IzEnzo 27:1-44

IzEnzo 27:1-44 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi sekunqunyiwe ukuba siye e-Ithaliya ngomkhumbi, banikela uPawula nezinye iziboshwa ezithile esandleni senduna yekhulu, igama layo nguJuliyase, eyebutho likaKhesari. Sangena emkhunjini wase-Adramathiyu owawusazosuka ugudle ugu e-Asiya, u-Aristarkhu umMakhedoniya waseThesalonikha wayekanye nathi. Ngakusasa safika echwebeni eSidoni, uJuliyase wamphatha kahle uPawula, wamvumela ukuba aye kubangani bakhe, anakekelwe kahle. Sasuka lapho, sagudla ngezansi kweKhuphro, ngokuba umoya wawuphikisana nathi. Sesidabule olwandle olungaseKhilikhiya nePhamfiliya, safika eMira laseLikhiya. Lapho-ke induna yathola umkhumbi wase-Aleksandriya oqonde e-Ithaliya, yasigibelisa kuwo. Sahamba kancane ngenxa yomoya, kwasithatha isinsuku eziningi saze safika kanzima ngaseKhinidu, kwazise umoya wawusivimbile, sagudla iKhrethe maqondana neSalimone, saligudla kunzima, saze safika endaweni ethile okuthiwa iMatheku Mahle, eduze nayo kukhona umuzi iLaseya. Kwathi sekwedlule isikhathi eside, sekuyingozi ukuhamba ngomkhumbi, kwazise isikhathi sokuzila sase sedlule; uPawula wabeluleka, wathi kubo: “Madoda, ngiyabona ukuthi lolu hambo luzokuba nobunzima nokulahlekelwa okukhulu, hhayi impahla nje nomkhumbi kuphela, kodwa nempilo yethu.” Induna yekhulu yethemba umshayeli womkhumbi nomniniwo kakhulu kunalokho okwakhulunywa nguPawula. Kepha itheku lakhona lalingakulungele ukuba kuhlalwe kulo ebusika, iningi labo laphakamisa ukuba kusukwe lapho, hleze kwenzeke bafike eFenikisi, itheku eKhrethe elibheke entshonalanga yaseningizimu, nasentshonalanga ngasenyakatho bahlale khona kuze kwedlule ubusika. Kuthe lapho iningizimu isiheleza kahle, bacabanga ukuthi inhloso yabo isifezekile, base bekhuphula ihange, bagudla iKhrethe. Kungakabi yisikhathi esingakanani, kwasuka isivunguvungu okuthiwa i-Ewurakhiloni, sazithola sesiphakathi kwaso, kwathi ngenxa yokuthi umkhumbi wawungasalawuleki ngoba ubhekene nomoya, sawudedela wadudulwa ngumoya. Kwathi sisagudla ngezansi kwesiqhingana okuthiwa iKhawuda, sakwazi ukubamba isikebhe somkhumbi kunzima. Sebesikhuphulile bafaka okokuweseka ngaphansi, kwathi ngoba babesaba ukuthi umkhumbi ungase ushayeke esihlabathini esisogwini eSirti, kwehliswa iseyili, umkhumbi wadudulwa ngumoya. Sasilokhu sishukunyiswa kanzima yisivunguvungu saze ngosuku olulandelayo saphonsa ngaphandle umthwalo; kwathi ngolwesithathu balahla izimpahla zomkhumbi ngezandla zabo. Kwaphela izinsuku eziningi ilanga nezinkanyezi kungasabonakali. Kwase kuyisikhathi eside bengadli lutho, uPawula wasukuma phakathi kwabo, wathi: “Madoda, ngabe nalalela mina, anasuka eKhrethe, naphepha kule ngozi nakulokhu kulahlekelwa. Manje ngiyaneluleka ukuba nime isibindi, ngokuba akuzukufa namunye phakathi kwenu, kodwa umkhumbi kuphela. Ngokuba ngalobu busuku bekumi ngakimi ingelosi kaNkulunkulu engingowakhe nengimkhonzayo, yathi: ‘Ungesabi, Pawula, kumele ukuba ume phambi kukaKhesari. UNkulunkulu ukuphile bonke abahamba nawe kulo mkhumbi.’ “Ngakho-ke yimani isibindi, madoda, ngiyakholwa nguNkulunkulu ukuthi kuzakuba njengokuba ekhulumile kimi. Kepha kufanele ukuba siphumele esiqhingini esithile.” Kwathi ebusuku, phakathi kwamabili, ngolwe-14 silokhu sintanta olwandle e-Adriya, ababesemkhunjini bacabanga ukuthi sebesondela ezweni thizeni, base bephonsa intambo yokukala, bathola ukuthi ngamafathome angama-20. Baphinda baqhubeka kancane, bayiphonsa futhi, base bethola ukuthi sekungamafathome ali-15. Besaba ukuthi hleze singase sishayeke ezindaweni ezinamadwala, base bephonsa amahange amane ngemuva, bafisa sengathi ngabe sekusile. Ababegibele emkhunjini base befuna ukubaleka kuwo, behlisela isikebhe olwandle, kwaba sengathi bazakuphonsa amahange enhlokweni yomkhumbi, uPawula wathi enduneni yekhulu nasemabuthweni: “Uma laba bengahlali emkhunjini, anisoze nasinda nina.” Amabutho anquma amagoda esikebheni, asidedela sawa. Kwathi sekuzokusa, uPawula wabancenga bonke ukuba badle. Wathi: “Namuhla wusuku lwe-14 nilindile, nilokhu nizilile, ningadli lutho. Ngiyanincenga ukuba nidle, ngokuba lokhu kuzakuba ngukusinda kwenu, akuyukulahleka nwele ekhanda nakoyedwa phakathi kwenu.” Esekushilo lokho wathatha isinkwa, wabonga uNkulunkulu phambi kwabo bonke, wasihlephula, waqala ukudla. Bonke base bema isibindi, nabo badla. Sesisonke emkhunjini sasingama-276. Kwathi lapho sebesuthi, bawulahla olwandle ukolo ukuze umkhumbi ungasindwa. Kuthe sekusile, abaze balazi izwe, kepha babona itheku elithile elinesihlabathi, abanquma ukuba baqhubele kulo umkhumbi, uma kungenzeka. Banquma amahange, bawashiya olwandle; bathukulula izintambo zamaphini okuqondisa umkhumbi; indwangu engaphambili bayiphakamisela emoyeni, base beqonda ogwini. Kepha bafika endaweni enolwandle nxazombili, umkhumbi waphahlazeka. Inhloko yawo yagxumekeka, yema, ayaze yanyakaza, kodwa ingemuva lephulwa ngamandla amaza. Amabutho ayehlose ukuzibulala iziboshwa, ukuze kungabi bikho nasinye esihlambayo siphunyuke, kodwa induna yekhulu ithanda ukusindisa uPawula yawavimba enhlosweni yawo. Yayaleza ukuba labo abakwaziyo ukuhlamba baziphonse kuqala emanzini, baze bafike emhlabathini. Ababesele balandele, abanye ngamapulangwe, abanye ngezinye izinto zomkhumbi. Kwenzeka kanjalo-ke ukuthi bonke baphumele emhlabathini bephephile.

Dlulisela
Funda IzEnzo 27

IzEnzo 27:1-44 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwathi sekunqunyiwe ukuthi siye e-Italiya ngomkhumbi, banikela uPawulu nezinye iziboshwa ezithile enduneni yekhulu, igama layo linguJuliyu, webutho lika-Awugustu. Sangena emkhunjini wase-Adramitiyu, owawusizodabula ezindaweni zase-Asiya, sasuka; kwakukhona u-Aristarku umMakedoniya waseThesalonika enathi. Ngangomuso safika eSidoni; UJuliyu waphatha uPawulu ngobubele, wamvumela ukuba aye kubangane bakhe, athole usizo. Sasuka lapho, sagudla ngenzansi kweKhupro, ngokuba imimoya yayiphambene. Sadabula ulwandle lwaseKhilikhiya nasePhamfiliya, safika eMira yaseLisiya. Khona induna yafumana umkhumbi wase-Aleksandriya oya e-Italiya; wasifaka khona. Sesihambe kancane izinsuku eziningi, safika kalukhuni ngaseKinidu, umoya ungasivumeli, sagudla iKrethe malungana neSalimone; Sase sihamba kalukhuni safika endaweni ethiwa Amatheku Amahle; eduze kwalapho kwakukhona umuzi waseLaseya. Kwathi sesidlulile isikhathi eside, lokuhamba ngomkhumbi sekuyingozi, ngoba ukuzila ukudla kwasekudlulile, uPawuli wabalaya; Wasesithi kubo: Madoda, ngiyabona ukuthi loluhambo luzakuba lokulimala lomonakalo omkhulu, kungeyisiwo owempahla lomkhumbi kuphela, kodwa lempilo yethu. Nokho induna yekhulu yakholwa umshayeli nomnikazi womkhumbi kunalezo ezazishiwo uPawulu. Kwathi ngenxa yokuthi itheku lalingekuhle ukuhlala ebusika kulo, abanengi bacebisana nokuthi kusuke lapho, ukuba mhlawumbe bafike eFenike, balale khona ubusika; eliyitheku laseKrethe, elibheke eningizimu-ntshonalanga nasenyakatho-ntshonalanga. Kuthe umoya waseningizimu uphephetha kancane, bathi sebekuzuzile ababekuhlosile, basuka lapho, bagudla iKrethe. Kodwa kungakabiphi, kwavuka phezu kwawo isivunguvungu esithiwa iYurakilidoni; Kwathi umkhumbi wabanjwa, wehluleka ukumelana nomoya, sawuyeka. Sase sigijima ngaphansi kwesihlenge esithiwa iKlawuda, kwaba nomsebenzi omningi ukuwuhamba umkhumbi; Sebewuthathile, basebenzisa izinsiza, bebopha umkhumbi ngaphansi; besaba ukuthi bangawela esihlabathini esimanzi, banqamula useyili, baqhutshwa kanjalo. Kwathi sesipheshulwa kakhulu yisiphepho, ngangomuso bakhulula umkhumbi; Kwathi ngosuku lwesithathu salahla izikhali zomkhumbi ngezandla zethu. Kwathi kungabonanga ilanga nezinkanyezi izinsuku eziningi, nesiphepho esingesincane sinamandla, lase laphela lonke ithemba lokuthi singasindiswa. Kwathi emva kokuzila isikhathi eside, uPawulu wema phakathi kwabo, wathi: “Madoda, ngabe nangilalela, anasuka eKrethe, nazuza kulokhu kubi nokulahlekelwa. Kepha manje ngiyanincenga ukuba nibe nesibindi, ngokuba akuyikulahlekelwa muntu phakathi kwenu, kuphela umkhumbi. Ngoba kulobubusuku bekumi kimi ingilosi kaNkulunkulu engingowakhe, lengimkhonzayo, Isithi: Ungesabi, Pawuli; umelwe ukumiswa phambi kukaKesari; bheka, uNkulunkulu ukunikile bonke abahamba nawe ngomkhumbi. Ngakho yimani isibindi, madoda, ngokuba ngiyakholwa nguNkulunkulu ukuthi kuyakuba njengalokho engitsheliwe. Kodwa simelwe ukuphonswa esiqhingini esithile. Kwathi sekufike ubusuku beshumi nane, sisazulazula e-Adriya, phakathi kobusuku abaqhubi bemikhumbi bacabanga ukuthi sebesondele ezweni elithile; Baphonsa ukulinganisa, bafumana kungamafathome angamashumi amabili; Khona besaba ukuthi mhlawumbe singawela phezu kwamadwala, baphosela amahange amane ngemva komkhumbi, bafisa ukuthi kuse. Abaqhubi bemikhumbi sebezabaleka emkhunjini, behlisela umkhumbi olwandle, kungathi baphonse amahange emkhunjini. UPawuli wathi enduneni yekhulu nasemabuthweni: Uma laba bengahlali emkhunjini, aninakusindiswa. Khona amabutho anqamula izintambo zomkhumbi, awuyeka wawa. Kwathi sekuzakusa, uPawulu wabancenga bonke ukuba badle, wathi: “Namuhla kulusuku lweshumi nane nilindile, nizila ukudla, ningadli lutho. Ngakho ngiyanincenga ukuba nidle, ngokuba lokhu kungenxa yempilo yenu, ngokuba akuyikuwa nalunwele lwekhanda lomunye wenu. Eseshilo lokho wathatha isinkwa, wabonga uNkulunkulu phambi kwabo bonke, wasihlephula, waqala ukudla. Base beba nesibindi bonke, badla nabo. Sasisonke emkhunjini siyimiphefumulo engamakhulu amabili namashumi ayisikhombisa nesithupha. Sebesuthi, bawenza lula umkhumbi, baphonsa ukolweni olwandle. Kwathi sekusile, abalazanga ilizwe, kodwa bathola umfula othile ologu, abazimisela kuwo ukuthi bawuqhube umkhumbi, uba kungenzeka. Sebekhuphulile amahange, bawayekela olwandle, bathukulula izibopho zokuqondisa, baphakamisela emoyeni useyili wangaphambili, baqonda ogwini. Sebefikile endaweni lapho kuhlangana khona ulwandle olubili, umkhumbi waguqa; ingaphambili lanamathela, lahlala lingenakunyakaziswa, kepha ingemuva laphuka ngamandla amaza. Lapho icebo lamasosha lalingukubulala iziboshwa, funa zibhukude zibaleke. Kodwa induna yekhulu ithanda ukusindisa uPawuli, yabavimba enjongweni yabo; walaya ukuthi labo abakwaziyo ukubhukuda baziphonse kuqala elwandle, baye emhlabathini; abaseleyo, abanye phezu kwamapulangwe, abanye phezu kweziqephu zomkhumbi. Kwasekusithi babaleka bonke, bafika emhlabathini.

Dlulisela
Funda IzEnzo 27

IzEnzo 27:1-44 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

IzEnzo 27:1-44 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi sekunqunyiwe ukuba siye e-Italiya ngomkhumbi, banikela uPawulu nezinye iziboshwa ezithile enduneni yekhulu, igama layo linguJuliyu, eyebutho likaKesari. Sangena emkhunjini wase-Adramitiyu obusuzakuya ezindaweni zangase-Asiya, u-Aristarku umMakedoniya waseThesalonika enathi. Ngangomuso safika eSidoni; uJuliyu wamphatha kahle uPawulu, wamvumela ukuba aye kubahlobo bakhe, ahlunyelelwe. Sasuka lapho, sagudla ngenzansi kweKhupro, ngokuba imimoya yayiphambene nathi. Sesidabulile ulwandle olungaseKhilikhiya nePhamfiliya safika eMira laseLikhiya. Lapho-ke induna yafumana umkhumbi wase-Aleksandriya oqonde e-Italiya, yasingenisa kuwo. Sesihambe kancane izinsuku eziningi saze safika kalukhuni ngaseKinidu, umoya ungasivumeli, sagudla iKrethe maqondana neSalimone, sagudla lona kalukhuni, safika endaweni ethile ethiwa Matheku Mahle; eduze nayo kukhona umuzi waseLaseya. Kwathi sekudlulile isikhathi eside, sekuyingozi ukuhamba ngomkhumbi, ngokuba isikhathi seNzilo sase sidlulile, uPawulu wabaluleka, wathi kubo: “Madoda, ngiyabona ukuthi lolu hambo luzakuba nengozi nokuchithakala okukhulu, kungabi ngokwempahla nokomkhumbi kuphela kepha nokokuphila kwethu.” Kepha induna yekhulu yethemba umshayeli womkhumbi nomniniwo kakhulu kunalokho okwakhulunywa nguPawulu. Njengokuba itheku lalingalungile ukuhlala khona ebusika, iningi labo laluleka ukuba kusukwe khona, mhlawumbe kwenzeke ukuba bafinyelele eFeniksi, itheku laseKrethe elibheke entshonalanga yaseningizimu nasentshonalanga yasenyakatho, bahlale khona ebusika. Kuthe iningizimu isaphephetha kahle, bacabanga ukuthi sebetholile ababekuqondile, bakhuphula ihange,* bagudla iKrethe. Kepha emva kwesikhathi esingeside kwavuka kwehla kulo umoya oyisivunguvungu othiwa i-Ewurakiloni; kodwa umkhumbi usududulwa ungasenakubhekana nomoya, sayeka saqhutshwa nje. Kwathi sigudla ngenzansi kwesiqhingana esithiwa iKlawuda, sabamba isikebhe kalukhuni; sebe sikhuphulile basebenzisa izinto zokusiza, bawuzongolozela umkhumbi ngezintambo; kuthe besaba ukuthi bazakukhahleleka eSirti, behlisa izindwangu zomkhumbi, baqhutshwa kanjalo. Kuthe ukuba sibhengulwe kakhulu yisiphepho, ngangomuso bachitha umthwalo; kwathi ngolwesithathu balahla izimpahla zomkhumbi ngezandla zabo. Khona-ke ilanga nezinkanyezi zingasabonakali izinsuku eziningi, nesiphepho esingesincane siqinisa njalo, lase liphela ithemba lonke lokuba singasindiswa. Sekuyisikhathi eside bengasadli lutho, uPawulu wasukuma phakathi kwabo, wathi: “Madoda, ngabe nalalela mina, kanamuka eKrethe, naphepha kule ngozi nakulokhu kuchithakala. Kepha manje senginiluleka ukuba nime isibindi, ngokuba akuyikufa muntu kini, umkhumbi kuphela. Ngokuba ngalobu busuku bekumi ngakimi ingelosi kaNkulunkulu engingowakhe nengimkhonzayo, yathi: ‘Ungesabi, Pawulu; umelwe ukuma phambi kukaKesari; bheka, uNkulunkulu ukuphile bonke abahamba nawe emkhunjini.’ Ngalokho yimani isibindi, madoda; ngokuba ngiyakholwa nguNkulunkulu ukuthi kuzakuba njengalokho kukhulunyiwe kimi. Kepha simelwe ukukhahleleka esiqhingini esithile.” Kwathi ukuba kufike ubusuku beshumi nane sisazulazuliswa elwandle lwase-Adriya phakathi kobusuku, abomkhumbi bacabanga ukuthi bayasondela ezweni elithile. Base bephonsa intambo yokulinganisa, bafumana kungamafatome* angamashumi amabili; sebeqhubekile kancane bayiphonsa futhi, bafumana kungamafatome ayishumi nanhlanu; besaba ukuthi mhlawumbe singashayeka ezindaweni ezinamadwala, baphonsa amahange* amane ngasemuva, bafisa ukuba kuse. Abomkhumbi sebefuna ukubaleka emkhunjini, behlisela isikebhe elwandle ngokungathi bazakuphonsa amahange* enhlokweni yomkhumbi, uPawulu wathi enduneni yekhulu nasemabuthweni: “Uma laba bengahlali emkhunjini, ningesindiswe nina.” Khona amabutho anquma amagoda esikebhe, asidedela sawa. Kwathi sekuzakusa, uPawulu wabancenga bonke ukuba badle, wathi: “Namuhla kulusuku lweshumi nane nilindile, nihlezi nizila, ningadli lutho. Ngalokho ngiyanincenga ukuba nidle, ngokuba lokhu kungokokusinda kwenu; akuyikulahleka unwele lwekhanda nakoyedwa phakathi kwenu.” Eseshilo lokho wathatha isinkwa, wabonga uNkulunkulu phambi kwabo bonke, wasihlephula, waqala ukudla. Base bema isibindi bonke, badla nabo. Thina sonke esasisemkhunjini besingabantu abangamakhulu amabili namashumi ayisikhombisa nesithupha. Sebesuthi ukudla benza lula umkhumbi belahla ukolweni elwandle. Sekusile, abalazanga izwe, kepha babona itheku elithile elinesihlabathi abanquma ukuba baqhubele kulo umkhumbi, uma kungenzeka. Banquma amahange* bawashiya elwandle, bathukulula futhi izintambo zamaphini okuqondisa, baphakamisela emoyeni indwangu ephambili, baqonda ogwini. Batheleka endaweni enolwandle nxazombili, baqhubela umkhumbi kuyo, inhloko yomkhumbi yagxumekeka, yema ingenakunyakaziswa, kepha ingasemuva laphulwa ngamandla amaza. Kepha amabutho ayehlosa ukubulala iziboshwa, funa ezinye zibaleke ngokuhlamba; kepha induna yekhulu ithanda ukusindisa uPawulu yawavimbela enhlosweni yawo, yayala ukuba labo abakwazi ukuhlamba baziphonse kuqala emanzini, bafike emhlabathini, nabaseleyo bafike, abanye ngamapulangwe, abanye ngezinye izinto zomkhumbi. Kanjalo-ke kwenzeka ukuba bonke baphumele emhlabathini besindile.

Dlulisela
Funda IzEnzo 27

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo