IzEnzo 26:1-18

IzEnzo 26:1-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)

U-Agripha wayesethi kuPawula: “Uvumelekile ukuba uzikhulumele.” UPawula wayesephakamisa isandla sakhe, waziphendulela wathi: “Maqondana nakho konke engimangalelwe ngakho ngabaJuda, nkosi Agripha, ngizibona nginenhlanhla, ngokuba ngizakuziphendulela namuhla phambi kwakho, ikakhulu lokhu uyingcweti yawo wonke amasiko nokuphikisana kwabaJuda. Ngakho-ke ngiyakunxusa ukuba ungilalele ngesineke. “Bonke abaJuda bayayazi inkambo yami kusukela ekuqaleni, ebusheni bami phakathi kwabakithi naseJerusalema. Bengazi kwasekuqaleni, uma bethanda ukufakaza ukuthi ngangihamba ngehlelo eliqinileyo lenkonzo yakithi ngingumFarisi. Manje ngimi ngimangalelwe ngenxa yethemba lesithembiso asenzayo uNkulunkulu kokhokho, isithembiso ezithemba ukufinyelela kuso izizwe zakithi ezili-12 ezikhonza ngesineke ubusuku nemini. Kungalelo themba, nkosi, ngimangalelwe ngabaJuda. Kungani kuyinsumansumane kini ukuthi uNkulunkulu uyabavusa abafileyo na? “Kepha mina ngokwami ngazimisela ukwenza okuningi okuphambene negama likaJesu waseNazaretha. Lokho ngakwenza eJerusalema, ngafaka abaningi abangcwele emajele, ngigunyazwe ngabaphristi abakhulu; nalapho abangcwele bebulawa yimi engangibalahla ngevoti lami. Emasinagogeni wonke, kukaningi ngibajezisa, ngibaphoqa ukuba bahlambalaze; ngibathukuthelele kakhulu, ngibahlupha kwaze kwaba semizini yabezizwe.” “Kwathi ngiya eDamaseku ngegunya nangemvume yabaphristi abakhulu, emini bebade, nkosi, ngisendleleni, ngabona ukukhanya okuvela ezulwini, okwedlula ngisho ukukhazimula kwelanga, kwangikhanyisa nxazonke kanye nababehamba nami. Kwathi sonke sesiwe phansi emhlabathini, ngezwa izwi lithi kimi ngolimi lwesiHebheru: ‘Sawula, Sawula, ungihluphelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.’ “Kepha ngathi: ‘Ungubani, Nkosi, na?’ INkosi yathi: ‘Mina nginguJesu omhluphayo. Sukuma ume ngezinyawo zakho, ngokuba ngibonakele kuwe ukuze ngikubeke ube yisikhonzi nofakazi walokhu, wokuthi ungibonile nowalokho engizakuzibonakalisa kuwe ngakho. Ngizakukusindisa esizweni sakini nakwabezizwe engikuthumela kubo, ukuze uvule amehlo abo basuke ebumnyameni, baphendukele ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baphendukele kuNkulunkulu, baze bamukeliswe ukuthethelelwa kwezono nesabelo phakathi kwalabo abangcweliswe ngokukholwa kimi.’ ”

Dlulisela
Funda IzEnzo 26

IzEnzo 26:1-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Khona u-Agripha wathi kuPawulu: “Uvunyelwe ukuba uzikhulumele.” UPawulu wayeselula isandla, waziphendulela wathi: “Maqondana nakho konke engimangalelwa ngakho ngabaJuda, nkosi Agripha, ngizibona nginenhlanhla, ngokuba ngizakuziphendulela namuhla phambi kwakho, ikakhulu lokhu uyisazi sawo onke amasiko nokuphikisana kwabaJuda; ngalokho ngiyakunxusa ukuba ungilalele ngokubekezela. “Inkambo yami kwasebusheni eyaba sesizweni sakithi naseJerusalema kwasekuqaleni bonke abaJuda bayayazi, bengazi kwasekuqaleni, uma bethanda ukufakaza ukuthi ngangihamba ngehlelo eliqinileyo lenkonzo yakithi ngingumFarisi. Kepha manje ngimi ngimangalelwe ngenxa yethemba lesithembiso asenzayo uNkulunkulu kubo obaba, ezithemba ukufinyelela kuso izizwe eziyishumi nambili zakithi, zikhonza ngesineke ubusuku nemini; ngalelo themba, nkosi, ngimangalelwa ngabaJuda. Kungani kube yinto engakholekile kini ukuthi uNkulunkulu uvusa abafileyo na? “Kepha mina ngokwami ngangithi ngifanele ukwenza okuningi okuphambene negama likaJesu waseNazaretha; lokho ngase ngikwenza-ke eJerusalema; mina ngabafaka abaningi kwabangcwele ematilongweni, ngiwatholile amandla kubapristi abakhulu, nalapho bebulawa ngabalahla ngevoti* lami. Nasemasinagogeni* onke kaningi ngabajezisa ngibacindezela ukuba bahlambalaze; ngahlanya kakhulu ngabo, ngibazingela kwaze kwaba semizini yabezizwe. “Kwathi lapho ngisaya eDamaseku ngamandla nangokuthunywa ngabapristi abakhulu, emini enkulu, nkosi, ngisendleleni, ngabona ukukhanya okuvela ezulwini, kudlula ukukhazimula kwelanga, kungikhanyisela nxazonke kanye nababehamba nami; kwathi sesiwile phansi sonke emhlabathini, ngezwa izwi likhuluma kimi ngo limi lwesiHeberu, lithi: ‘Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.’ “Kepha mina ngathi: ‘Ungubani, Nkosi, na?’ INkosi yathi: ‘Mina nginguJesu omzingelayo. Kepha sukuma, ume ngezinyawo zakho; ngokuba ngibonakele kuwe ngalokho ukuba ngikumise ube yisikhonzi nofakazi walokhu kungibona kwakho nowalokhu engizakuzibonakalisa kuwe ngakho, ngikophule esizweni nakwabezizwe engikuthumela kubo ukuvula amehlo abo ukuba basuke ebumnyameni, baphendukele ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baphendukele kuNkulunkulu, ukuze bamukeliswe ukuthethelelwa kwezono nesabelo phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi.’

Dlulisela
Funda IzEnzo 26

IzEnzo 26:1-18 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

U-Agripha wayesethi kuPawulu: “Uvunyelwe ukuzikhulumela. UPawuli waseselula isandla, waziphendulela; Kuyangithokozisa, nkosi Agripha, ngoba lamuhla ngizaziphendulela phambi kwakho ngakho konke engimangalelwa ngakho ngabaJuda; ikakhulu ngoba ngikwazi ukuthi unolwazi kuwo wonke amasiko lezingxabano zabaJuda; ngakho ngiyakuncenga ukuthi ungizwe ngesineke. Indlela yami yokuphila kwasebusheni bami ekuqaleni eyayiphakathi kwesizwe sakithi eJerusalema ayazi bonke abaJuda; ababengazi kwasekuqaleni, uma befuna ukufakaza, ukuthi ngokwehlelo eliqine kakhulu lenkonzo yethu ngahamba ngingumFarisi. Kalokhu ngimi futhi ngigwetshiwe ngenxa yethemba lesithembiso uNkulunkulu asinika okhokho bethu. ezithemba ukufika kuso izizwe eziyishumi nambili zakithi, zikhonza uNkulunkulu masinyane imini nobusuku; Ngenxa yalelithemba, nkosi Agripha, ngimangalelwa ngabaJuda. Kungani kucatshangwa ukuthi yinto engakholeki kini, ukuthi uNkulunkulu uvusa abafileyo na? Mina-ke ngangicabanga ngokwami ukuthi ngifanele ukwenza izinto ezinengi eziphambene lebizo likaJesu waseNazaretha. lokho nami ngakwenza eJerusalema; abaningi kwabangcwele ngabavalela etilongweni, ngithole amandla kubapristi abakhulu; futhi lapho bebulawa, ngazwakalisa izwi lami ngokumelene nabo. Nasemasinagogeni onke ngabajezisa kaningi, ngibacindezela ukuba bahlambalaze; futhi njengoba ngibathukuthelele kakhulu, ngabazingela kwaze kwaba semizini yabezizwe. okwathi lapho ngiya eDamaseku nginegunya nokuthunywa kubapristi abakhulu, Emini enkulu, nkosi, ngisendleleni ngabona ukukhanya okuvela ezulwini okungaphezu kokukhanya kwelanga, kungikhanyisa nxazonke zami nababehamba nami. Kuthe sesiwile phansi sonke emhlabathini, ngezwa izwi likhuluma kimi ngolimi lwesiHeberu, lithi: ‘Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? kulukhuni kuwe ukukhahlela izinkandi. Ngasengisithi: Ungubani, Nkosi? Wasesithi: Mina nginguJesu omzingelayo. Kepha sukuma, ume ngezinyawo zakho, ngokuba ngibonakale kuwe ngalokho ukuba ngikwenze ube yisikhonzi nofakazi walezi zinto ozibonileyo nowalezo zinto engizakuzibonakalisa kuwe ngazo; ngikukhulula kubantu nakwabezizwe, engikuthuma kubo manje. ukuze uvule amehlo abo, basuke ebumnyameni, baye ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baye kuNkulunkulu, ukuze bamukele ukuthethelelwa kwezono, nefa phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi.

Dlulisela
Funda IzEnzo 26

IzEnzo 26:1-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

U-Agripha wayesethi kuPawulu: “Uvunyelwe ukuzikhulumela. UPawuli waseselula isandla, waziphendulela; Kuyangithokozisa, nkosi Agripha, ngoba lamuhla ngizaziphendulela phambi kwakho ngakho konke engimangalelwa ngakho ngabaJuda; ikakhulu ngoba ngikwazi ukuthi unolwazi kuwo wonke amasiko lezingxabano zabaJuda; ngakho ngiyakuncenga ukuthi ungizwe ngesineke. Indlela yami yokuphila kwasebusheni bami ekuqaleni eyayiphakathi kwesizwe sakithi eJerusalema ayazi bonke abaJuda; ababengazi kwasekuqaleni, uma befuna ukufakaza, ukuthi ngokwehlelo eliqine kakhulu lenkonzo yethu ngahamba ngingumFarisi. Kalokhu ngimi futhi ngigwetshiwe ngenxa yethemba lesithembiso uNkulunkulu asinika okhokho bethu. Ezithemba ukufika kuso izizwe eziyishumi nambili zakithi, zikhonza uNkulunkulu masinyane imini nobusuku; Ngenxa yalelithemba, nkosi Agripha, ngimangalelwa ngabaJuda. Kungani kucatshangwa ukuthi yinto engakholeki kini, ukuthi uNkulunkulu uvusa abafileyo na? Mina-ke ngangicabanga ngokwami ukuthi ngifanele ukwenza izinto ezinengi eziphambene lebizo likaJesu waseNazaretha. Lokho nami ngakwenza eJerusalema; abaningi kwabangcwele ngabavalela etilongweni, ngithole amandla kubapristi abakhulu; futhi lapho bebulawa, ngazwakalisa izwi lami ngokumelene nabo. Nasemasinagogeni onke ngabajezisa kaningi, ngibacindezela ukuba bahlambalaze; futhi njengoba ngibathukuthelele kakhulu, ngabazingela kwaze kwaba semizini yabezizwe. Okwathi lapho ngiya eDamaseku nginegunya nokuthunywa kubapristi abakhulu, Emini enkulu, nkosi, ngisendleleni ngabona ukukhanya okuvela ezulwini okungaphezu kokukhanya kwelanga, kungikhanyisa nxazonke zami nababehamba nami. Kuthe sesiwile phansi sonke emhlabathini, ngezwa izwi likhuluma kimi ngolimi lwesiHeberu, lithi: ‘Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? kulukhuni kuwe ukukhahlela izinkandi. Ngasengisithi: Ungubani, Nkosi? Wasesithi: Mina nginguJesu omzingelayo. Kepha sukuma, ume ngezinyawo zakho, ngokuba ngibonakale kuwe ngalokho ukuba ngikwenze ube yisikhonzi nofakazi walezi zinto ozibonileyo nowalezo zinto engizakuzibonakalisa kuwe ngazo; ngikukhulula kubantu nakwabezizwe, engikuthuma kubo manje. Ukuze uvule amehlo abo, basuke ebumnyameni, baye ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baye kuNkulunkulu, ukuze bamukele ukuthethelelwa kwezono, nefa phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi.

Dlulisela
Funda IzEnzo 26