IzEnzo 6:1-8
IzEnzo 6:1-8 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngalezo zinsuku, abafundi banda, kwavela ukukhonona kwabekhuluma isiGreki ngamaHeberu, ngokuba abafelokazi bawo babenganakwa enkonzweni yezinsuku zonke. Abayishumi nambili base bebizela kubo uquqaba lwabafundi, bathi: “Akukuhle ukuba thina sishiye izwi likaNkulunkulu, sikhonze ematafuleni. Ngakho-ke, bazalwane, zifuneleni phakathi kwenu amadoda ayisikhombisa anodumo oluhle, agcwele uMoya oNgcwele nokuhlakanipha, esingawabeka phezu kwalo msebenzi. Kepha thina siyakukhuthalela ukukhuleka, nasenkonzweni yezwi. Lelizwi lathokozisa ixuku lonke, basebekhetha uStefane, indoda egcwele ukholo loMoya oNgcwele, loFiliphu, loProkoro, loNikanori, loTimoni, loParmena, loNikolasi umproselithe waseAntiyoki; ababeka phambi kwabaphostoli; sebekhulekile babeka izandla phezu kwabo. Lelizwi likaNkulunkulu landa; isibalo sabafundi sanda kakhulu eJerusalema; nesixuku esikhulu sabapristi salalela ukholo. Kepha uStefanu egcwele ukholo namandla wenza izimangaliso nezimangaliso ezinkulu phakathi kwabantu.
IzEnzo 6:1-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi ngalezo zinsuku, abafundi sebanda, kwaba khona ukukhononda kulabo abakhuluma isiGriki, ngamaHebheru, ngokuthi abafelokazi bakubo bayancishwa uma kwabiwa imihla ngemihla. Abali-12 babiza ibandla labafundi, bathi: “Akukuhle ukuba thina sishiye izwi likaNkulunkulu, sikhonze ematafuleni. Qokani phakathi kwenu, bazalwane, amadoda ayisikhombisa anegama elihle, agcwele uMoya nokuhlakanipha, esiyakuwamisa ukuba enze lo msebenzi. Kodwa thina sizakuzinikela ekukhulekeni nasenkonzweni yezwi.” Leli lizwi lathakaselwa yilo lonke ibandla, base bekhetha uStefani, umuntu owayegcwele ukukholwa noMoya oNgcwele, uFiliphu, uPhrokhoro, uNikhanori, uThimoni, uPharmena, noNikholawu, oyiphroselithe lase-Antiyokhiya. Babamisa phambi kwabaphostoli; bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo. Izwi likaNkulunkulu lasabalala, kwathi inani labafundi lakhula kakhulu eJerusalema, nesixuku esikhulu sabaphristi sayamukela inkolo. UStefani, egcwele umusa namandla, wenza izimangaliso nezibonakaliso ezinkulu phakathi kwabantu.
IzEnzo 6:1-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi ngaleyo mihla abafundi sebanda, kwavela ukukhonona kubaJuda abakhuluma isiGreki ngamaHeberu ngokuthi abafelokazi bakubo bayancishwa ekwabelweni kwemihla ngemihla. Abayishumi nambili base bebiza ibandla labafundi, bathi: “Akukuhle ukuba thina sishiye izwi likaNkulunkulu, sikhonze ematafuleni. Funani-ke phakathi kwenu bazalwane amadoda ayisikhombisa anodumo oluhle, agcwele uMoya nokuhlakanipha, esingawamisela lowo msebenzi. Kepha thina sizakuqinisela ekukhulekeni nasenkonzweni yezwi.” Leli zwi laba lihle kulo lonke ibandla; base bekhetha uStefanu, umuntu owayegcwele ukukholwa noMoya oNgcwele, noFiliphu, noProkhoro, noNikanori, noThimoni, noPharmena, noNikolawu, iproselite* lase-Antiyokiya, babamisa phambi kwabaphostoli; bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo. Izwi likaNkulunkulu landa, umumo wabafundi wakhula eJerusalema, nesixuku esikhulu sabapristi salalela inkolo. Kepha uStefanu egcwele umusa namandla wenza izimangaliso nezibonakaliso ezinkulu phakathi kwabantu.
IzEnzo 6:1-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)