IzEnzo 7:1-53

IzEnzo 7:1-53 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Umphristi omkhulu wayesethi: “Ngabe impela lokhu kunjalo yini na?” Yena wathi: “Madoda, bazalwane, nani bobaba, lalelani. UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kukhokho wethu u-Abhrahama eseMesophothamiya, engakathutheli eHarana, wathi kuye: ‘Phuma ezweni lakini nasezihlotsheni zakho, uye ezweni engizakukhombisa lona.’ “Waphuma ezweni lamaKhaledi, wayokwakha eHarana. Emva kokufa kukayise, uNkulunkulu wamsusa lapho, wamhlalisa kuleli lizwe enakhe kulo nina manje. Kepha akamnikanga ifa kulo, ngisho nesiqinti esingangonyawo, kodwa wethembisa ukuthi uzakumnika lona libe ngelakhe nenzalo yakhe, emva kwakhe, engakabi namntwana. UNkulunkulu wakhuluma kanje, wathi: ‘Ulibo lwakhe luzakuba ngumfokazi ezweni lezizwe; bayakulugqilaza, baluphathe kabi iminyaka engama-400. Kepha leso sizwe abayakuba yizigqila zaso; ngiyakusehlulela,’ kusho uNkulunkulu, ‘emveni kwalokho bayakuphuma, bangikhonze kule ndawo.’ “Wayesemnika isivumelwano sokusoka. Waba kanjalo-ke nguyise ka-Isaka, wamsoka ngosuku lwesishiyagalombili. U-Isaka wazala uJakobe, uJakobe wazala okhokho abali-12. “Okhokho baba nomhawu ngoJosefa, base bethengisa ngaye eGibhithe, kodwa uNkulunkulu wayenaye. Wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko ezamehlelayo, wamupha umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro, iNkosi yaseGibhithe. UFaro wambeka ukuba abe ngumbusi eGibhithe nakuyo yonke indlu yakhe. “Kepha kwafika indlala kulo lonke iGibhithe naseKhanani, nokuhlupheka okukhulu; okhokho kabakutholanga ukudla. Kuthe uJakobe esezwile ukuthi kukhona ukudla eGibhithe, wayesethumela okhokho okokuqala. Kwathi sebebuyela okwesibili, uJosefa waziveza kubafowabo, uFaro wayesaziswa ngomndeni kaJosefa. UJosefa wathumela, walanda uyise uJakobe nabo bonke abakubo, abantu abangama-75. UJakobe wehlela eGibhithe; wafela khona, yena nawokhokho. Babuyiswa eShekhemu, babekwa ethuneni u-Abhrahama ayelithenge ngenani lesiliva kumadodana kaHamori eShekhemu. “Kwathi sesisondele isikhathi sesithembiso uNkulunkulu asethembisa ku-Abhrahama, base banda ngokuphindiwe eGibhithe, kwaze kwabusa enye inkosi eGibhithe eyayingamazi uJosefa. Yona yasiphatha ngobuqili isizwe sakithi, yabahlukumeza okhokho ngokubaphoqa ukuba balahle izingane zabo zingaphili. “Ngaleso sikhathi kwazalwa uMose; wayethandeka kuNkulunkulu. Wondliwa endlini yakwabo izinyanga ezintathu. Eselahliwe, watholwa yindodakazi kaFaro, yazikhulisela yena, waba yindodana yayo. UMose wafundiswa konke ukuhlakanipha kwabaseGibhithe, waba namandla ngamazwi nangemisebenzi yakhe. “Kuthe eseneminyaka engama-40 yobudala, kwafika enhliziyweni yakhe ukuba akayobona abantu bakubo, abantwana bakwa-Israyeli. Kuthe ebona umuntu ephathwa kabi, wamvikela, wamphindiselela ocindezelweyo, wambulala owaseGibhithe. Wayenethemba lokuthi abafowabo bayakuqonda ukuthi uNkulunkulu ubalethela inkululeko ngesandla sakhe, kodwa abakuqondanga lokho. Ngakusasa wafica abakubo belwa, wazama ukubalamula, ukuze babuyisane, wathi: ‘Madoda, nina ningabandawonye, pho kungani nilimazana na?’ “Kepha lowo owayelimaza owakubo wamhlohloloza, wathi: ‘Ngubani okubeke ukuba ngumbusi nomehluleli phezu kwethu na? Usufuna ukungibulala nami njengokuba ubulele umGibhithe izolo na?’ “UMose ezwa lokho, wabaleka, wayokuba ngumfokazi kwaMidiyani, lapho afika wazala khona amadodana amabili. “Kuthe sekwedlule iminyaka engama-40, kwabonakala kuye esehlane elingasentabeni iSinayi, ingelosi iselangabini lomlilo esihlahleni. UMose ewubona lowo mbono wamangala. Kwathi esondela ukuba abhekisise, wezwa izwi leNkosi lithi: ‘NginguNkulunkulu woyihlo, uNkulunkulu ka-Abhrahama noka-Isaka nokaJakobe.’ “UMose wathuthumela, akaba nasibindi sokubhekisisa. “INkosi yayisithi kuye: ‘Khumula izimbadada ezinyaweni zakho, ngokuba indawo omi kuyo ingumhlabathi ongcwele. Ngibonile nokukubona ukuhlushwa kwesizwe sami esiseGibhithe, ngizwile ukububula kwaso; sengehlile ukuba ngibakhiphe. Woza khona manje, ukuze ngikuthumele eGibhithe.’ “UMose lowo abamalayo bethi: ‘Ubekwe ngubani ukuba ube ngumbusi nomehluleli na?’ nguyena kanye uNkulunkulu amthuma ngesandla sengelosi eyabonakala kuye esihlahleni, ukuba abe ngumbusi nomhlengi wabo. Nguye lo owabakhipha eGibhithe enzile izimangaliso nezibonakaliso, nasoLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engama-40. “Nguye lo Mose owathi kwabakwa-Israyeli: ‘UNkulunkulu uyakunivusela umphrofethi onjengami kubafowenu.’ “Nguye lowo owayesebandleni ehlane nengelosi eyakhuluma naye entabeni iSinayi kanye nokhokho, nowemukela amazwi okuphila ukuze aninike wona. “Kepha okhokho abavumanga ukumlalela, kodwa bamsunduzela eceleni, babuyela emuva eGibhithe ngezinhliziyo zabo, bathi ku-Aroni: ‘Senzele onkulunkulu abazakuhamba phambi kwethu, ngokuba uMose lo owasikhipha eGibhithe, asazi ukuthi wehlelwe yini.’ “Benza ithole ngaleyo mihla, bethula umhlatshelo esithombeni, bathokoza emsebenzini wezandla zabo. Kepha uNkulunkulu wabafulathela, wabanikela ukuba bakhonze ibandla lezulu, njengokuba kulotshiwe encwadini yabaphrofethi, ukuthi: “ ‘Nanginika yini imihlatshelo neminikelo iminyaka engamashumi amane nisehlane, nina ndlu ka-Israyeli na? Qha, nathatha ithende likaMolokhi nenkanyezi kankulunkulu uRemfani, imifanekiso enayenza ukuba nikhuleke kuyo. Ngiyakunidingisela ngale kweBhabhiloni.’ “Okhokho bethu babenethende lobufakazi ehlane njengalokhu kwakuyale uNkulunkulu ngoMose ukuba alenze ngomfanekiso ayemkhobise wona. Okhokho bethu noJoshuwa balemukela, balingenisa ezweni labezizwe azixosha phambi kobaba, kwaze kwaba semihleni kaDavide, owafumana umusa phambi kukaNkulunkulu, wacela ukwenzela uNkulunkulu kaJakobe idokodo. Kepha uSolomoni wamakhela uNkulunkulu indlu. “Kepha oPhezukonke akahlali ezindlini ezakhiwe ngezandla, njengokuba esho umphrofethi, ethi: “ ‘Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; luhlobo luni lwendlu oyakungakhela lona’, kusho iNkosi. ‘Iyiphi indawo yami yokuphumula na? Akusona yini isandla sami esenze konke lokhu na?’ “Nina bontamolukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele, nani nifuze okhokho benu. Yimuphi kubaphrofethi ongahlushwanga ngokhokho benu na? Bababulala ababememezela phambilini ukuza koLungileyo, nani manje seningabakhapheli nababulali bakhe. Nina enemukela umthetho ngokuyala kwezingelosi, kodwa anawugcina.”

Dlulisela
Funda IzEnzo 7

IzEnzo 7:1-53 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Wayesethi umpristi omkhulu: “Zinjalo lezi zinto na? Wasesithi: Madoda, bazalwane, labobaba, lalelani; UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kubaba wethu u-Abrahama eseMesophothamiya, engakakhi eHarana; Wathi kuye: “Phuma ezweni lakini nasezihlotsheni zakho, uye ezweni engiyakukukhombisa lona. Wayesephuma ezweni lamaKaledi, wahlala eHarana; kwathi esefile uyise wamyisa kuleli zwe enihlala kulo manje. Futhi kamnikanga ilifa kulo, hatshi, ngitsho lendawo yokubeka unyawo lwakhe, kodwa wathembisa ukumnika lona libe ngelakhe, lenzalo yakhe emva kwakhe, engakabi lomntwana. UNkulunkulu wakhuluma kanje, wathi: “Inzalo yakhe iyakuba ngabafokazi ezweni lezizwe; nokuthi babenze izigqila, babaphathe kabi iminyaka engamakhulu amane. Nesizwe eyakuba yizigqila zaso ngiyakusahlulela mina, washo uNkulunkulu, andukuba baphume, bangikhonze kule ndawo. Wasemnika isivumelwano sokusoka; ngakho u-Abhrahama wazala u-Isaka, wamsoka ngosuku lwesificaminwembili; u-Isaka wazala uJakobe; uJakobe wazala okhokho abayishumi nambili. Okhokho baba lomhawu ngoJosefa, bathengisa ngoJosefa eGibhithe, kodwa uNkulunkulu wayelaye. Wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko zakhe, wamnika umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe; wamenza umbusi phezu kweGibithe nendlu yakhe yonke. Kwase kufika indlala ezweni lonke laseGibithe nelaseKhanani, nokuhlupheka okukhulu; obaba kabafumananga ukudla. Kepha uJakobe esezwile ukuthi kukhona amabele eGibithe, wathuma obaba okokuqala. Kwasekusithi ngokwesibili uJosefa wabonakala kubafowabo; isihlobo sikaJosefa sesaziwa kuFaro. UJosefa wayesethuma wabiza uJakobe uyise, nezihlobo zakhe zonke, abantu abangamashumi ayisikhombisa nanhlanu. UJakobe wehlela eGibithe, wafa, yena nawobaba bethu; Bathwalwa basiwa eShekemi, babekwa ethuneni u-Abrahama awalithenga ngenani lemali kumadodana kaHamori waseShekemi. Kwathi sesisondele isikhathi sesithembiso uNkulunkulu asifunga kuAbrahama, banda abantu, banda eGibhithe. Kwaze kwavela enye inkosi eyayingamazi uJosefa. Yona yaphatha izihlobo zethu ngobuqili, yabaphatha kubi obaba, baze baxotsha abantwana babo, ukuze bangaphili. Ngaleso sikhathi kwazalwa uMose, wayemuhle kakhulu, wondliwa izinyanga ezintathu endlini kayise. Eselahliwe, indodakazi kaFaro yamthatha, yazondlela yena ukuba abe yindodana yayo. UMose wafundiswa kukho konke ukuhlakanipha kwabaseGibithe, waba namandla ngamazwi nangezenzo. Kwathi eseneminyaka engamashumi amane ezelwe, kwafika enhliziyweni yakhe ukuhambela abafowabo, abantwana bakwa-Israyeli. Ebona omunye ephathwa kabi, wamvikela, wamphindisela ocindezelweyo, wamshaya owaseGibithe; Ngokuba wayethi abazalwane bakhe bazoqonda ukuthi uNkulunkulu wayezobakhulula ngesandla sakhe, kepha abaqondanga. Kwathi ngangomuso wabonakala kubo belwa, wafuna babuyisane, wathi: “Madoda, ningabazalwane; niphathana kabi ngani na? Kepha lowo owayemonile umakhelwane wakhe wamsunduza, wathi: ‘Ubekwe ngubani umbusi nomahluleli phezu kwethu na? Usufuna ukungibulala mina, njengalokho ubulele owaseGibithe izolo na? Ngalelo zwi uMose wabaleka, waba ngowezizwe ezweni lakwaMidiyani, lapho azala khona amadodana amabili. Kwathi isiphelile iminyaka engamashumi amane, kwabonakala kuye ehlane lentaba yaseSinayi ingelosi yeNkosi elangabini lomlilo esihlahleni. UMose ekubona wamangala ngalowo mbono; esithi: Mina nginguNkulunkulu waboyihlo, uNkulunkulu kaAbrahama, loNkulunkulu kaIsaka, loNkulunkulu kaJakobe. Wayesethuthumela uMose, akaba nasibindi sokubheka. INkosi yasisithi kuye: Khumula izicathulo zakho ezinyaweni zakho, ngoba indawo omi kuyo ingumhlabathi ongcwele. Ngikubonile, ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngizwile ukububula kwabo, futhi ngehlile ukuba ngibakhulule. Manje woza, ngizokuthuma eGibhithe. UMose lo abamalayo, bethi: “Ubekwe ngubani umbusi nomahluleli na? yena uNkulunkulu wamthuma ukuba abe ngumbusi nomkhululi ngesandla sengelosi eyabonakala kuye esihlahleni. Yena wabakhipha, ngemva kokuba enze izimanga nezibonakaliso ezweni laseGibhithe, naseLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engamashumi amane. Nguye lo uMozisi owathi kubantwana bakoIsrayeli: INkosi uNkulunkulu wenu izalivusela umprofethi kubazalwane benu onjengami; yena lizamuzwa. Lona nguye owayesebandleni ehlane kanye nengelosi eyakhuluma kuye entabeni yaseSinayi kanye nawobaba, owamukela amazwi aphilayo ukuze asinike wona; obaba bethu abavumanga ukumlalela, kodwa bamxotsha kibo, babuyela eGibhithe ngezinhliziyo zabo. besithi kuAroni: Senzele onkulunkulu abazahamba phambi kwethu, ngoba uMozisi lo owasikhupha elizweni leGibhithe, kasazi ukuthi wehlelwe yini. Benza ithole ngalezo zinsuku, banikela ngomhlatshelo esithombeni, bathokoza ngemisebenzi yezandla zabo. UNkulunkulu wayesephenduka, wabanikela ukuba bakhonze ibandla lezulu; njengokulotshiweyo egwalweni lwabaprofethi ukuthi: Lina ndlu kaIsrayeli, lanikela kimi yini iminikelo lemihlatshelo okweminyaka engamatshumi amane enkangala? Nathwala itabernakele likaMoloki, nenkanyezi kankulunkulu wenu uRefani, imifanekiso enayenza ukuba nikhuleke kuyo; Okhokho bethu babelethabhanekele lobufakazi enkangala njengokulaya kwakhe ekhuluma loMozisi ukuthi alenze njengomfanekiso ayewubonile. Okhokho bethu abayilandela bayingenisa kanye loJesu empahleni yabezizwe, uNkulunkulu abaxotshayo phambi kobuso babokhokho bethu, kwaze kwaba semihleni kaDavida; owathola umusa phambi kukaNkulunkulu, wacela ukutholela uNkulunkulu kaJakobe itabernakele. Kodwa uSolomoni wamakhela indlu. Kepha oPhezukonke akahlali ethempelini elenziwe ngezandla; njengokusho komprofethi. Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, lomhlaba uyisenabelo senyawo zami; isho iNkosi; noma iyini indawo yami yokuphumula na? Isandla sami asizenzanga zonke lezi zinto na? Nina bantamo zilukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele; Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? bababulala labo ababika ngaphambili ngokufika koLungileyo; eseningabakhapheli nababulali bakhe manje; enamukela umthetho ngesandla sezingelosi, kepha aniwugcinanga.

Dlulisela
Funda IzEnzo 7

IzEnzo 7:1-53 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Umpristi omkhulu wayesethi: “Nembala lokhu kunjalo na?” Yena wathi: “Madoda, bazalwane, nani bobaba, lalelani. UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kubaba u-Abrahama eseMesopotamiya, engakakhi eHarana, wathi kuye: ‘Phuma ezweni lakini nasezihlotsheni zakho, uye ezweni engizakukukhombisa lona.’ “Khona waphuma ezweni lamaKaledi, waya wakha eHarana. Kwathi esefile uyise, uNkulunkulu wamsusa lapho, wamhlalisa kuleli zwe enakhe kulo nina manje. Kepha akamnikanga ifa kulo, ngisho nelingangonyawo, wathembisa kodwa ukuthi uzakumnika lona libe ngelakhe nelenzalo yakhe emva kwakhe, engakabi namntwana. UNkulunkulu wakhuluma kanje, wathi: ‘Inzalo yakhe izakuba ngumfokazi ezweni lezizwe; bayakuyenza izigqila, bayiphathe kabi iminyaka engamakhulu amane. Kepha leso sizwe abayakuba yizigqila kuso ngiyakusahlulela mina, washo uNkulunkulu, andukuba baphume, bangikhonze kule ndawo.’ Wayesemnika isivumelwano sokusoka; kanjalo-ke wazala u-Isaka, wamsoka ngosuku lwesishiyagalombili; u-Isaka wazala uJakobe, uJakobe wazala okhokho abayishumi nambili. “Okhokho baba nomhawu ngoJosefa, bathengisa ngaye, wasiwa eGibithe; kodwa uNkulunkulu wayenaye, wamkhipha kuzo zonke izinhlupheko zakhe, wamupha umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe; yena wammisa abe ngumbusi eGibithe nakuyo yonke indlu yakhe. “Kepha kwafika indlala kulo lonke iGibithe nakwaKhanani, nokuhlupheka okukhulu; obaba kabafumana ukudla. UJakobe esezwile ukuthi kukhona ukudla eGibithe, wathuma obaba ngokokuqala; kwathi ngokwesibili uJosefa waziwa ngabafowabo; kwabonakala kuFaro isizwe sakubo kaJosefa. UJosefa wayesethumela wabiza uJakobe uyise nabakubo bonke, abantu abangamashumi ayisikhombisa nanhlanu. UJakobe wehlela eGibithe; wafa yena nawobaba. Bayiswa eSikemi, babekwa ethuneni alithenga u-Abrahama ngenani lesiliva kumadodana kaHamori eSikemi. “Kepha sesisondele isikhathi sesithembiso uNkulunkulu asisho ku-Abrahama, banda abantu, baba baningi eGibithe, kwaze kwavela enye inkosi eGibithe ebingamazi uJosefa. Yona yasiphatha ngobuqili isizwe sakithi, yabahlupha obaba ngokubalahlisa izingane zabo zingaphili. “Ngaleso sikhathi kwazalwa uMose, waba muhle kuNkulunkulu; wondliwa izinyanga ezintathu endlini kayise; eselahliwe, indodakazi kaFaro yamthola, yazondlela yena ukuba abe yindodana yayo. UMose wafundiswa ukuhlakanipha konke kwabaseGibithe; waba namandla ngamazwi nangemisebenzi yakhe. “Kuthe eseneminyaka engamashumi amane ezelwe, kwafika enhliziyweni yakhe ukuba abamele abafowabo, abantwana bakwa-Israyeli. Wabona umuntu ephathwa kabi, wamvikela, wamphindisela ohlushwayo, wambulala owaseGibithe. Ubethemba ukuthi abafowabo bayakuqonda ukuthi uNkulunkulu ubanika ukusindiswa ngesandla sakhe; kepha abakuqondanga. Nangangomuso wafika kubo belwa, wazama ukubalamula, babuyisane, wathi: ‘Madoda, ningabazalwane; niphathanelani kabi na?’ “Kepha lowo owayemona umakhelwane wakhe wamhlohloloza wathi: ‘Ubekwe ngubani ube ngumbusi nomahluleli phezu kwethu na? Usufuna ukungibulala nami, njengalokho ubulele owaseGibithe izolo na?’ Khona uMose wabaleka ngenxa yalelo zwi, waba ngumfokazi ezweni lakwaMidiyani, lapho azala khona amadodana amabili. “Kwathi sekuphelele iminyaka engamashumi amane, kwabonakala kuye ehlane lentaba yaseSinayi ingelosi iselangabini lomlilo esihlahleni. UMose ekubona wamangala ngalowo mbono; esasondela ukuba abhekisise, kwafika izwi leNkosi, lathi: ‘NginguNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe.’ UMose wathuthumela, akaba nasibindi sokubhekisisa. “INkosi yayisithi kuye: ‘Khumula izicathulo ezinyaweni zakho, ngokuba indawo omi kuyo ingumhlabathi ongcwele. Ngikubonile nokukubona ukuhlushwa kwesizwe sami esiseGibithe, ngizwile ukububula kwaso; sengehlile ukuba ngibakhiphe. Woza kalokhu, ngizakukuthumela eGibithe.’ “UMose lowo abamalayo bethi: ‘Ubekwe ngubani ube ngumbusi nomahluleli na?’ nguyena amthumayo uNkulunkulu ngesandla sengelosi eyabonakala kuye esihlahleni, abe ngumbusi nomhlengi. Yena lowo wabakhipha enza izimangaliso nezibonakaliso ezweni laseGibithe, naseLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engamashumi amane. “Nguye uMose lowo owathi kubantwana bakwa-Israyeli: ‘UNkulunkulu uyakunivusela umprofethi kubafowenu onjengami.’ Nguye lowo owayesebandleni ehlane kanye nengelosi eyakhuluma naye entabeni yaseSinayi kanye nawobaba, nowamukela amazwi okuphila, ukuze aninike wona. “Kepha obaba abavumanga ukumlalela, kodwa bamhlohloloza, babuyela emuva eGibithe ngezinhliziyo zabo, bathi ku-Aroni: ‘Senzele onkulunkulu abazakuhamba phambi kwethu; ngokuba uMose lowo owasikhipha ezweni laseGibithe, asazi ukuba wehlelwe yini.’ Benza ithole ngaleyo mihla, baletha umhlatshelo esithombeni, bajabula ngemisebenzi yezandla zabo. Kepha uNkulunkulu wabafulathela, wabadedela ukuba bakhonze ibandla lezulu, njengokuba kulotshiwe encwadini yabaprofethi ukuthi: “ ‘Naningilethela iminikelo nemihlatshelo iminyaka engamashumi amane ehlane nina ndlu ka-Israyeli na? Qha, nathatha itende likaMoloki nenkanyezi kankulunkulu uRemfani, imifanekiso enayenza ukuba nikhuleke kuyo. Ngiyakunimukisela ngaphambili kweBabiloni.’ “Kwakukhona itende lobufakazi kobaba ehlane njengalokho akuyalayo yena owakhuluma noMose ukuba alenze ngomfanekiso abewubonile; obaba benoJoshuwa balamukela, balingenisa ezweni lezizwe azixoshayo uNkulunkulu ebusweni bawobaba, kwaze kwaba semihleni kaDavide owathola umusa ebusweni bukaNkulunkulu, wacela ukufunela uNkulunkulu kaJakobe idokodo. Kepha nguSolomoni owamakhela indlu. “Kodwa oPhezukonke akahlali ezindlini ezenziwe ngezandla njengokusho komprofethi ukuthi: “ ‘Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, nomhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; ngenjani indlu eniyakungakhela yona,’ isho iNkosi, ‘noma yiyiphi indawo yami yokuphumula na? Isandla sami asikwenzanga konke lokho na?’ “Nina bantamo zilukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele; njengoyihlo ninjalo nani. Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? Bababulala ababememezela ngaphambili ukuza koLungileyo, eseningabakhapheli nababulali bakhe, nina enamukela umthetho ngokuyala kwezingelosi, kepha aniwugcinanga.”

Dlulisela
Funda IzEnzo 7

IzEnzo 7:1-53 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Wayesethi umpristi omkhulu: “Zinjalo lezi zinto na? Wasesithi: Madoda, bazalwane, labobaba, lalelani; UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kubaba wethu u-Abrahama eseMesophothamiya, engakakhi eHarana; Wathi kuye: “Phuma ezweni lakini nasezihlotsheni zakho, uye ezweni engiyakukukhombisa lona. Wayesephuma ezweni lamaKaledi, wahlala eHarana; kwathi esefile uyise wamyisa kuleli zwe enihlala kulo manje. Futhi kamnikanga ilifa kulo, hatshi, ngitsho lendawo yokubeka unyawo lwakhe, kodwa wathembisa ukumnika lona libe ngelakhe, lenzalo yakhe emva kwakhe, engakabi lomntwana. UNkulunkulu wakhuluma kanje, wathi: “Inzalo yakhe iyakuba ngabafokazi ezweni lezizwe; nokuthi babenze izigqila, babaphathe kabi iminyaka engamakhulu amane. Nesizwe eyakuba yizigqila zaso ngiyakusahlulela mina, washo uNkulunkulu, andukuba baphume, bangikhonze kule ndawo. Wasemnika isivumelwano sokusoka; ngakho u-Abhrahama wazala u-Isaka, wamsoka ngosuku lwesificaminwembili; u-Isaka wazala uJakobe; uJakobe wazala okhokho abayishumi nambili. Okhokho baba lomhawu ngoJosefa, bathengisa ngoJosefa eGibhithe, kodwa uNkulunkulu wayelaye. Wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko zakhe, wamnika umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe; wamenza umbusi phezu kweGibithe nendlu yakhe yonke. Kwase kufika indlala ezweni lonke laseGibithe nelaseKhanani, nokuhlupheka okukhulu; obaba kabafumananga ukudla. Kepha uJakobe esezwile ukuthi kukhona amabele eGibithe, wathuma obaba okokuqala. Kwasekusithi ngokwesibili uJosefa wabonakala kubafowabo; isihlobo sikaJosefa sesaziwa kuFaro. UJosefa wayesethuma wabiza uJakobe uyise, nezihlobo zakhe zonke, abantu abangamashumi ayisikhombisa nanhlanu. UJakobe wehlela eGibithe, wafa, yena nawobaba bethu; Bathwalwa basiwa eShekemi, babekwa ethuneni u-Abrahama awalithenga ngenani lemali kumadodana kaHamori waseShekemi. Kwathi sesisondele isikhathi sesithembiso uNkulunkulu asifunga kuAbrahama, banda abantu, banda eGibhithe. Kwaze kwavela enye inkosi eyayingamazi uJosefa. Yona yaphatha izihlobo zethu ngobuqili, yabaphatha kubi obaba, baze baxotsha abantwana babo, ukuze bangaphili. Ngaleso sikhathi kwazalwa uMose, wayemuhle kakhulu, wondliwa izinyanga ezintathu endlini kayise. Eselahliwe, indodakazi kaFaro yamthatha, yazondlela yena ukuba abe yindodana yayo. UMose wafundiswa kukho konke ukuhlakanipha kwabaseGibithe, waba namandla ngamazwi nangezenzo. Kwathi eseneminyaka engamashumi amane ezelwe, kwafika enhliziyweni yakhe ukuhambela abafowabo, abantwana bakwa-Israyeli. Ebona omunye ephathwa kabi, wamvikela, wamphindisela ocindezelweyo, wamshaya owaseGibithe; Ngokuba wayethi abazalwane bakhe bazoqonda ukuthi uNkulunkulu wayezobakhulula ngesandla sakhe, kepha abaqondanga. Kwathi ngangomuso wabonakala kubo belwa, wafuna babuyisane, wathi: “Madoda, ningabazalwane; niphathana kabi ngani na? Kepha lowo owayemonile umakhelwane wakhe wamsunduza, wathi: ‘Ubekwe ngubani umbusi nomahluleli phezu kwethu na? Usufuna ukungibulala mina, njengalokho ubulele owaseGibithe izolo na? Ngalelo zwi uMose wabaleka, waba ngowezizwe ezweni lakwaMidiyani, lapho azala khona amadodana amabili. Kwathi isiphelile iminyaka engamashumi amane, kwabonakala kuye ehlane lentaba yaseSinayi ingelosi yeNkosi elangabini lomlilo esihlahleni. UMose ekubona wamangala ngalowo mbono; esithi: Mina nginguNkulunkulu waboyihlo, uNkulunkulu kaAbrahama, loNkulunkulu kaIsaka, loNkulunkulu kaJakobe. Wayesethuthumela uMose, akaba nasibindi sokubheka. INkosi yasisithi kuye: Khumula izicathulo zakho ezinyaweni zakho, ngoba indawo omi kuyo ingumhlabathi ongcwele. Ngikubonile, ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngizwile ukububula kwabo, futhi ngehlile ukuba ngibakhulule. Manje woza, ngizokuthuma eGibhithe. UMose lo abamalayo, bethi: “Ubekwe ngubani umbusi nomahluleli na? yena uNkulunkulu wamthuma ukuba abe ngumbusi nomkhululi ngesandla sengelosi eyabonakala kuye esihlahleni. Yena wabakhipha, ngemva kokuba enze izimanga nezibonakaliso ezweni laseGibhithe, naseLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engamashumi amane. Nguye lo uMozisi owathi kubantwana bakoIsrayeli: INkosi uNkulunkulu wenu izalivusela umprofethi kubazalwane benu onjengami; yena lizamuzwa. Lona nguye owayesebandleni ehlane kanye nengelosi eyakhuluma kuye entabeni yaseSinayi kanye nawobaba, owamukela amazwi aphilayo ukuze asinike wona; obaba bethu abavumanga ukumlalela, kodwa bamxotsha kibo, babuyela eGibhithe ngezinhliziyo zabo. Besithi kuAroni: Senzele onkulunkulu abazahamba phambi kwethu, ngoba uMozisi lo owasikhupha elizweni leGibhithe, kasazi ukuthi wehlelwe yini. Benza ithole ngalezo zinsuku, banikela ngomhlatshelo esithombeni, bathokoza ngemisebenzi yezandla zabo. UNkulunkulu wayesephenduka, wabanikela ukuba bakhonze ibandla lezulu; njengokulotshiweyo egwalweni lwabaprofethi ukuthi: Lina ndlu kaIsrayeli, lanikela kimi yini iminikelo lemihlatshelo okweminyaka engamatshumi amane enkangala? Nathwala itabernakele likaMoloki, nenkanyezi kankulunkulu wenu uRefani, imifanekiso enayenza ukuba nikhuleke kuyo; Okhokho bethu babelethabhanekele lobufakazi enkangala njengokulaya kwakhe ekhuluma loMozisi ukuthi alenze njengomfanekiso ayewubonile. Okhokho bethu abayilandela bayingenisa kanye loJesu empahleni yabezizwe, uNkulunkulu abaxotshayo phambi kobuso babokhokho bethu, kwaze kwaba semihleni kaDavida; owathola umusa phambi kukaNkulunkulu, wacela ukutholela uNkulunkulu kaJakobe itabernakele. Kodwa uSolomoni wamakhela indlu. Kepha oPhezukonke akahlali ethempelini elenziwe ngezandla; njengokusho komprofethi. Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, lomhlaba uyisenabelo senyawo zami; isho iNkosi; noma iyini indawo yami yokuphumula na? Isandla sami asizenzanga zonke lezi zinto na? Nina bantamo zilukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele; Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? bababulala labo ababika ngaphambili ngokufika koLungileyo; eseningabakhapheli nababulali bakhe manje; enamukela umthetho ngesandla sezingelosi, kepha aniwugcinanga.

Dlulisela
Funda IzEnzo 7