IzEnzo 15:36-40
IzEnzo 15:36-40 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Emva kwezinsuku ezithile uPawulu wayesethi kuBarnaba: “Ake sibuye, sihambele abazalwane emizini yonke ngaminye esashumayela kuyo izwi leNkosi, sibone ukuthi bahlezi kanjani.” UBarnaba wahlosa ukuhamba noJohane othiwa uMarku. Kepha uPawulu wathi akufanele ukuba bahambe naye owabashiya ePhamfiliya, akaze aya nabo emsebenzini. Kwase kuvela ukuphikisana okukhulu, baze bahlukana; uBarnaba wathatha uMarku, wawelela eKhupro ngomkhumbi. Kepha uPawulu wazikhethela uSila, wahamba enikelwe ngabazalwane emseni weNkosi.
IzEnzo 15:36-40 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi emva kwezinsuku ezithile uPawulu wathi kuBarnabasi: “Asibuye sihambele abazalwane bethu emizini yonke esishumayele kuyo izwi leNkosi, sibone ukuthi banjani. UBarnabasi wazimisela ukuhamba noJohane othiwa uMarku. Kepha uPawulu akabonanga kukuhle ukumthatha, ahambe nabo, yena owabashiya ePhamfiliya, akaya nabo emsebenzini. Kwaba khona ukuphikisana okukhulu, baze bahlukana, uBarnabasi wamthatha uMarku, waya eKhupro ngomkhumbi; UPawuli wakhetha uSila, wamuka enikelwe ngabazalwane emseni kaNkulunkulu.
IzEnzo 15:36-40 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi sekwedlule izinsuku ezithile, uPawula wayesethi kuBharnabha: “Ake sibuyele emuva, sihambele abazalwane kuyo yonke imizi ngamunye esesishumayele kuyo izwi leNkosi, sibone ukuthi bahlezi kanjani.” UBharnabha yena wanquma ukuhamba noJohane okuthiwa uMakhu. Kepha uPawula waqinisa ukuthi akufanele bahambe nalowo owabashiya ePhamfiliya, akaze ahamba nabo ukuyosebenza. Kwaba khona ukuphikisana okunzima, baze bahlukana: uBharnabha wahamba noMakhu, wawelela naye eKhuphro ngomkhumbi. UPawula wazikhethela uSila, bahamba benikelwe emseni weNkosi ngabazalwane.
IzEnzo 15:36-40 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)