IzEnzo 2:1-6
IzEnzo 2:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi sekufike usuku lwePhentekhoste, bebuthene bonke ndawonye. Kuthe bengazelele, kwezwakala inhlokomo ivela ezulwini, kungathi eyokuvunguza komoya onamandla, wagcwalisa indlu yonke ababehleli kuyo. Kwase kubonakala kubo izilimi ezehlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu kwalowo nalowo. Bonke bagcwala uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokhu uMoya wabapha ukuphumisela. Kepha kwakukhona abaJuda ababakhe eJerusalema, amadoda akholwayo, ayevela ezizweni zonke phansi komthunzi welanga. Sekuzwakele lokhu kuduma, kwabuthana uquqaba, ludidekile, ngokuba yilowo nalowo wayebezwa bekhuluma ngolimi lwakubo.
IzEnzo 2:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Selufikile usuku lwePhentekoste, babendawonye bonke nganhliziyonye. Kwathi kungazelelwe kwezwakala umsindo uvela ezulwini njengowomoya ovunguza ngamandla, wagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo. Kwabonakala kubo izilimi ezihlukene kungathi ezomlilo, zahlala phezu kwalowo nalowo wabo. Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela. Kwakuhlala eJerusalema abaJuda, amadoda akholwayo, evela ezizweni zonke eziphansi kwezulu. Kwathi lo mdumo lo, ixuku labuthana, lasanganiseka, ngoba ngulowo lalowo wabezwa bekhuluma ngolimi lwakibo.
IzEnzo 2:1-6 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

IzEnzo 2:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi sekufikile usuku lwePhentekoste, bonke babebuthene ndawonye. Ngokungazelelwe kwavela ezulwini inhlokomo kwangathi eyokuvunguza komoya onamandla; yona yagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo. Kwase kubonakala kubo izilimi ezahlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu kwalowo nalowo kubo. Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela. Kepha kwakukhona abaJuda abakhile eJerusalema, amadoda akholwayo, evela ezizweni zonke eziphansi kwezulu; kwathi kuzwakele lowo mdumo, uquqaba lwabuthana, lwaphithiza, ngokuba kwaba yilowo nalowo wabezwa bekhuluma ngolimi lwakubo.