IzEnzo 5:12-16
IzEnzo 5:12-16 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngezandla zabaphostoli kwenziwa izibonakaliso nezimangaliso eziningi phakathi kwabantu; bonke babe nganhliziyonye ekhulusini likaSolomoni. Kwabanye kakho owaba lesibindi sokuzihlanganisa labo, kodwa abantu babebakhulisa. Abakholwayo baqhubeka benezelwa eNkosini, izixuku zabesilisa nabesifazane. baze bakhiphela phandle abagulayo emigwaqweni, bababeka emibhedeni nasezinhlakeni, ukuze kuthi lapho uPetru edlula, sisibekele abanye kubo isithunzi. Kwabuthana futhi isixuku esivela emadolobheni azungeze iJerusalema, bethwele abagulayo nabakhathazwa imimoya engcolile, baphulukiswa bonke.
IzEnzo 5:12-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwenziwa izimangaliso nezibonakaliso eziningi kubantu, ngezandla zabaphostoli. Bonke babenhliziyonye besemphemeni kaSolomoni. Kepha kwabanye abantu akukho namunye owaba nesibindi sokuzihlanganisa nabo, kodwa abantu babebazisa kakhulu. Kwanezelwa abaningi abakholwa eNkosini, izinkumbi zabesilisa nabesifazane, kangangokuthi baze bakhiphela phandle emigwaqweni abagulayo, bababeka emacansini nasezinhlakeni, ukuze kuthi lapho uPhethro edlula, isithunzi sakhe sibeleke abanye babo. Kwabuthana nezindimbane zivela emizini ezungeze iJerusalema, zithwele abagulayo nabahlukunyezwa ngomoya abangcolileyo. Baphulukiswa bonke.
IzEnzo 5:12-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwenziwa izimangaliso nezibonakaliso eziningi ebantwini ngezandla zabaphostoli; bonke babe nhliziyonye besemphemeni kaSolomoni. Kepha kwabanye akwabakho owayenesibindi sokuzihlanganisa nabo, kepha abantu babebazisa kakhulu; benezelwa kakhulu abakholwa yiNkosi, abaningi nabesilisa nabesifazane, ngangokuba bakhiphela phandle emigwaqweni abagulayo, bababeka emacansini nasezinhlakeni, kuze kuthi lapho eza uPetru, isithunzi nje sakhe sisithibeze abanye kubo. Kwabuthana nesixuku esivela emizini ezungeze iJerusalema, beletha abagulayo nabakhathazwa ngawomoya abangcolileyo; baphulukiswa bonke.
IzEnzo 5:12-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngezandla zabaphostoli kwenziwa izibonakaliso nezimangaliso eziningi phakathi kwabantu; bonke babe nganhliziyonye ekhulusini likaSolomoni. Kwabanye kakho owaba lesibindi sokuzihlanganisa labo, kodwa abantu babebakhulisa. Abakholwayo baqhubeka benezelwa eNkosini, izixuku zabesilisa nabesifazane. Baze bakhiphela phandle abagulayo emigwaqweni, bababeka emibhedeni nasezinhlakeni, ukuze kuthi lapho uPetru edlula, sisibekele abanye kubo isithunzi. Kwabuthana futhi isixuku esivela emadolobheni azungeze iJerusalema, bethwele abagulayo nabakhathazwa imimoya engcolile, baphulukiswa bonke.