IzEnzo 5:28-32
IzEnzo 5:28-32 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ethi: “Asiniyalanga yini ukuthi ningafundisi ngaleli gama na? bhekani, senigcwalise iJerusalema ngesifundiso senu, nihlose ukwehlisela igazi lalumuntu phezu kwethu. UPetru nabanye abaphostoli baphendula bathi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu. UNkulunkulu wawokhokho bethu wamvusa uJesu enambulala nina ngokumphanyeka esihlahleni. yena uNkulunkulu wamphakamisa ngesandla sakhe sokunene abe nguMbusi noMsindisi, ukuze anike u-Israyeli ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono. Thina singabafakazi bakhe balezizinto; kanjalo noMoya oNgcwele, uNkulunkulu amnike abamlalelayo.
IzEnzo 5:28-32 IsiZulu 2020 (ZUL20)
wathi: “Asinidonsanga yini ngendlebe ukuba ningafundisi ngaleli gama, kodwa senigcwalise iJerusalema ngemfundiso yenu, futhi nizimisele ukwehlisela igazi lalo muntu phezu kwethu.” Kodwa uPhethro nabaphostoli baphendula bathi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu. UNkulunkulu wokhokho bethu wamvusa uJesu enambulala nina ngokumphanyeka emthini. Lowo, uNkulunkulu wamphakamisa ngakwesokunene sakhe ukuba abe yiNkosi noMsindisi, anike u-Israyeli ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono. Thina singofakazi balezo zinto kanye noMoya oNgcwele uNkulunkulu amnikile labo abamlalelayo.”
IzEnzo 5:28-32 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
wathi: “Saniyala nokuniyala ukuba ningafundisi ngalelo gama; bhekani, senigcwalise iJerusalema ngesifundiso senu, nihlose ukwehlisela igazi lalowo muntu phezu kwethu.” Kepha uPetru nabaphostoli baphendula bathi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu. UNkulunkulu wawobaba wamvusa uJesu enambulala nina ngokumphanyeka emthini; lowo uNkulunkulu wamphakamisa ngesokunene sakhe abe yiNkosi noMsindisi ukuba anike u-Israyeli ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono. Thina singofakazi balezo zinto kanye noMoya oNgcwele uNkulunkulu amnikile labo abamlalelayo.”
IzEnzo 5:28-32 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ethi: “Asiniyalanga yini ukuthi ningafundisi ngaleli gama na? bhekani, senigcwalise iJerusalema ngesifundiso senu, nihlose ukwehlisela igazi lalumuntu phezu kwethu. UPetru nabanye abaphostoli baphendula bathi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu. UNkulunkulu wawokhokho bethu wamvusa uJesu enambulala nina ngokumphanyeka esihlahleni. Yena uNkulunkulu wamphakamisa ngesandla sakhe sokunene abe nguMbusi noMsindisi, ukuze anike u-Israyeli ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono. Thina singabafakazi bakhe balezizinto; kanjalo noMoya oNgcwele, uNkulunkulu amnike abamlalelayo.