IzEnzo 7:23-29
IzEnzo 7:23-29 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Kuthe eseneminyaka engamashumi amane ezelwe, kwafika enhliziyweni yakhe ukuba abamele abafowabo, abantwana bakwa-Israyeli. Wabona umuntu ephathwa kabi, wamvikela, wamphindisela ohlushwayo, wambulala owaseGibithe. Ubethemba ukuthi abafowabo bayakuqonda ukuthi uNkulunkulu ubanika ukusindiswa ngesandla sakhe; kepha abakuqondanga. Nangangomuso wafika kubo belwa, wazama ukubalamula, babuyisane, wathi: ‘Madoda, ningabazalwane; niphathanelani kabi na?’ “Kepha lowo owayemona umakhelwane wakhe wamhlohloloza wathi: ‘Ubekwe ngubani ube ngumbusi nomahluleli phezu kwethu na? Usufuna ukungibulala nami, njengalokho ubulele owaseGibithe izolo na?’ Khona uMose wabaleka ngenxa yalelo zwi, waba ngumfokazi ezweni lakwaMidiyani, lapho azala khona amadodana amabili.
IzEnzo 7:23-29 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwathi eseneminyaka engamashumi amane ezelwe, kwafika enhliziyweni yakhe ukuhambela abafowabo, abantwana bakwa-Israyeli. Ebona omunye ephathwa kabi, wamvikela, wamphindisela ocindezelweyo, wamshaya owaseGibithe; Ngokuba wayethi abazalwane bakhe bazoqonda ukuthi uNkulunkulu wayezobakhulula ngesandla sakhe, kepha abaqondanga. Kwathi ngangomuso wabonakala kubo belwa, wafuna babuyisane, wathi: “Madoda, ningabazalwane; niphathana kabi ngani na? Kepha lowo owayemonile umakhelwane wakhe wamsunduza, wathi: ‘Ubekwe ngubani umbusi nomahluleli phezu kwethu na? Usufuna ukungibulala mina, njengalokho ubulele owaseGibithe izolo na? Ngalelo zwi uMose wabaleka, waba ngowezizwe ezweni lakwaMidiyani, lapho azala khona amadodana amabili.
IzEnzo 7:23-29 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

IzEnzo 7:23-29 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Kuthe eseneminyaka engama-40 yobudala, kwafika enhliziyweni yakhe ukuba akayobona abantu bakubo, abantwana bakwa-Israyeli. Kuthe ebona umuntu ephathwa kabi, wamvikela, wamphindiselela ocindezelweyo, wambulala owaseGibhithe. Wayenethemba lokuthi abafowabo bayakuqonda ukuthi uNkulunkulu ubalethela inkululeko ngesandla sakhe, kodwa abakuqondanga lokho. Ngakusasa wafica abakubo belwa, wazama ukubalamula, ukuze babuyisane, wathi: ‘Madoda, nina ningabandawonye, pho kungani nilimazana na?’ “Kepha lowo owayelimaza owakubo wamhlohloloza, wathi: ‘Ngubani okubeke ukuba ngumbusi nomehluleli phezu kwethu na? Usufuna ukungibulala nami njengokuba ubulele umGibhithe izolo na?’ “UMose ezwa lokho, wabaleka, wayokuba ngumfokazi kwaMidiyani, lapho afika wazala khona amadodana amabili.