IzEnzo 25:1-12

IzEnzo 25:1-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi uFestu esefikile esifundeni, emva kwezinsuku ezintathu, wasuka eKhesariya, wakhuphukela eJerusalema. Abaphristi abakhulu nezikhulu zabaJuda bamchazela ngoPawula. Bamncenga, becela umusa kuye ukuba ambizele eJerusalema uPawula; base bakhe uzungu lokumbulala endleleni. Kepha uFestu wabaphendula ngokuthi uPawula njengoba egcinwe eKhesariya nje, naye usazobuyela khona lapho ngokushesha. Wayesethi: “Makwehle kanye nami izikhulu phakathi kwenu, uma kukhona utho olubi elwenzileyo le ndoda, aziyimangalele.” Esehlalile nabo izinsuku ezingaphezu kweziyisishiyagalombili noma ezilishumi, wehlela eKhesariya. Ngakusasa wahlala esihlalweni sokwehlulela, wayaleza ukuba uPawula alethwe kuye. Esefikile, abaJuda ababehle bevela eJerusalema bema bemngungile, bambeka uxhaxha lwamacala anzima abangenabufakazi bawo. UPawula eziphendulela, wathi: “Angonanga ngalutho emthethweni wabaJuda, nasethempelini, nakuKhesari.” Kepha uFestu ethanda ukubongwa ngabaJuda, wamphendula uPawula, wathi: “Uyathanda yini ukwenyukela eJerusalema, wehlulelwe khona phambi kwami ngalezi zinto, na?” UPawula wayesethi: “Ngimi phambi kwesihlalo sokwehlulela sikaKhesari, lapho kumele ngehlulelwe khona. Akukho okubi engikwenze kubaJuda njengalokhu nawe wazi kahle. Uma ngenzile utho olubi olufanele ukufa, mangife, angenqabi, kodwa nxa kungekho utho olunjalo kulokhu laba abangimangalela ngakho, akekho-ke onganginikela kubo. Ngilidlulisela kuKhesari.” Ngakho-ke uFestu esekhulumile nomphakathi, waphendula wathi: “Ulidlulisele kuKhesari, uzokuya kuKhesari.”

Dlulisela
Funda IzEnzo 25

IzEnzo 25:1-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi uFestu engenile esikhundleni, wasuka eKesariya emva kwezinsuku ezintathu, wenyukela eJerusalema; abapristi abakhulu nezikhulu zabaJuda base bemangalela uPawulu kuye, bamncenga, bazicelela umusa ngaye wokuba ambizele eJerusalema, becebile ukumqamekela ukuba bambulale endleleni. Kepha uFestu waphendula ngokuthi uPawulu ugcinwe eKesariya nokuthi naye usezakuya khona masinyane; wathi: “Izikhulu phakathi kwenu azehle nami; uma kukhona utho olubi kuleyo ndoda, aziyimangalele.” Kwathi esehlale nabo izinsuku ezingaphezu kweziyisishiyagalombili nokuba eziyishumi, wehlela eKesariya; ngangomuso wahlala esihlalweni sokwahlulela, wayala ukuba uPawulu alethwe. Esefikile yena, abaJuda ababehlile eJerusalema bema bemhaqile, bembeka amacala amaningi anzima, abangenakuwaqinisa, lapho uPawulu eziphendulela ngokuthi: “Angonanga ngalutho nasemthethweni wabaJuda, nasethempelini, nakuKesari.” Kepha uFestu ethanda ukubongwa ngabaJuda, wamphendula uPawulu, wathi: “Uyathanda yini ukwenyukela eJerusalema, wahlulelwe khona phambi kwami ngalezi zinto, na?” UPawulu wayesethi: “Ngimi phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKesari, lapho ngimelwe ukwahlulelwa khona. Angenzanga okungalungile kubaJuda njengalokhu nawe wazi kahle. Kepha uma ngonile ngenza utho olufanele ukufa, angali ukufa; kodwa uma kungekho lutho lwalokho laba abangimangalela ngakho, akakho onganginikela kubo. Ngilidlulisela kuKesari.” Khona uFestu esekhulumile nomphakathi waphendula wathi: “Ulidlulisele kuKesari, uzakuya kuKesari.”

Dlulisela
Funda IzEnzo 25