IzEnzo 20:33-38
IzEnzo 20:33-38 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Angifisanga siliva, nagolide, nangubo yamuntu. Nina niyazi ukuthi ngazisebenzela ngalezi zandla zami ukwenelisa izidingo zami nezalabo enganginabo. Kukho konke lokhu, nganikhombisa ukuthi kumele ukuba nisebenze kanzima, nibasize ababuthakathaka, niwakhumbule futhi amazwi eNkosi uJesu ukuthi Yona yathi: ‘Kubusesikile kakhulu ukupha kunokwemukela.’ ” Esekushilo lokho, waguqa phansi kanye nabo bonke, wakhuleka. Bonke bakhala kakhulu, bamxhawula, bamanga, belusizi kakhulu ngezwi alisho kubo elithi abasayukubuye babubone ubuso bakhe. Bamphelezela, baya emkhunjini.
IzEnzo 20:33-38 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Angifisanga isiliva, nagolide, nengubo yomuntu; Nani ngokwenu niyazi ukuthi lezi zandla zisebenzele izidingo zami nezababe nami. Kukho konke nginibonisile, ukuthi ngokushikashikeka kanje kufanele nisize ababuthakathaka, nikhumbule amazwi eNkosi uJesu, ukuthi yathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’ Eseshilo lokho waguqa phansi nabo bonke, wakhuleka. Basebekhala kakhulu bonke, bawela entanyeni kaPawuli, bamanga; Badabukile kakhulu ngamazwi awashoyo ukuthi abasayikubona ubuso bakhe. Basebemphelekezela baze bafika emkhunjini.
IzEnzo 20:33-38 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Angifisanga siliva lamuntu, nagolide, nangubo; nina niyazi ukuthi lezi zandla zasebenzela izinswelo zami nezababe nami. Kukho konke ngangikhombisa ukuthi kumelwe ukuba nisize ababuthakathaka ngokusebenza okunje, nikhumbule futhi amazwi eNkosi uJesu ukuba yena wathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’ ” Eseshilo lokho waguqa phansi kanye nabo bonke, wakhuleka. Bakhala kakhulu bonke, bamgona uPawulu ngentamo, bamanga, belusizi kakhulu ngezwi alishilo lokuthi abasayikubona ubuso bakhe. Base bemphelekezela, baya emkhunjini.
IzEnzo 20:33-38 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)