IzEnzo 28:1-16

IzEnzo 28:1-16 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Sebephunyukile, bazi ukuthi isiqhingi sithiwa iMelitha. Amaqaba asenzela umusa omkhulu, ngokuba aphemba umlilo, asamukela sonke ngenxa yemvula eyayisina nangenxa yamakhaza. UPawuli etheza inyanda lezinkuni, walibeka emlilweni, kwaphuma inyoka ngenxa yokushisa, yanamathela esandleni sakhe. Abezizwe sebebona isilo esinesihlungu silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Ngokuqinisekile lo muntu ungumbulali, okuthi noma esindile olwandle ukuphindisela akuvumi ukuba aphile. Wasihluthunela isilo emlilweni, akezwa lutho. Kodwa babelindele ukuthi uzavuvuka kumbe awe phansi masinyane afe. Kulezo zindawo kwakukhona amasimu endoda enkulu yesiqhingi, ogama layo linguPhubhiliyu; owasamukela, wasamukela kahle izinsuku ezintathu. Kwasekusithi uyise kaPhubhiliyu wayelele ebanjwe ngumkhuhlane lomkhuhlane wegazi, uPawuli wangena kuye, wakhuleka, wabeka izandla phezu kwakhe, wamsilisa. Kwathi lokho sekwenzekile, beza nabanye abasesiqhingini abanezifo, baphulukiswa; abasidumisile futhi ngokutusa okuningi; kwathi sesihamba, basithwalisa esikudingayo. Emva kwezinyanga ezintathu samuka ngomkhumbi wase-Aleksandriya, owawudlulise ubusika esiqhingini, uphawu lwawo lungoKastore noPoluksi. Safika eSirakhuse, sahlala khona izinsuku ezintathu. Sasuka lapho sazungeza, safika eRegiyu; emva kosuku olulodwa kwavunguza umoya waseningizimu, ngangomuso safika ePhutheyoli; lapho sathola abazalwane, sancengwa ukuthi sihlale labo insuku eziyisikhombisa; ngokunjalo saya eRoma. Kuthe besuka lapho, abazalwane sebezwile ngathi, beza ukusihlangabeza baze bafika esikhungweni sika-Aphiyi naseTresi Thaberne, uPawulu ebabona wabonga uNkulunkulu, wema isibindi. Kwathi sesifikile eRoma, induna yekhulu yanikela izibotshwa enduneni yabalindi, kodwa uPawuli wavunyelwa ukuthi ahlale yedwa lebutho elimgadileyo.

Dlulisela
Funda IzEnzo 28

IzEnzo 28:1-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi sesifikile endaweni ephephile, sezwa ukuthi leso siqhingi kuthiwa iMelitha. Abantu bakhona basiphatha ngobubele obungavamile, sebebase umlilo, basemukela sonke, ngenxa yokuba lalina futhi kumakhaza. UPawula esethezile isixha sezinswani, wasifaka emlilweni, kwathi ngenxa yokushisa kwaphuma inyoka, yazithandela esandleni sakhe. Lapho abantu bendawo bebona isilwane silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Impela lo muntu ungumbulali, kuthi noma esesinde olwandle, kodwa ukuLunga kungavumi ukuba aphile.” Kepha wasinikinela isilwane emlilweni, akaze alimala. Babheka belindele ukuthi usazovuvuka noma afumbeke phansi ngokushesha, afe, kodwa sebelinde isikhathi eside, bebona engehlelwa ngozi, base beguqula umqondo, bathi ungunkulunkulu. Kuleyo ndawo kwakukhona izwe lesikhulu sesiqhingi, igama lesikhulu kwakunguPhubhiliyu, sona sasamukela sasiphatha kahle; sahlala izinsuku ezintathu. Kepha uyise kaPhubhiliyu wayenomkhuhlane, elele phansi. UPawula wangena lapho elele khona, wathandaza, wabeka izandla phezu kwakhe, wamphilisa. Sekwenzekile lokho, iningi labantu basesiqhingini baletha nabanye ababenezifo, baphiliswa. Basihlonipha kakhulu impela, kwathi mhla sihamba ngomkhumbi, basipha esikudingayo. Emva kwezinyanga ezintathu, sahamba ngomkhumbi wase-Aleksandriya owawume esiqhingini ukuze kwedlule ubusika, owawunophawu lwamaWele. Sesingene echwebeni eSirakhuse, sahlala izinsuku ezintathu. Sesisuka lapho sagwegwa saze safika eRegiyu, ngokuba kwavuka umoya waseningizimu, kwathi ngosuku lwesibili safinyelela ePhutheyoli. Safumana khona abazalwane, basimema ukuba sihlale nabo izinsuku eziyisikhombisa; emveni kwalokho safika eRoma. Kuthe abazalwane sebezwile ngathi basuka khona, beza kithi bezosihlangabeza, baze bafika e-Aphiyo Foru naseThresi Thaberne. Kwathi ebabona uPawula, wabonga uNkulunkulu, wama isibindi. Sesifikile eRoma, uPawula wavunyelwa ukuhlala yedwa enebutho elimlindayo.

Dlulisela
Funda IzEnzo 28

IzEnzo 28:1-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi sesisindile khona, sezwa ukuthi isiqhingi sithiwa iMelitha. Abantu bakhona basiphatha ngobubele obungavamile, ngokuba babebasa umlilo, basamukela sonke ngenxa yemvula eyayisina nangenxa yamakhaza. Kepha uPawulu ecakashile ixha lezinsaba, elibeka emlilweni, kwaphuma inyoka ngenxa yokushisa, yanamathela esandleni sakhe. Abantu bakhona sebebona isilwane silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Ngempela lo muntu ungumbulali othi noma esindile elwandle ukuLunga akuvumi ukuba aphile.” Kodwa yena wasinikinela isilwane emlilweni, akaze alimala. Kepha babheka ukuthi usezakuvuvuka, nokuba awe phansi masinyane, afe. Kepha sebebheka isikhathi eside, bebona ukuthi akafikelwa ngozi, baphenduka bathi ungunkulunkulu. Kwakukhona kuleyo ndawo izwe lesikhulu sesiqhingi, igama laso linguPhubiliyu; yena wasamukela, wasiphatha kahle izinsuku ezintathu. Kepha uyise kaPhubiliyu wayelele phansi ephethwe ngumkhuhlane nembo; uPawulu wangena kuye, wakhuleka, wabeka izandla phezu kwakhe, wamphilisa. Kwathi lokho sekwenzekile, beza nabanye abasesiqhingini abanezifo, baphulukiswa, basitusa ngokutusa okuningi; kwathi mhla simuka ngomkhumbi, basinika esikudingayo. Emva kwezinyanga ezintathu sase simuka ngomkhumbi wase-Aleksandriya owawudlulisa ubusika esiqhingini, uphawu lwawo lungolwamaWele. Sangena eSirakhuse, sahlala izinsuku ezintathu; sasuka lapho, sagwegwesa, safika eRegiyu. Sekudlule usuku lwaba lunye, kwavuka iningizimu, safika ePhutheyoli ngosuku lwesibili. Safumana khona abazalwane, sancengwa ukuba sihlale nabo izinsuku eziyisikhombisa; kanjalo safika eRoma. Abazalwane sebezwile ngathi basuka khona, beza ukusihlangabeza baze bafika e-Aphiyo Foru naseTresi Thaberne; uPawulu ebabona wabonga uNkulunkulu, wema isibindi. Sesifikile eRoma, uPawulu wavunyelwa ukuhlala yedwa enebutho elimlindayo.

Dlulisela
Funda IzEnzo 28

IzEnzo 28:1-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)