IzEnzo 24:10-15
IzEnzo 24:10-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UPawuli esemqhwebile ukuthi akhulume, waphendula wathi: Njengoba ngazi ukuthi sekuyiminyaka eminengi ungumgwebi walesisizwe, ngiziphendulela ngesibindi esikhulu. Ngokuba ukuze uqonde ukuthi kusesele izinsuku eziyishumi nambili ngenyukela eJerusalema ukuyokhuleka. Njalo kabangifumananga ethempelini ngiphikisana lamuntu, njalo ngivusa ixuku, lemasinagogeni, ledolobheni; Futhi abanakufakazela lokho abangimangalela ngakho manje. Kepha ngiyavuma lokhu kuwe ukuthi ngendlela abayibiza ngokuthi ihlelo, ngokunjalo ngiyamkhonza uNkulunkulu wawobaba, ngikholwa yikho konke okulotshiweyo emthethweni nakubaprofethi; nginethemba kuNkulunkulu, abalibekayo nabo uqobo, lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungileyo nabangalungile.
IzEnzo 24:10-15 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
UPawuli esemqhwebile ukuthi akhulume, waphendula wathi: Njengoba ngazi ukuthi sekuyiminyaka eminengi ungumgwebi walesisizwe, ngiziphendulela ngesibindi esikhulu. ngokuba ukuze uqonde ukuthi kusesele izinsuku eziyishumi nambili ngenyukela eJerusalema ukuyokhuleka. njalo kabangifumananga ethempelini ngiphikisana lamuntu, njalo ngivusa ixuku, lemasinagogeni, ledolobheni; Futhi abanakufakazela lokho abangimangalela ngakho manje. Kepha ngiyavuma lokhu kuwe ukuthi ngendlela abayibiza ngokuthi ihlelo, ngokunjalo ngiyamkhonza uNkulunkulu wawobaba, ngikholwa yikho konke okulotshiweyo emthethweni nakubaprofethi; nginethemba kuNkulunkulu, abalibekayo nabo uqobo, lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungileyo nabangalungile.
IzEnzo 24:10-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Umbusi wavuma ngokunqekuzisa ikhanda ukuba uPawula akhulume, waphendula wathi: “Ngiyazi ukuthi sekuyiminyaka eminingi ungumehluleli kulesi sizwe, ngiyathokoza ukuziphendulela ngalezi zinto, njengalokhu nawe uzitholela ukuthi akukapheli nezinsuku ezili-12 ngikhuphukele eJerusalema ukuyokhuleka. Abangificanga ngixoxa namuntu ethempelini, noma ngimi ngidala isiphithiphithi esixukwini, emasinagogeni, noma emzini wonke. Futhi abanakubeka bufakazi kuwe ngalokhu abangibeka icala ngakho manje. Kepha ngiyakuvuma lokhu kuwe ukuthi mayelana neNdlela abayibiza ngokuthi wukuduka, ngikhonza kanjalo uNkulunkulu wokhokho, futhi ngiyakholwa yikho konke okulotshwe emthethweni nakubaphrofethi; nginethemba kuNkulunkulu abalibhekile nabo uqobo lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalungile.
IzEnzo 24:10-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Umbusi esemqhwebile ukuba akhulume, uPawulu waphendula wathi: “Lokhu ngiyazi ukuthi sekuyiminyaka eminingi ungumahluleli kulesi sizwe, ngiyaziphendulela ngesibindi; futhi ungaqonda ukuthi akungaphezu kwezinsuku eziyishumi nambili ngikhuphukile ukuyokhuleka eJerusalema; abangifumananga ngiphikisana namuntu, nakuba ngivusa isiphithiphithi esixukwini, nasethempelini, nasemasinagogeni,* nasemzini, futhi bangekuqinise kuwe lokhu abangibeka icala ngakho manje. Kepha ngiyavuma lokhu kuwe ukuthi ngeNdlela abathi iyihlelo ngiyamkhonza ngokunjalo uNkulunkulu wawobaba, ngikholwa yikho konke okulotshiwe emthethweni nakubaprofethi; nginethemba kuNkulunkulu abalibheka nabo uqobo lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalungile.