IzEnzo 20:22-24
IzEnzo 20:22-24 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Manje bhekani, mina ngiya eJerusalema ngiboshiwe emoyeni, ngingakwazi okuyakungehlela khona; ngaphandle kokuthi uMoya oNgcwele uyafakaza emizini ngemizi, ethi izibopho nezinhlupheko zingilindile. Kepha akukho kwalokhu okunginyakazisayo, futhi ukuphila kwami angikuthathi njengokubalulekile kimi, ukuze ngiqede inkambo yami ngentokozo, nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ivangeli lomusa kaNkulunkulu.
IzEnzo 20:22-24 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Bhekani manje, ngiya eJerusalema ngokulalela nokuboshwa nguMoya, futhi angikwazi okuzakungehlela khona, ngaphandle kokuthi uMoya oNgcwele uyangazisa ukuthi kulowo nalowo muzi ngilindelwe ukuboshwa nezinhlupheko. Kepha ukuphila kwami ngikushaya indiva ukuze kungabi yigugu kimi; okubalulekile ukuba ngiluphothule uhambo lwami nomsebenzi engawunikwa yiNkosi uJesu ukuba ngifakaze ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.
IzEnzo 20:22-24 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Kepha manje, bhekani, mina sengiya eJerusalema ngiboshiwe emoyeni, ngingakwazi okuzakungehlela khona, kuphela ukuba uMoya oNgcwele uyafakaza kimi imizi ngemizi ethi izibopho nezinhlupheko zingihlalele. Kepha ukuphila angikushayi into yalutho ukuba kube yigugu kimi, kuphela ukuba ngiphelelise ukuhamba kwami nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.
IzEnzo 20:22-24 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)