IzEnzo 28:1-31

IzEnzo 28:1-31 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Sebephunyukile, bazi ukuthi isiqhingi sithiwa iMelitha. Amaqaba asenzela umusa omkhulu, ngokuba aphemba umlilo, asamukela sonke ngenxa yemvula eyayisina nangenxa yamakhaza. UPawuli etheza inyanda lezinkuni, walibeka emlilweni, kwaphuma inyoka ngenxa yokushisa, yanamathela esandleni sakhe. Abezizwe sebebona isilo esinesihlungu silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Ngokuqinisekile lo muntu ungumbulali, okuthi noma esindile olwandle ukuphindisela akuvumi ukuba aphile. Wasihluthunela isilo emlilweni, akezwa lutho. Kodwa babelindele ukuthi uzavuvuka kumbe awe phansi masinyane afe. Kulezo zindawo kwakukhona amasimu endoda enkulu yesiqhingi, ogama layo linguPhubhiliyu; owasamukela, wasamukela kahle izinsuku ezintathu. Kwasekusithi uyise kaPhubhiliyu wayelele ebanjwe ngumkhuhlane lomkhuhlane wegazi, uPawuli wangena kuye, wakhuleka, wabeka izandla phezu kwakhe, wamsilisa. Kwathi lokho sekwenzekile, beza nabanye abasesiqhingini abanezifo, baphulukiswa; abasidumisile futhi ngokutusa okuningi; kwathi sesihamba, basithwalisa esikudingayo. Emva kwezinyanga ezintathu samuka ngomkhumbi wase-Aleksandriya, owawudlulise ubusika esiqhingini, uphawu lwawo lungoKastore noPoluksi. Safika eSirakhuse, sahlala khona izinsuku ezintathu. Sasuka lapho sazungeza, safika eRegiyu; emva kosuku olulodwa kwavunguza umoya waseningizimu, ngangomuso safika ePhutheyoli; lapho sathola abazalwane, sancengwa ukuthi sihlale labo insuku eziyisikhombisa; ngokunjalo saya eRoma. Kuthe besuka lapho, abazalwane sebezwile ngathi, beza ukusihlangabeza baze bafika esikhungweni sika-Aphiyi naseTresi Thaberne, uPawulu ebabona wabonga uNkulunkulu, wema isibindi. Kwathi sesifikile eRoma, induna yekhulu yanikela izibotshwa enduneni yabalindi, kodwa uPawuli wavunyelwa ukuthi ahlale yedwa lebutho elimgadileyo. Kwathi emva kwezinsuku ezintathu uPawuli wabizela ndawonye izikhulu zabaJuda; nokho nganikelwa eJerusalema ngiyisiboshwa ezandleni zamaRoma. kwathi sebengihlolile, bathanda ukungikhulula, ngoba kwakungekho cala kimi lokufa. Kepha abaJuda sebekuphikisa, ngacindezelwa ukuba ngilidlulisele kuKesari; kungeyisikho ukuthi bengifanele ukusola isizwe sakithi. Ngakho ngenxa yalokhu nginibizele ukulibona, ngikhulume lani, ngoba ngenxa yethemba likaIsrayeli ngibotshiwe ngamaketane. Base bethi kuye: “Thina asamukelanga ncwadi ngawe evela eJudiya, futhi akufikanga namunye wabazalwane owabika noma wakhuluma utho olubi ngawe. Kepha sithanda ukuzwa ngawe ukuthi yini oyicabangayo, ngokuba ngaleli hlelo siyazi ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke. Sebemmisele usuku, kweza kuye abaningi endlini yakhe yezihambi; wabachasisela, wafakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebancenga ngoJesu, ethatha emthethweni kaMozisi lakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa. Abanye bakholwa yilokho okwakhulunywayo, kepha abanye kabakholwa. Kwathi bengavumelananga phakathi kwabo, basuka uPawuli esekhulume ilizwi linye lokuthi: Ukhulume kuhle uMoya oNgcwele ngoIsaya umprofethi kokhokho bethu. esithi: Hamba uye kulababantu uthi: Ukuzwa lizakuzwa, kodwa kaliyikuqedisisa; nokubona nizakubona, ningabonisi; Ngokuba inhliziyo yalaba bantu seyaba lukhuni, bezwa ngezindlebe zabo, bacimezile namehlo abo; funa babone ngamehlo, bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphilise. Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi usindiso lukaNkulunkulu luthunyelwa kwabezizwe, futhi bayakuzwa. Eseshilo lokho, abaJuda bamuka, benezimpikiswano ezinkulu phakathi kwabo. UPawuli wahlala iminyaka emibili egcweleyo endlini yakhe ayeyiqatshile, wemukela bonke ababeza kuye. eshumayela umbuso kaNkulunkulu, efundisa izinto eziphathelene neNkosi uJesu Kristu ngesibindi esikhulu, engavinjelwa muntu.

Dlulisela
Funda IzEnzo 28

IzEnzo 28:1-31 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi sesifikile endaweni ephephile, sezwa ukuthi leso siqhingi kuthiwa iMelitha. Abantu bakhona basiphatha ngobubele obungavamile, sebebase umlilo, basemukela sonke, ngenxa yokuba lalina futhi kumakhaza. UPawula esethezile isixha sezinswani, wasifaka emlilweni, kwathi ngenxa yokushisa kwaphuma inyoka, yazithandela esandleni sakhe. Lapho abantu bendawo bebona isilwane silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Impela lo muntu ungumbulali, kuthi noma esesinde olwandle, kodwa ukuLunga kungavumi ukuba aphile.” Kepha wasinikinela isilwane emlilweni, akaze alimala. Babheka belindele ukuthi usazovuvuka noma afumbeke phansi ngokushesha, afe, kodwa sebelinde isikhathi eside, bebona engehlelwa ngozi, base beguqula umqondo, bathi ungunkulunkulu. Kuleyo ndawo kwakukhona izwe lesikhulu sesiqhingi, igama lesikhulu kwakunguPhubhiliyu, sona sasamukela sasiphatha kahle; sahlala izinsuku ezintathu. Kepha uyise kaPhubhiliyu wayenomkhuhlane, elele phansi. UPawula wangena lapho elele khona, wathandaza, wabeka izandla phezu kwakhe, wamphilisa. Sekwenzekile lokho, iningi labantu basesiqhingini baletha nabanye ababenezifo, baphiliswa. Basihlonipha kakhulu impela, kwathi mhla sihamba ngomkhumbi, basipha esikudingayo. Emva kwezinyanga ezintathu, sahamba ngomkhumbi wase-Aleksandriya owawume esiqhingini ukuze kwedlule ubusika, owawunophawu lwamaWele. Sesingene echwebeni eSirakhuse, sahlala izinsuku ezintathu. Sesisuka lapho sagwegwa saze safika eRegiyu, ngokuba kwavuka umoya waseningizimu, kwathi ngosuku lwesibili safinyelela ePhutheyoli. Safumana khona abazalwane, basimema ukuba sihlale nabo izinsuku eziyisikhombisa; emveni kwalokho safika eRoma. Kuthe abazalwane sebezwile ngathi basuka khona, beza kithi bezosihlangabeza, baze bafika e-Aphiyo Foru naseThresi Thaberne. Kwathi ebabona uPawula, wabonga uNkulunkulu, wama isibindi. Sesifikile eRoma, uPawula wavunyelwa ukuhlala yedwa enebutho elimlindayo. Kwathi sekwedlule izinsuku ezintathu, wabiza labo abadumile babaJuda ukuba beze kuye. Sebebuthene, wathi kubo: “Madoda, bazalwane, nakuba mina kungekho lutho oluphambene nesizwe namasiko okhokho engilwenzileyo, nokho ngisuswe eJerusalema ngiboshiwe, nganikelwa ezandleni zamaRoma. Athi esengihlolile, afuna ukungikhulula, ngokuba athi awafumani cala kimi elifanelwe ukuba ngife. Kepha abaJuda bakuphikisa lokho, ngaze ngaphoqeka ukuba icala ngiledlulisele eRoma kuKhesari, hhayi ngoba ngimangalela isizwe sakithi ngento ethile. Ngakho-ke ngenxa yaleso sizathu, nginibizele lapha ukuba nginibone, ngikhulume nani, ngokuba kungenxa yethemba lika-Israyeli ngiboshiwe ngaleli ketanga.” Base bethi kuye: “Thina akukho ncwadi evela eJudiya esiyitholile emayelana nawe, futhi akukho muntu kubazalwane ofikile ukubika noma ukukunyembenya. Kepha thina siyathanda ukuzwa ukuthi ucabangani, ngokuba siyazi ngaleli hlelo ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke.” Sebemmisele usuku, baya kuye endlini ngobuningi, wabacacisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebanxenxa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaphrofethi, kusukela ekuseni kwaze kwaba kusihlwa. Abanye baneliswa yilokho okwakhulunywayo, kodwa abanye abakholwanga. Kwathi ukuba bangezwani bodwa, base behlakazeka, uPawula wakhuluma izwi laba linye lokuthi: “UMoya oNgcwele wakhuluma kahle ngo-Izaya umphrofethi kokhokho benu, ethi: “ ‘Hamba uye kulesi sizwe, uthi: “Niyakuzwa nokuzwa, kepha ningaqondi, niyakubona nokubona, ningabonisisi, ngokuba inhliziyo yalesi sizwe seyaba buthuntu; sizwa kanzima ngezindlebe, amehlo aso siwavalile, funa mhlawumbe sibone ngamehlo, sizwe ngezindlebe, siqonde ngenhliziyo, siphenduke; ngisiphilise.” ’ “Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi le nsindiso kaNkulunkulu ithunyelwe kwabezizwe; bona-ke bayakulalela.” Kwathi esekushilo lokho, abaJuda baphuma benokuphikisana okukhulu phakathi kwabo. UPawula wahlala iminyaka emibili epheleleyo endlini yakhe ayeyiqashile, emukela bonke abeza kuye, eshumayela umbuso kaNkulunkulu, efundisa ngaso sonke isibindi izindaba zeNkosi uJesu uKhristu, ngaphandle kokuphazanyiswa.

Dlulisela
Funda IzEnzo 28

IzEnzo 28:1-31 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi sesisindile khona, sezwa ukuthi isiqhingi sithiwa iMelitha. Abantu bakhona basiphatha ngobubele obungavamile, ngokuba babebasa umlilo, basamukela sonke ngenxa yemvula eyayisina nangenxa yamakhaza. Kepha uPawulu ecakashile ixha lezinsaba, elibeka emlilweni, kwaphuma inyoka ngenxa yokushisa, yanamathela esandleni sakhe. Abantu bakhona sebebona isilwane silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Ngempela lo muntu ungumbulali othi noma esindile elwandle ukuLunga akuvumi ukuba aphile.” Kodwa yena wasinikinela isilwane emlilweni, akaze alimala. Kepha babheka ukuthi usezakuvuvuka, nokuba awe phansi masinyane, afe. Kepha sebebheka isikhathi eside, bebona ukuthi akafikelwa ngozi, baphenduka bathi ungunkulunkulu. Kwakukhona kuleyo ndawo izwe lesikhulu sesiqhingi, igama laso linguPhubiliyu; yena wasamukela, wasiphatha kahle izinsuku ezintathu. Kepha uyise kaPhubiliyu wayelele phansi ephethwe ngumkhuhlane nembo; uPawulu wangena kuye, wakhuleka, wabeka izandla phezu kwakhe, wamphilisa. Kwathi lokho sekwenzekile, beza nabanye abasesiqhingini abanezifo, baphulukiswa, basitusa ngokutusa okuningi; kwathi mhla simuka ngomkhumbi, basinika esikudingayo. Emva kwezinyanga ezintathu sase simuka ngomkhumbi wase-Aleksandriya owawudlulisa ubusika esiqhingini, uphawu lwawo lungolwamaWele. Sangena eSirakhuse, sahlala izinsuku ezintathu; sasuka lapho, sagwegwesa, safika eRegiyu. Sekudlule usuku lwaba lunye, kwavuka iningizimu, safika ePhutheyoli ngosuku lwesibili. Safumana khona abazalwane, sancengwa ukuba sihlale nabo izinsuku eziyisikhombisa; kanjalo safika eRoma. Abazalwane sebezwile ngathi basuka khona, beza ukusihlangabeza baze bafika e-Aphiyo Foru naseTresi Thaberne; uPawulu ebabona wabonga uNkulunkulu, wema isibindi. Sesifikile eRoma, uPawulu wavunyelwa ukuhlala yedwa enebutho elimlindayo. Kwathi emva kwezinsuku ezintathu wabizela ndawonye kuye abakhulu babaJuda; sebebuthene, wathi kubo: “Madoda, bazalwame, noma mina ngingenzanga lutho oluphambene nesizwe namasiko awobaba, nokho ngasuswa eJerusalema ngiyisiboshwa, nganikelwa ezandleni zamaRoma; wona esengihlolile afuna ukungikhulula, ngokuba kungekho cala kimi lokuba ngife; kepha abaJuda bekuphikisa, ngacindezelwa ukuba ngilidlulisele kuKesari, kungesikho ukuthi ngisimangalela isizwe sakithi ngalutho. Ngakho ngaleso sizathu nginibizele lapha ukuba nginibone, ngikhulume nani; ngokuba ngenxa yethemba lika-Israyeli ngiboshiwe ngaleli ketanga.” Base bethi kuye: “Thina asamukelanga ncwadi ngawe evela eJudiya, akufikanga namuntu wabazalwane ukubika nokukhuluma utho olubi ngawe. Kepha sithi kufanele sizwe kuwe okucabangayo, ngokuba siyazi ngaleli hlelo ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke.” Khona sebemmisele usuku beza kuye endlini yakhe bebaningi, wabachasisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, wabaqondisa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa. Abanye baneliswa ngokwakhulunywayo, abanye abakholwanga; kwathi ukuba bangezwani bodwa, bamuka, uPawulu esekhuluma izwi labalinye lokuthi: “Wakhuluma kahle uMoya oNgcwele ngo-Isaya umprofethi koyihlo ngokuthi: “ ‘Hamba uye kulesi sizwe, uthi: “Ngokuzwa niyakuzwa, ningaze naqonda, nangokubona niyakubona, ningaze nabonisisa, ngokuba inhliziyo yalesi sizwe seyaba buthuntu; bezwa kanzima ngezindlebe, amehlo abo bawacimezile, funa mhlawumbe babone ngamehlo, bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphilise.” ’ “Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi le nsindiso kaNkulunkulu ithunyelwe kwabezizwe; bona-ke bayakuzwa.” Kwathi eseshilo lokho, abaJuda baphuma benokuphikisana okukhulu phakathi kwabo. Kepha uPawulu wahlala iminyaka emibili egcwele endlini yakhe ayiqashileyo, wamukela bonke abeza kuye, washumayela umbuso kaNkulunkulu, wafundisa ngaso sonke isibindi izindaba zeNkosi uJesu Kristu, enganqatshelwa muntu.

Dlulisela
Funda IzEnzo 28

IzEnzo 28:1-31 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Sebephunyukile, bazi ukuthi isiqhingi sithiwa iMelitha. Amaqaba asenzela umusa omkhulu, ngokuba aphemba umlilo, asamukela sonke ngenxa yemvula eyayisina nangenxa yamakhaza. UPawuli etheza inyanda lezinkuni, walibeka emlilweni, kwaphuma inyoka ngenxa yokushisa, yanamathela esandleni sakhe. Abezizwe sebebona isilo esinesihlungu silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Ngokuqinisekile lo muntu ungumbulali, okuthi noma esindile olwandle ukuphindisela akuvumi ukuba aphile. Wasihluthunela isilo emlilweni, akezwa lutho. Kodwa babelindele ukuthi uzavuvuka kumbe awe phansi masinyane afe. Kulezo zindawo kwakukhona amasimu endoda enkulu yesiqhingi, ogama layo linguPhubhiliyu; owasamukela, wasamukela kahle izinsuku ezintathu. Kwasekusithi uyise kaPhubhiliyu wayelele ebanjwe ngumkhuhlane lomkhuhlane wegazi, uPawuli wangena kuye, wakhuleka, wabeka izandla phezu kwakhe, wamsilisa. Kwathi lokho sekwenzekile, beza nabanye abasesiqhingini abanezifo, baphulukiswa; abasidumisile futhi ngokutusa okuningi; kwathi sesihamba, basithwalisa esikudingayo. Emva kwezinyanga ezintathu samuka ngomkhumbi wase-Aleksandriya, owawudlulise ubusika esiqhingini, uphawu lwawo lungoKastore noPoluksi. Safika eSirakhuse, sahlala khona izinsuku ezintathu. Sasuka lapho sazungeza, safika eRegiyu; emva kosuku olulodwa kwavunguza umoya waseningizimu, ngangomuso safika ePhutheyoli; lapho sathola abazalwane, sancengwa ukuthi sihlale labo insuku eziyisikhombisa; ngokunjalo saya eRoma. Kuthe besuka lapho, abazalwane sebezwile ngathi, beza ukusihlangabeza baze bafika esikhungweni sika-Aphiyi naseTresi Thaberne, uPawulu ebabona wabonga uNkulunkulu, wema isibindi. Kwathi sesifikile eRoma, induna yekhulu yanikela izibotshwa enduneni yabalindi, kodwa uPawuli wavunyelwa ukuthi ahlale yedwa lebutho elimgadileyo. Kwathi emva kwezinsuku ezintathu uPawuli wabizela ndawonye izikhulu zabaJuda; nokho nganikelwa eJerusalema ngiyisiboshwa ezandleni zamaRoma. Kwathi sebengihlolile, bathanda ukungikhulula, ngoba kwakungekho cala kimi lokufa. Kepha abaJuda sebekuphikisa, ngacindezelwa ukuba ngilidlulisele kuKesari; kungeyisikho ukuthi bengifanele ukusola isizwe sakithi. Ngakho ngenxa yalokhu nginibizele ukulibona, ngikhulume lani, ngoba ngenxa yethemba likaIsrayeli ngibotshiwe ngamaketane. Base bethi kuye: “Thina asamukelanga ncwadi ngawe evela eJudiya, futhi akufikanga namunye wabazalwane owabika noma wakhuluma utho olubi ngawe. Kepha sithanda ukuzwa ngawe ukuthi yini oyicabangayo, ngokuba ngaleli hlelo siyazi ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke. Sebemmisele usuku, kweza kuye abaningi endlini yakhe yezihambi; wabachasisela, wafakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebancenga ngoJesu, ethatha emthethweni kaMozisi lakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa. Abanye bakholwa yilokho okwakhulunywayo, kepha abanye kabakholwa. Kwathi bengavumelananga phakathi kwabo, basuka uPawuli esekhulume ilizwi linye lokuthi: Ukhulume kuhle uMoya oNgcwele ngoIsaya umprofethi kokhokho bethu. Esithi: Hamba uye kulababantu uthi: Ukuzwa lizakuzwa, kodwa kaliyikuqedisisa; nokubona nizakubona, ningabonisi; Ngokuba inhliziyo yalaba bantu seyaba lukhuni, bezwa ngezindlebe zabo, bacimezile namehlo abo; funa babone ngamehlo, bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphilise. Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi usindiso lukaNkulunkulu luthunyelwa kwabezizwe, futhi bayakuzwa. Eseshilo lokho, abaJuda bamuka, benezimpikiswano ezinkulu phakathi kwabo. UPawuli wahlala iminyaka emibili egcweleyo endlini yakhe ayeyiqatshile, wemukela bonke ababeza kuye. Eshumayela umbuso kaNkulunkulu, efundisa izinto eziphathelene neNkosi uJesu Kristu ngesibindi esikhulu, engavinjelwa muntu.

Dlulisela
Funda IzEnzo 28

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo