amadoda akholwayo ammbela uStefanu, amkhalela isililo esikhulu. Kepha uSawulu walichitha ibandla, engena ezindlini ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane, wabafaka etilongweni. Abahlakazekileyo base behamba, beshumayela izwi levangeli. UFiliphu wehlela emzini waseSamariya, wabashumayeza uKristu. Izixuku zalalela nganhliziyonye okwakhulunywa nguFiliphu, zizwa, zibona izibonakaliso azenzayo. Ngokuba kwaphuma omoya abangcolileyo kwabaningi abakhwelwa yibo, bememeza ngezwi elikhulu; nabaningi abafe uhlangothi nabayizinyonga baphulukiswa; kwaba khona ukuthokoza okukhulu kulowo muzi. Kepha kwakukhona indoda ethile, nguSimoni igama layo, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi, isimangalisa isizwe saseSamariya, izishaya umuntu omkhulu; banamathela kuye bonke kusukela kwabancinyane kuze kube kwabakhulu, bethi: “Lo ungamandla kaNkulunkulu abizwa ngokuthi Makhulu,” babenamathela kuye, ngokuba ebamangalisile isikhathi eside ngemilingo yakhe. Kepha bathi ukuba bakholwe nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu, babhapathizwa abesilisa nabesifazane. Naye uSimoni wakholwa; wathi esebhapathiziwe, wanamathela kuFiliphu, wamangala ebona izibonakaliso nemisebenzi emikhulu yamandla eyenziwayo. Kwathi ukuba abaphostoli baseJerusalema bezwe ukuthi iSamariya lilamukele izwi likaNkulunkulu, bathumela kubo oPetru noJohane; sebehlele khona babakhulekela ukuba bamukele uMoya oNgcwele, ngokuba wayengakehleli nakoyedwa kubo; kodwa babesabhapathiziwe egameni leNkosi uJesu kuphela. Khona babeka izandla phezu kwabo; base bamukela-ke uMoya oNgcwele. Kepha uSimoni, ebonile ukuthi ngokubekwa kwezandla zabaphostoli uyaphiwa uMoya, waletha imali kubo, wathi: “Ngipheni nami lawo mandla, ukuze yilowo nalowo engibeka izandla phezu kwakhe amukele uMoya oNgcwele.” Kepha uPetru wathi kuye: “Isiliva lakho malibhubhe kanye nawe, ngokuba uthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali. Awunasabelo nalifa kuleli zwi, ngokuba inhliziyo yakho ayilungile phambi kukaNkulunkulu. Ngakho-ke phenduka kulobu bubi bakho, unxuse eNkosini, ingabe ungathethelelwa yini isizindlo senhliziyo yakho, ngokuba ngiyabona ukuthi usenyongweni ebabayo nasekuboshweni kokubi.” USimoni wayesephendula ethi: “Nginxuseleni nina eNkosini, ukuze kungehleli lutho kimi lwalokho enikushiloyo.” Kuthe sebefakazile, belikhulumile izwi leNkosi, babuyela eJerusalema, bashumayela ivangeli emizaneni eminingi yabaseSamariya. Kepha ingelosi yeNkosi yakhuluma kuFiliphu, yathi: “Suka uye ngaseningizimu endleleni ephuma eJerusalema ehlela eGaza; yona iyihlane.” Wayesesuka wahamba. Bheka, nansi indoda yase-Etiyopiya, umthenwa, isikhulu sikaKhandakhe inkosikazi yase-Etiyopiya, ebiphezu kwengcebo yayo yonke, ebifikile eJerusalema izakukhuleka; ibisibuya, ihlezi enqoleni yayo, ifunda umprofethi u-Isaya. UMoya wathi kuFiliphu: “Sondela, unamathele kuleyo nqola.” UFiliphu wayesegijimela kuyo, wayizwa ifunda umprofethi u-Isaya, wathi: “Uyakuqonda kambe lokhu okufundayo na?” Yona yathi: “Ngingakwazi kanjani, uma kungekho ongiholayo na?” Yamnxusa uFiliphu ukuba akhwele ahlale nayo. Kepha isahlukwana sombhalo ebisifunda yilesi esithi: “Wayiswa ekuhlatshweni njengemvu; njengewundlu elithule phambi komgundi walo kanjalo kawuvulanga umlomo wakhe. Ekuthobeleni kwakhe ukwahlulelwa kwakhe kwasuswa. Ngubani ongalanda ngesizukulwane sakhe na? Ngokuba ukuphila kwakhe kuyasuswa emhlabeni.” Kepha umthenwa wathatha wathi kuFiliphu: “Ngiyacela, umprofethi ukhuluma lokho ngobani na? Uzisho yena noma omunye na?” UFiliphu wavula umlomo wakhe, eqala kulowo mbhalo washumayela ivangeli ngoJesu. Kwathi besahamba endleleni, bafika emanzini. Umthenwa wathi: “Bheka, nanka amanzi; kwalani ukuba ngibhapathizwe na?” UFiliphu wathi kuye: “Uma ukholwa ngenhliziyo yonke, kungenziwa.” Waphendula wathi: “Ngiyakholwa ukuthi uJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu.” Wayala ukuba inqola ime. Behlela emanzini bobabili, uFiliphu nomthenwa; wambhapathiza. Kwathi sebekhuphukile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu, umthenwa akabe esambona, kodwa wahamba ngendlela yakhe ethokoza. Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azotu, wahamba eshumayela ivangeli kuyo yonke imizi, waze wafika eKesariya.

Dlulisela
Funda IzEnzo 8

IzEnzo 8:1-40 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kodwa uSawuli wayevumelana lokubulawa kwakhe. Ngaleso sikhathi kwaba khona ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya, kwasala abaphostoli. Amadoda akholwayo amngcwaba uStefanu, amkhalela kakhulu. Kepha uSawulu walichitha ibandla, engena ezindlini ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane, wabafaka etilongweni. Ngakho abahlakazekileyo bahamba betshumayela ilizwi. UFiliphu wehlela emzini waseSamariya, wabashumayeza uKristu. Izixuku zalalela nganhliziyonye lokho uFiliphu ayekukhuluma, zizwa futhi zibona izibonakaliso azenzayo. Ngokuba kwaphuma omoya abangcolileyo kwabaningi abanabo, bememeza ngezwi elikhulu; nabaningi abafe uhlangothi nabayizinyonga baphulukiswa. Kwaba khona intokozo enkulu kulowo muzi. Kepha kwakukhona indoda ethile, igama layo linguSimoni, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi, ibhuqa abantu baseSamariya, izitshela ukuthi ingumuntu omkhulu; ababemlalela bonke, kusukela komncane kuze kube komkhulu, bethi: Lo ungamandla kaNkulunkulu amakhulu. Basebemnaka, ngoba kwasekuyisikhathi eside ebathakatha ngemilingo. Kepha sebekholwa nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu, babhapathizwa abesilisa nabesifazane. Naye uSimoni wakholwa, esebhapathiziwe wanamathela kuFiliphu, wamangala ebona izibonakaliso nezibonakaliso ezenziwayo. Kwathi abaphostoli abaseJerusalema bezwile ukuthi iSamariya ilamukele ilizwi likaNkulunkulu, bathuma kubo oPetro loJohane; Sebehlile babakhulekela, ukuze bamukele uMoya oNgcwele; (Ngoba wayengakehleli phezu kwamunye wabo, kodwa babebhabhathizwe ebizweni leNkosi uJesu.) Basebebeka izandla phezu kwabo, basebemamukela uMoya oNgcwele. USimoni esebonile ukuthi ngokubekwa kwezandla zabaphostoli uyaphiwa uMoya oNgcwele, waletha kubo imali. Ethi: “Nami ngiphe lawomandla, ukuze kuthi noma ubani engibeka izandla phezu kwakhe amukele uMoya oNgcwele. Kepha uPetru wathi kuye: “Imali yakho mayibhubhe kanye nawe, ngokuba uthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali. Awunasabelo nasabelo kule ndaba, ngokuba inhliziyo yakho ayilungile emehlweni kaNkulunkulu. Ngakho-ke phenduka kulobu bubi bakho, unxuse kuNkulunkulu, ukuba mhlawumbe uthethelelwe isizindlo senhliziyo yakho. Ngokuba ngiyabona ukuthi usenyongweni ebabayo, nasesibophweni sobubi. USimoni waphendula wathi: “Ngikhulekeleni nina eNkosini ukuba kungenzeki lutho lwalokhu enikushilo. Kwathi sebefakazile, beshumayela izwi leNkosi, babuyela eJerusalema, bashumayela ivangeli emizaneni eminingi yamaSamariya. Ingelosi yeNkosi yakhuluma kuFiliphu, yathi: “Suka uye ngaseningizimu endleleni ephuma eJerusalema ehla eGaza, eyihlane. Wasesukuma wahamba; khangela-ke, indoda yeEtiyopiya, umthenwa, isikhulu sikaKhandakhe indlovukazi yamaEtiyopiya, eyayiphethe yonke inotho yayo, eyayize eJerusalema ukukhuleka; Wayesebuya ehlezi enqoleni yakhe efunda umprofethi u-Isaya. UMoya wayesethi kuFiliphu: “Sondela, unamathele kule nqola; UFiliphu wagijima waya kuyo, wayizwa ifunda umprofethi u-Isaya, wathi: “Uyakuqonda yini okufundayo na? Wathi: Ngingakwazi kanjani, ngaphandle kokuba umuntu angiqondise na? Yasicela uFiliphu ukuthi akhwele ahlale layo. Indawo yombhalo eyayiwufunda yayisithi: Wayiswa ekuhlatshweni njengemvu; nanjengewundlu elithule phambi komgundi walo, akawuvulanga umlomo wakhe; Ekuthotshisweni kwakhe ukwahlulelwa kwakhe kwasuswa; njalo ngubani ongalandisa ngesizukulwana sakhe? ngoba ukuphila kwakhe kuyasuswa emhlabeni. Umthenwa waphendula uFiliphu, wathi: “Ngiyakuncenga, umprofethi ukhuluma lokhu ngobani na? ngaye, noma ngomunye umuntu na? UFiliphu wayesevula umlomo wakhe, waqala ngawo lowo mbhalo, washumayela ivangeli ngoJesu. Kwathi besahamba endleleni, bafika emanzini; umthenwa wathi: Khangela, nanka amanzi; kwalani ukuba ngibhapathizwe na? UFiliphu wasesithi: Uba ukholwa ngenhliziyo yakho yonke, kungenziwa. Wasephendula wathi: Ngiyakholwa ukuthi uJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu. Wayala ukuba inqola ime; behla bobabili emanzini, uFiliphu nomthenwa; wasembhabhathiza. Sebekhuphukile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu, umthenwa akabe esambona, kodwa wahamba ngendlela yakhe ethokoza. Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azotu, wahamba eshumayela emizini yonke, waze wafika eKesariya.

Dlulisela
Funda IzEnzo 8

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo