IzEnzo 4:32-37
IzEnzo 4:32-37 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kepha isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye nomphefumulo munye; kodwa bahlanganyela zonke izinto. Abaphostoli bafakaza ngamandla amakhulu ngokuvuka kweNkosi uJesu; umusa omkhulu wawuphezu kwabo bonke. Kwakungekho phakathi kwabo owayeswela, ngokuba bonke ababenezindawo noma izindlu bathengisa, baletha amanani okuthengisiweyo. Bakubeka phansi ezinyaweni zabaphostoli, kwasekwabelwa yilowo nalowo njengokuswela kwakhe. loJosefa owathiwa ngabaphostoli isibongo esithi nguBarnabasi, okuyikuthi ngokuphendulelwa, indodana yenduduzo, umLevi, welizwe leKhupro, Enensimu, wathengisa ngayo, waletha imali, wayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli.
IzEnzo 4:32-37 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye namphefumulo munye, akubanga bikho noyedwa owathi ngempahla yakhe, ingeyakhe, kodwa bahlanganyela kukho konke. Abaphostoli bethula ngamandla amakhulu ubufakazi ngokuvuka kweNkosi uJesu; umusa omkhulu wawuphezu kwabo bonke. Kwakungekho osweleyo phakathi kwabo, ngokuba bonke ababengabanikazi bamazwe noma bezindlu bathengisa ngakho, imali yalokho ababekuthengisile bayiletha, bayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli, kwaba yilowo nalowo wabelwa njengokuntula kwakhe. Kwathi uJosefa owaqanjwa ngabaphostoli ngokuthi uBharnabha, okusho ukuthi indodana ekhuthazayo, engumLevi waseKhuphro ngokuzalwa, enensimu, wathengisa ngayo, waletha imali, wayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli.
IzEnzo 4:32-37 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye nomphefumulo munye; akwabakho noyedwa owasho ngezimpahla zakhe ukuthi ngezakhe, kodwa bakuhlanganyela konke. Abaphostoli baveza ngamandla amakhulu ubufakazi ngokuvuka kweNkosi uJesu; umusa omkhulu wawuphezu kwabo bonke. Kwakungekho oswelayo phakathi kwabo; ngokuba bonke ababengabanikazi bamazwe noma bezindlu bathengisa ngakho, baletha imali yalokho abathengise ngakho, bayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli; kwaba yilowo nalowo wabelwa njengokuswela kwakhe. Kwathi uJosefa owathiwa ngabaphostoli uBarnaba, okungukuthi ngokuhunyushwa indodana yenduduzo, umLevi waseKhupro ngokuzalwa, enensimu, wathengisa ngayo, waletha imali, wayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli.
IzEnzo 4:32-37 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kepha isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye nomphefumulo munye; kodwa bahlanganyela zonke izinto. Abaphostoli bafakaza ngamandla amakhulu ngokuvuka kweNkosi uJesu; umusa omkhulu wawuphezu kwabo bonke. Kwakungekho phakathi kwabo owayeswela, ngokuba bonke ababenezindawo noma izindlu bathengisa, baletha amanani okuthengisiweyo. Bakubeka phansi ezinyaweni zabaphostoli, kwasekwabelwa yilowo nalowo njengokuswela kwakhe. LoJosefa owathiwa ngabaphostoli isibongo esithi nguBarnabasi, okuyikuthi ngokuphendulelwa, indodana yenduduzo, umLevi, welizwe leKhupro, Enensimu, wathengisa ngayo, waletha imali, wayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli.