IzEnzo 15:22-31
IzEnzo 15:22-31 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngakho-ke kwaba kuhle kubaphostoli, kumalunga, nakulo lonke ibandla ukuba kukhethwe amadoda phakathi kwabo, athunyelwe e-Antiyokhiya noPawula noBharnabha, bakhetha uJuda okuthiwa uBharsabha noSila, ababengabaholi phakathi kwabazalwane. Baloba ngesandla sabo incwadi ethi: “Abaphostoli, amalunga, nabazalwane, bayababingelela abazalwane babezizwe kulo lonke elase-Antiyokhiya, eSiriya naseKhilikhiya. Sizwile ukuthi abanye abavela kithi banikhathaze ngamazwi, balimaza imiphefumulo yenu, esingabathumanga ukuba bakwenze. Kube kuhle kithi, sinhliziyonye, ukuba sithumele kini amadoda akhethiweyo kanye nabathandiweyo bethu uBharnabha noPawula, abantu abadele ukuphila kwabo ngenxa yegama leNkosi yethu uJesu uKhristu. Ngakho-ke sithumele uJuda noSila ukuba bazonitshela mathupha lezo zinto. Ngokuba kube kuhle kuMoya oNgcwele nakithi ukuba singanethwesi mthwalo ngaphezu kwalokho okumele nikwenze: ukuba niyeke okuhlatshelwe izithombe, okunegazi, nenyama yesilwane esiklinyiweyo, nobufebe; uma nizithiba kulokho niyokuba nenza kahle. Salani kahle.” Ngakho-ke kuthe bangabemukisa, behlela e-Antiyokhiya, kuthe sebeqoqele ndawonye ibandla, balinika incwadi. Sebeyifundile, bathokoza ngamazwi ayo akhuthazayo.
IzEnzo 15:22-31 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwaba kuhle-ke kubaphostoli namalunga kanye nebandla lonke ukuthumela amadoda athile phakathi kwabo e-Antiyokiya kanye noPawulu noBarnaba; okungukuthi uJuda othiwa uBarsaba, noSila, izinduna phakathi kwabazalwane; Basebebhala izincwadi ngabo ngalendlela; Abaphostoli namalunga nabazalwane bayakhonza kubazalwane abavela kwabezizwe e-Antiyokiya, naseSiriya, naseKhilikhiya; Njengoba sizwile ukuthi abathile abaphuma kithi banikhathaze ngamazwi, bedukisa imiphefumulo yenu, besithi: Kumele lisokwe, ligcine umlayo, esingabanikanga umlayo onjalo. Kwaba kuhle kithi sibuthene nganhliziyonye, ukuthuma kini amadoda akhethiweyo kanye labathandekayo bethu uBarnabasi loPawuli; abantu abadele ukuphila kwabo ngenxa yegama leNkosi yethu uJesu Kristu. Ngakho sithumile oJudasi loSila, abazakhuluma kini lezizinto ngomlomo. Ngokuba kwaba kuhle kuMoya oNgcwele nakithi ukuba ningathwesi umthwalo omkhulu ngaphandle kwalezizinto ezifunekayo; ukuba nizile okuhlatshelwe izithombe, negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe; uma nizilinda kukho, nenza kahle. Nisale kahle. Sebemukisiwe, beza e-Antiyokiya; Kwathi sebefundile bathokoza ngenduduzo.
IzEnzo 15:22-31 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Khona kwaba kuhle kubaphostoli namalunga nakulo ibandla lonke ukuthumela e-Antiyokiya noPawulu noBarnaba amadoda akhethiweyo phakathi kwabo, uJuda othiwa uBarsaba noSila, amadoda angabaholi phakathi kwabazalwane, baloba ngesandla sabo ngokuthi: Abaphostoli namalunga, abazalwane, bayabingelela abazalwane abavela kwabezizwe abase-Antiyokiya, nabaseSiriya, nabaseKhilikhiya. Njengalokho sizwile ukuthi abanye abavela kithi banikhathazile ngamazwi, benyakazisa imiphefumulo esingabayalelanga khona, kwaba kuhle kithi sesinhliziyonye ukuthuma kini amadoda akhethiweyo kanye nabathandiweyo bethu oBarnaba noPawulu, abantu abadele ukuphila kwabo ngenxa yegama leNkosi yethu uJesu Kristu. Ngalokho sithumile oJuda noSila abazakunitshela lezo zinto ngomlomo. Ngokuba kwaba kuhle kuMoya oNgcwele nakithi ukuba singanithwesi umthwalo omkhulu ngaphandle kwalezi zinto ezifunekayo zokuthi niyeke okuhlatshelwe izithombe, negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe; uma nizilinda kulezo zinto, noba nenza kahle. Salani kahle. Ngakho sebemukisiwe behlela e-Antiyokiya, balibutha ibandla, balinika incwadi. Sebeyifundile bathokoza ngenduduzo yayo.
IzEnzo 15:22-31 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)