IzEnzo 6:1-15

IzEnzo 6:1-15 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Ngalezo zinsuku, abafundi banda, kwavela ukukhonona kwabekhuluma isiGreki ngamaHeberu, ngokuba abafelokazi bawo babenganakwa enkonzweni yezinsuku zonke. Abayishumi nambili base bebizela kubo uquqaba lwabafundi, bathi: “Akukuhle ukuba thina sishiye izwi likaNkulunkulu, sikhonze ematafuleni. Ngakho-ke, bazalwane, zifuneleni phakathi kwenu amadoda ayisikhombisa anodumo oluhle, agcwele uMoya oNgcwele nokuhlakanipha, esingawabeka phezu kwalo msebenzi. Kepha thina siyakukhuthalela ukukhuleka, nasenkonzweni yezwi. Lelizwi lathokozisa ixuku lonke, basebekhetha uStefane, indoda egcwele ukholo loMoya oNgcwele, loFiliphu, loProkoro, loNikanori, loTimoni, loParmena, loNikolasi umproselithe waseAntiyoki; ababeka phambi kwabaphostoli; sebekhulekile babeka izandla phezu kwabo. Lelizwi likaNkulunkulu landa; isibalo sabafundi sanda kakhulu eJerusalema; nesixuku esikhulu sabapristi salalela ukholo. Kepha uStefanu egcwele ukholo namandla wenza izimangaliso nezimangaliso ezinkulu phakathi kwabantu. Kwasekusukuma abathile besinagoge elithiwa elabaKhululwa, nabaseKhurene, nabase-Aleksandriya, nabavela eKhilikhiya nase-Asiya, baphikisana noStefanu; Kodwa babengelakho ukumelana lokuhlakanipha loMoya ayekhuluma ngaye. Khona bakhohlisa amadoda athi: Simzwile ekhuluma amazwi enhlamba ngoMozisi langoNkulunkulu. Basebevusa abantu labadala lababhali, basebesondela kuye, bambamba, bamusa emphakathini; Base bemisa ofakazi bamanga abathi: “Lona kayeki ukukhuluma amazwi ayinhlamba ngale ndawo engcwele nangomthetho; Ngokuba simzwile ethi loJesu waseNazaretha uzakuchitha le ndawo, aguqule amasiko uMose asinika wona. Bonke ababehlezi emphakathini bamgqolozela, babona ubuso bakhe kungathi ubuso bengelosi.

Dlulisela
Funda IzEnzo 6

IzEnzo 6:1-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi ngalezo zinsuku, abafundi sebanda, kwaba khona ukukhononda kulabo abakhuluma isiGriki, ngamaHebheru, ngokuthi abafelokazi bakubo bayancishwa uma kwabiwa imihla ngemihla. Abali-12 babiza ibandla labafundi, bathi: “Akukuhle ukuba thina sishiye izwi likaNkulunkulu, sikhonze ematafuleni. Qokani phakathi kwenu, bazalwane, amadoda ayisikhombisa anegama elihle, agcwele uMoya nokuhlakanipha, esiyakuwamisa ukuba enze lo msebenzi. Kodwa thina sizakuzinikela ekukhulekeni nasenkonzweni yezwi.” Leli lizwi lathakaselwa yilo lonke ibandla, base bekhetha uStefani, umuntu owayegcwele ukukholwa noMoya oNgcwele, uFiliphu, uPhrokhoro, uNikhanori, uThimoni, uPharmena, noNikholawu, oyiphroselithe lase-Antiyokhiya. Babamisa phambi kwabaphostoli; bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo. Izwi likaNkulunkulu lasabalala, kwathi inani labafundi lakhula kakhulu eJerusalema, nesixuku esikhulu sabaphristi sayamukela inkolo. UStefani, egcwele umusa namandla, wenza izimangaliso nezibonakaliso ezinkulu phakathi kwabantu. Kepha kwasuka abanye besinagoge elibizwa ngokuthi elabaLibherithino, nabaseKhurene, abase-Aleksandriya nababevela eKhilikhiya nase-Asiya, baphikisana noStefani. Kepha abakwazanga ukumelana nokuhlakanipha noMoya ayekhuluma ngakho. Base beshusha amadoda ngasese ukuba athi: “Simzwile ekhuluma amazwi ahlambalazayo ngoMose nangoNkulunkulu.” Bashusha abantu, amalunga, nezazimthetho ukuba batheleke kuye; bambamba, bamyisa emkhandlwini. Base bemisa ofakazi bamanga abathi: “Lo muntu akayeki ukukhuluma amazwi amelene nale ndawo engcwele nangomthetho, ngokuba simzwile ethi uJesu waseNazaretha uzakuyibhidliza le ndawo, aguqule namasiko esawanikwa nguMose.” Bonke ababesemkhandlwini bamgqolozela uStefani, babona ubuso bakhe kungathi ubuso bengelosi.

Dlulisela
Funda IzEnzo 6

IzEnzo 6:1-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi ngaleyo mihla abafundi sebanda, kwavela ukukhonona kubaJuda abakhuluma isiGreki ngamaHeberu ngokuthi abafelokazi bakubo bayancishwa ekwabelweni kwemihla ngemihla. Abayishumi nambili base bebiza ibandla labafundi, bathi: “Akukuhle ukuba thina sishiye izwi likaNkulunkulu, sikhonze ematafuleni. Funani-ke phakathi kwenu bazalwane amadoda ayisikhombisa anodumo oluhle, agcwele uMoya nokuhlakanipha, esingawamisela lowo msebenzi. Kepha thina sizakuqinisela ekukhulekeni nasenkonzweni yezwi.” Leli zwi laba lihle kulo lonke ibandla; base bekhetha uStefanu, umuntu owayegcwele ukukholwa noMoya oNgcwele, noFiliphu, noProkhoro, noNikanori, noThimoni, noPharmena, noNikolawu, iproselite* lase-Antiyokiya, babamisa phambi kwabaphostoli; bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo. Izwi likaNkulunkulu landa, umumo wabafundi wakhula eJerusalema, nesixuku esikhulu sabapristi salalela inkolo. Kepha uStefanu egcwele umusa namandla wenza izimangaliso nezibonakaliso ezinkulu phakathi kwabantu. Kwase kusuka abanye besinagoge* elithiwa elabaLibertino, nabaseKhurene, nabase-Aleksandriya, nabavela eKhilikhiya nase-Asiya, baphikisana noStefanu; kepha babengenamandla okumelana nokuhlakanipha noMoya ayekhuluma ngakho. Khona bathenga amadoda athi: “Simzwile ekhuluma amazwi enhlamba ngoMose nangoNkulunkulu,” bavusa abantu namalunga nababhali, bamvukela, bambamba, bamyisa emphakathini; bamisa ofakazi bamanga abathi: “Lo muntu akayeki ukukhuluma amazwi ngale ndawo engcwele nangomthetho; ngokuba simzwile ethi uJesu lo waseNazaretha uzakuchitha le ndawo, aguqule imithetho asinika yona uMose.” Kwathi bemgqolozela bonke ababehlezi emphakathini, babona ubuso bakhe kungathi ubuso bengelosi.

Dlulisela
Funda IzEnzo 6

IzEnzo 6:1-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)