IzEnzo 26:1-32

IzEnzo 26:1-32 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

U-Agripha wayesethi kuPawulu: “Uvunyelwe ukuzikhulumela. UPawuli waseselula isandla, waziphendulela; Kuyangithokozisa, nkosi Agripha, ngoba lamuhla ngizaziphendulela phambi kwakho ngakho konke engimangalelwa ngakho ngabaJuda; ikakhulu ngoba ngikwazi ukuthi unolwazi kuwo wonke amasiko lezingxabano zabaJuda; ngakho ngiyakuncenga ukuthi ungizwe ngesineke. Indlela yami yokuphila kwasebusheni bami ekuqaleni eyayiphakathi kwesizwe sakithi eJerusalema ayazi bonke abaJuda; ababengazi kwasekuqaleni, uma befuna ukufakaza, ukuthi ngokwehlelo eliqine kakhulu lenkonzo yethu ngahamba ngingumFarisi. Kalokhu ngimi futhi ngigwetshiwe ngenxa yethemba lesithembiso uNkulunkulu asinika okhokho bethu. Ezithemba ukufika kuso izizwe eziyishumi nambili zakithi, zikhonza uNkulunkulu masinyane imini nobusuku; Ngenxa yalelithemba, nkosi Agripha, ngimangalelwa ngabaJuda. Kungani kucatshangwa ukuthi yinto engakholeki kini, ukuthi uNkulunkulu uvusa abafileyo na? Mina-ke ngangicabanga ngokwami ukuthi ngifanele ukwenza izinto ezinengi eziphambene lebizo likaJesu waseNazaretha. Lokho nami ngakwenza eJerusalema; abaningi kwabangcwele ngabavalela etilongweni, ngithole amandla kubapristi abakhulu; futhi lapho bebulawa, ngazwakalisa izwi lami ngokumelene nabo. Nasemasinagogeni onke ngabajezisa kaningi, ngibacindezela ukuba bahlambalaze; futhi njengoba ngibathukuthelele kakhulu, ngabazingela kwaze kwaba semizini yabezizwe. Okwathi lapho ngiya eDamaseku nginegunya nokuthunywa kubapristi abakhulu, Emini enkulu, nkosi, ngisendleleni ngabona ukukhanya okuvela ezulwini okungaphezu kokukhanya kwelanga, kungikhanyisa nxazonke zami nababehamba nami. Kuthe sesiwile phansi sonke emhlabathini, ngezwa izwi likhuluma kimi ngolimi lwesiHeberu, lithi: ‘Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? kulukhuni kuwe ukukhahlela izinkandi. Ngasengisithi: Ungubani, Nkosi? Wasesithi: Mina nginguJesu omzingelayo. Kepha sukuma, ume ngezinyawo zakho, ngokuba ngibonakale kuwe ngalokho ukuba ngikwenze ube yisikhonzi nofakazi walezi zinto ozibonileyo nowalezo zinto engizakuzibonakalisa kuwe ngazo; ngikukhulula kubantu nakwabezizwe, engikuthuma kubo manje. Ukuze uvule amehlo abo, basuke ebumnyameni, baye ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baye kuNkulunkulu, ukuze bamukele ukuthethelelwa kwezono, nefa phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi. Ngakho-ke, nkosi Agripha, angibanga ngongalaleliyo umbono wasezulwini; kodwa ngabika kuqala kwabaseDamaseku, naseJerusalema, nakuzo zonke izindawo zaseJudiya, nakwabezizwe, ukuba baphenduke, baphendukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka. Ngenxa yalokhu abaJuda bangibamba ethempelini, bafuna ukungibulala. Ngakho-ke sengizuze usizo lukaNkulunkulu, ngimi kuze kube yilolu suku, ngifakaza kwabancane nabakhulu, ngingakhulumi okunye ngaphandle kwalokho abakushilo abaprofethi noMose ukuthi kuyakwenzeka; ukuze uKristu ahlupheke, abe ngowokuqala ukuvuka kwabafileyo, amemezele ukukhanya kubantu nakwabezizwe. Esazikhulumela lokho, uFestu wathi ngezwi elikhulu: “Uyahlanya, Pawulu; ukufunda okuningi kuyakuhlanyisa. Kodwa wathi: Kangihlanyi, Festu odumileyo; kodwa ngikhulume amazwi eqiniso nawokuhluzeka kwengqondo. Ngokuba inkosi iyazi ngalezizinto, engikhuluma kuyo ngokukhululeka; ngoba le nto ayenziwanga engosini. Nkosi Agripha, uyakholwa ngabaprofethi na? Ngiyazi ukuthi uyakholwa. UAgripha wasesithi kuPawuli: Cishe usufuna ukungenza ngibe ngumKristu. UPawuli wasesithi: Ngithanda kuNkulunkulu ukuthi, kungabi nguwe wedwa, kodwa labo bonke abangizwayo lamuhla, kokubili ngokuseduze, nangokuphelele, babe njengami, ngaphandle kwalezizibopho. Eseshilo lokho, yasukuma inkosi, nombusi, noBernike, nababehlezi nabo; Sebesukile bakhuluma bodwa, bathi: “Lo akenzi lutho olufanele ukufa nokuboshwa. U-Agripha wayesethi kuFestu: “Lo ngabe ukhululiwe, uba ubengalidluliselanga kuKesari.

Dlulisela
Funda IzEnzo 26

IzEnzo 26:1-32 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

U-Agripha wayesethi kuPawulu: “Uvunyelwe ukuzikhulumela. UPawuli waseselula isandla, waziphendulela; Kuyangithokozisa, nkosi Agripha, ngoba lamuhla ngizaziphendulela phambi kwakho ngakho konke engimangalelwa ngakho ngabaJuda; ikakhulu ngoba ngikwazi ukuthi unolwazi kuwo wonke amasiko lezingxabano zabaJuda; ngakho ngiyakuncenga ukuthi ungizwe ngesineke. Indlela yami yokuphila kwasebusheni bami ekuqaleni eyayiphakathi kwesizwe sakithi eJerusalema ayazi bonke abaJuda; ababengazi kwasekuqaleni, uma befuna ukufakaza, ukuthi ngokwehlelo eliqine kakhulu lenkonzo yethu ngahamba ngingumFarisi. Kalokhu ngimi futhi ngigwetshiwe ngenxa yethemba lesithembiso uNkulunkulu asinika okhokho bethu. ezithemba ukufika kuso izizwe eziyishumi nambili zakithi, zikhonza uNkulunkulu masinyane imini nobusuku; Ngenxa yalelithemba, nkosi Agripha, ngimangalelwa ngabaJuda. Kungani kucatshangwa ukuthi yinto engakholeki kini, ukuthi uNkulunkulu uvusa abafileyo na? Mina-ke ngangicabanga ngokwami ukuthi ngifanele ukwenza izinto ezinengi eziphambene lebizo likaJesu waseNazaretha. lokho nami ngakwenza eJerusalema; abaningi kwabangcwele ngabavalela etilongweni, ngithole amandla kubapristi abakhulu; futhi lapho bebulawa, ngazwakalisa izwi lami ngokumelene nabo. Nasemasinagogeni onke ngabajezisa kaningi, ngibacindezela ukuba bahlambalaze; futhi njengoba ngibathukuthelele kakhulu, ngabazingela kwaze kwaba semizini yabezizwe. okwathi lapho ngiya eDamaseku nginegunya nokuthunywa kubapristi abakhulu, Emini enkulu, nkosi, ngisendleleni ngabona ukukhanya okuvela ezulwini okungaphezu kokukhanya kwelanga, kungikhanyisa nxazonke zami nababehamba nami. Kuthe sesiwile phansi sonke emhlabathini, ngezwa izwi likhuluma kimi ngolimi lwesiHeberu, lithi: ‘Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? kulukhuni kuwe ukukhahlela izinkandi. Ngasengisithi: Ungubani, Nkosi? Wasesithi: Mina nginguJesu omzingelayo. Kepha sukuma, ume ngezinyawo zakho, ngokuba ngibonakale kuwe ngalokho ukuba ngikwenze ube yisikhonzi nofakazi walezi zinto ozibonileyo nowalezo zinto engizakuzibonakalisa kuwe ngazo; ngikukhulula kubantu nakwabezizwe, engikuthuma kubo manje. ukuze uvule amehlo abo, basuke ebumnyameni, baye ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baye kuNkulunkulu, ukuze bamukele ukuthethelelwa kwezono, nefa phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi. Ngakho-ke, nkosi Agripha, angibanga ngongalaleliyo umbono wasezulwini; kodwa ngabika kuqala kwabaseDamaseku, naseJerusalema, nakuzo zonke izindawo zaseJudiya, nakwabezizwe, ukuba baphenduke, baphendukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka. Ngenxa yalokhu abaJuda bangibamba ethempelini, bafuna ukungibulala. Ngakho-ke sengizuze usizo lukaNkulunkulu, ngimi kuze kube yilolu suku, ngifakaza kwabancane nabakhulu, ngingakhulumi okunye ngaphandle kwalokho abakushilo abaprofethi noMose ukuthi kuyakwenzeka; ukuze uKristu ahlupheke, abe ngowokuqala ukuvuka kwabafileyo, amemezele ukukhanya kubantu nakwabezizwe. Esazikhulumela lokho, uFestu wathi ngezwi elikhulu: “Uyahlanya, Pawulu; ukufunda okuningi kuyakuhlanyisa. Kodwa wathi: Kangihlanyi, Festu odumileyo; kodwa ngikhulume amazwi eqiniso nawokuhluzeka kwengqondo. Ngokuba inkosi iyazi ngalezizinto, engikhuluma kuyo ngokukhululeka; ngoba le nto ayenziwanga engosini. Nkosi Agripha, uyakholwa ngabaprofethi na? Ngiyazi ukuthi uyakholwa. UAgripha wasesithi kuPawuli: Cishe usufuna ukungenza ngibe ngumKristu. UPawuli wasesithi: Ngithanda kuNkulunkulu ukuthi, kungabi nguwe wedwa, kodwa labo bonke abangizwayo lamuhla, kokubili ngokuseduze, nangokuphelele, babe njengami, ngaphandle kwalezizibopho. Eseshilo lokho, yasukuma inkosi, nombusi, noBernike, nababehlezi nabo; Sebesukile bakhuluma bodwa, bathi: “Lo akenzi lutho olufanele ukufa nokuboshwa. U-Agripha wayesethi kuFestu: “Lo ngabe ukhululiwe, uba ubengalidluliselanga kuKesari.

Dlulisela
Funda IzEnzo 26

IzEnzo 26:1-32 IsiZulu 2020 (ZUL20)

U-Agripha wayesethi kuPawula: “Uvumelekile ukuba uzikhulumele.” UPawula wayesephakamisa isandla sakhe, waziphendulela wathi: “Maqondana nakho konke engimangalelwe ngakho ngabaJuda, nkosi Agripha, ngizibona nginenhlanhla, ngokuba ngizakuziphendulela namuhla phambi kwakho, ikakhulu lokhu uyingcweti yawo wonke amasiko nokuphikisana kwabaJuda. Ngakho-ke ngiyakunxusa ukuba ungilalele ngesineke. “Bonke abaJuda bayayazi inkambo yami kusukela ekuqaleni, ebusheni bami phakathi kwabakithi naseJerusalema. Bengazi kwasekuqaleni, uma bethanda ukufakaza ukuthi ngangihamba ngehlelo eliqinileyo lenkonzo yakithi ngingumFarisi. Manje ngimi ngimangalelwe ngenxa yethemba lesithembiso asenzayo uNkulunkulu kokhokho, isithembiso ezithemba ukufinyelela kuso izizwe zakithi ezili-12 ezikhonza ngesineke ubusuku nemini. Kungalelo themba, nkosi, ngimangalelwe ngabaJuda. Kungani kuyinsumansumane kini ukuthi uNkulunkulu uyabavusa abafileyo na? “Kepha mina ngokwami ngazimisela ukwenza okuningi okuphambene negama likaJesu waseNazaretha. Lokho ngakwenza eJerusalema, ngafaka abaningi abangcwele emajele, ngigunyazwe ngabaphristi abakhulu; nalapho abangcwele bebulawa yimi engangibalahla ngevoti lami. Emasinagogeni wonke, kukaningi ngibajezisa, ngibaphoqa ukuba bahlambalaze; ngibathukuthelele kakhulu, ngibahlupha kwaze kwaba semizini yabezizwe.” “Kwathi ngiya eDamaseku ngegunya nangemvume yabaphristi abakhulu, emini bebade, nkosi, ngisendleleni, ngabona ukukhanya okuvela ezulwini, okwedlula ngisho ukukhazimula kwelanga, kwangikhanyisa nxazonke kanye nababehamba nami. Kwathi sonke sesiwe phansi emhlabathini, ngezwa izwi lithi kimi ngolimi lwesiHebheru: ‘Sawula, Sawula, ungihluphelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.’ “Kepha ngathi: ‘Ungubani, Nkosi, na?’ INkosi yathi: ‘Mina nginguJesu omhluphayo. Sukuma ume ngezinyawo zakho, ngokuba ngibonakele kuwe ukuze ngikubeke ube yisikhonzi nofakazi walokhu, wokuthi ungibonile nowalokho engizakuzibonakalisa kuwe ngakho. Ngizakukusindisa esizweni sakini nakwabezizwe engikuthumela kubo, ukuze uvule amehlo abo basuke ebumnyameni, baphendukele ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baphendukele kuNkulunkulu, baze bamukeliswe ukuthethelelwa kwezono nesabelo phakathi kwalabo abangcweliswe ngokukholwa kimi.’ ” “Ngalokho, nkosi Agripha, angizange ngingawulaleli umbono wasezulwini, kodwa ngamemezela kwabaseDamaseku kuqala, nakwabaseJerusalema, nakulo lonke iJudiya nakwabezizwe ukuba baphenduke, baguqukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka. Ngenxa yalokho, abaJuda bangibamba ethempelini, bazama ukungibulala. Kepha ngathola usizo kuNkulunkulu, yingakho ngimi lapha namuhla ngifakaza kwabancane nabadala. Angikhulumi lutho ngaphandle kwalokho abakukhulumile abaphrofethi noMose ukuthi kuzokwenzeka, ukuthi uKhristu uzakuhlupheka nokuthi uzakuba ngowokuqala ukuvuka kwabafileyo, ozomemezela ukukhanya kuso isizwe nakwabezizwe.” Kwathi esaziphendulela kanjalo, uFestu wathi ngezwi elikhulu: “Pawula, uyahlanya; ukufunda okuningi kuyakuhlanyisa.” Kepha uPawula wathi: “Festu odumileyo, angihlanyi, kodwa ngikhuluma iqiniso elimsulwa namazwi anomqondo. Ngokuba iNkosi engikhuluma kuyo ngokukhululeka iyakwazi lokho, angikholwa ngukuthi kukhona utho lwalokhu olufihlekileyo kuyo, lokhu akwenziwanga ekusithekeni. Nkosi, Agripha, uyakholwa yini ngabaphrofethi na? Ngiyazi ukuthi uyakholwa.” U-Agripha wathi kuPawula: “Kusilele kancane ungivumise ngibe ngumKhristu.” UPawula wayesethi: “Bengingafisa ukuba uNkulunkulu noma kukancane noma kukakhulu, kungabi nguwe wedwa, kodwa bonke abangizwayo namuhla babe njengami, ngaphandle kwalezi zibopho.” Inkosi yayisisukuma nombusi noBhernike nababehlezi nabo; kwathi sebegudlukile, bakhuluma bodwa, bathi: “Lo muntu akenzanga lutho olufanele ukuba afe noma ukuboshwa.” Kepha u-Agripha wathi kuFestu: “Lo muntu ngabe simkhululile ukuba icala akaledluliselanga kuKhesari.”

Dlulisela
Funda IzEnzo 26

IzEnzo 26:1-32 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Khona u-Agripha wathi kuPawulu: “Uvunyelwe ukuba uzikhulumele.” UPawulu wayeselula isandla, waziphendulela wathi: “Maqondana nakho konke engimangalelwa ngakho ngabaJuda, nkosi Agripha, ngizibona nginenhlanhla, ngokuba ngizakuziphendulela namuhla phambi kwakho, ikakhulu lokhu uyisazi sawo onke amasiko nokuphikisana kwabaJuda; ngalokho ngiyakunxusa ukuba ungilalele ngokubekezela. “Inkambo yami kwasebusheni eyaba sesizweni sakithi naseJerusalema kwasekuqaleni bonke abaJuda bayayazi, bengazi kwasekuqaleni, uma bethanda ukufakaza ukuthi ngangihamba ngehlelo eliqinileyo lenkonzo yakithi ngingumFarisi. Kepha manje ngimi ngimangalelwe ngenxa yethemba lesithembiso asenzayo uNkulunkulu kubo obaba, ezithemba ukufinyelela kuso izizwe eziyishumi nambili zakithi, zikhonza ngesineke ubusuku nemini; ngalelo themba, nkosi, ngimangalelwa ngabaJuda. Kungani kube yinto engakholekile kini ukuthi uNkulunkulu uvusa abafileyo na? “Kepha mina ngokwami ngangithi ngifanele ukwenza okuningi okuphambene negama likaJesu waseNazaretha; lokho ngase ngikwenza-ke eJerusalema; mina ngabafaka abaningi kwabangcwele ematilongweni, ngiwatholile amandla kubapristi abakhulu, nalapho bebulawa ngabalahla ngevoti* lami. Nasemasinagogeni* onke kaningi ngabajezisa ngibacindezela ukuba bahlambalaze; ngahlanya kakhulu ngabo, ngibazingela kwaze kwaba semizini yabezizwe. “Kwathi lapho ngisaya eDamaseku ngamandla nangokuthunywa ngabapristi abakhulu, emini enkulu, nkosi, ngisendleleni, ngabona ukukhanya okuvela ezulwini, kudlula ukukhazimula kwelanga, kungikhanyisela nxazonke kanye nababehamba nami; kwathi sesiwile phansi sonke emhlabathini, ngezwa izwi likhuluma kimi ngo limi lwesiHeberu, lithi: ‘Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.’ “Kepha mina ngathi: ‘Ungubani, Nkosi, na?’ INkosi yathi: ‘Mina nginguJesu omzingelayo. Kepha sukuma, ume ngezinyawo zakho; ngokuba ngibonakele kuwe ngalokho ukuba ngikumise ube yisikhonzi nofakazi walokhu kungibona kwakho nowalokhu engizakuzibonakalisa kuwe ngakho, ngikophule esizweni nakwabezizwe engikuthumela kubo ukuvula amehlo abo ukuba basuke ebumnyameni, baphendukele ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baphendukele kuNkulunkulu, ukuze bamukeliswe ukuthethelelwa kwezono nesabelo phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi.’ “Ngalokho, nkosi Agripha, angibanga ngongawulaleliyo umbono wasezulwini, kodwa ngamemezela kuqala kwabaseDamaseku nakwabaseJerusalema, nakulo lonke izwe laseJudiya nakwabezizwe ukuba baphenduke, baguqukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka. Ngenxa yalokho abaJuda bangibamba ethempelini, balinga ukungibulala. Ngitholile usizo kuNkulunkulu ngimi kuze kube kulolu suku ngifakaza kwabancane nakwabakhulu, angikhulumi lutho ngaphandle kwalokho abakukhulumile abaprofethi noMose ukuthi kuzakwenzeka, ukuthi uKristu nga ehlupheka nokuthi engowokuqala ekuvukeni kwabafileyo uzakumemezela ukukhanya kuso isizwe nakwabezizwe.” Kwathi esaziphendulela kanjalo, uFestu wathi ngezwi elikhulu: “Pawulu, uyahlanya; ukufunda okuningi kuyakuhlanyisa.” Kepha uPawulu wathi: “Angihlanyi, Festu odumileyo, kodwa ngikhuluma amazwi ayiqiniso nawokuqonda. Ngokuba inkosi engikhuluma kuyo ngesibindi iyazi ngalezi zinto, ngokuba angikholwa ukuthi kukhona utho lwalokhu olufihlekile kuyo; ngokuba lokhu akwenziwanga engosini. Nkosi Agripha, uyakholwa ngabaprofethi na? Ngiyazi ukuthi uyakholwa.” U-Agripha wathi kuPawulu: “Kusilele kancane ungivumise ngibe ngumKristu.” UPawulu wayesethi: “Bengingafisa kuNkulunkulu ukuba, noma kukancane noma kukakhulu, kungabi wena wedwa kodwa bonke abangizwayo namuhla babe njengami, ngaphandle kwalezi zibopho.” Inkosi yayisisukuma nombusi noBernike kanye nababehlezi nabo; kwathi sebegudlukile, bakhuluma bodwa, bathi: “Lo muntu akenzi lutho olufanele ukufa noma izibopho.” Kepha u-Agripha wathi kuFestu: “Lo muntu ngabe ekhululiwe, uma ebengalidluliselanga kuKesari.”

Dlulisela
Funda IzEnzo 26

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo