IzEnzo 14:8-18
IzEnzo 14:8-18 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwakuhlezi indoda ethile eListra, ibuthakathaka ezinyaweni zayo, iyisigoga kwasesizalweni sikanina, engazange ihambe. Yona yamuzwa uPawuli ekhuluma, owayigqolozela, ebona ukuthi ulokholo lokusiliswa. Wathi ngezwi elikhulu: “Sukuma, uqonde ngezinyawo zakho. wagxuma, wahamba. Kwathi amaxuku ebona akwenzileyo uPawuli, aphakamisa ilizwi lawo, esithi ngesiLikawoniya: Onkulunkulu befana labantu behlele kithi. Basebembiza uBarnabasi ngokuthi nguJupitheri; loPawuli, uMerkuriyu, ngoba wayengumkhulumeli. Khona umpristi kaJupitheri owayephambi komuzi wakubo waletha izinkabi nemigexo yezimbali emasangweni, wafuna ukwenza imihlatshelo kanye nezixuku. Kwathi abaphostoli oBarnabasi loPawuli bekuzwa, baklebhula izembatho zabo, bagijimela phakathi kwexuku, bememeza; Athi: “Madoda, nenzelani lokho na? Lathi singabantu abanemizwa efana leyenu, sitshumayela kini ukuthi liphenduke kulezize liphenduke kuNkulunkulu ophilayo, owenza izulu lomhlaba lolwandle lakho konke okukukho. owathi endulo wavumela izizwe zonke ukuthi zihambe ngezindlela zazo. Nokho akazishiyanga engenabufakazi, ngokwenza okuhle, esinika imvula evela ezulwini nezinkathi ezinezithelo, egcwalisa izinhliziyo zethu ngokudla nangentokozo. Kwaba kalukhuni ukusho lawo mazwi banqanda izixuku ukuba zingabahlabeli.
IzEnzo 14:8-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
EListra kwakuhleli indoda eyayikhubazeke ngezinyawo; iyisishosha kwasesizalweni sikanina; ingakaze ihambe nakanye. Yezwa uPawula ekhuluma, owayigqolozela wabona ukuthi inokukholwa kokuthi ingabuye iphile, wathi ngezwi elikhulu: “Sukuma, ume ngezinyawo zakho, uqonde.” Yagxuma, yahamba. Kwathi lapho izixuku zibone lokho akwenzile uPawula, zaphakamisa izwi lazo zathi ngesiLikhawoniya: “Onkulunkulu befana nabantu, behlele kithi.” UBharnabha bambiza ngokuthi nguZeyusi, uPawula bambiza ngoHermesi, ngokuba nguye yedwa owayehola ekukhulumeni. Kwasuka umphristi kaZeyusi, othempeli lakhe lalingaphandle komuzi, waletha izinkunzi nemigexo yezimbali ngasesangweni lomuzi, ekanye nezixuku, efuna ukubahlabela. Kepha bathi ukuba abaphostoli, uBharnabha noPawula, bezwe ngalokhu, baklebhula izingubo zabo, baphuthuma esixukwini, bamemeza, bathi: “Madoda, nikwenzelani lokhu na? Nathi singabantu njengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize, niphendukele kuNkulunkulu ophilayo, owadala izulu nomhlaba nolwandle, nakho konke okukukho, othe ezizukulwaneni ezidlulileyo, waziyeka izizwe zonke ukuba zihambe ngezindlela zazo. Nokho akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle; waninika imvula yasezulwini ngezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokunjalo.” Nangakho lokhu abakushoyo, kwaba nzima ukuyekisa izixuku ukuba zingabahlabeli.
IzEnzo 14:8-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
EListra kwakuhlezi indoda ethile eyisilima ngezinyawo, eyisishosha selokhu yazalwa ngunina, engazange ihambe. Yona yamuzwa uPawulu ekhuluma. Yena eyigqolozela wabona ukuthi inokukholwa kokuba iphiliswe, wathi ngezwi elikhulu: “Sukuma, ume ngezinyawo zakho.” Yayisigxuma, yahamba. Kwathi-ke izixuku zikubona lokho akwenzile uPawulu, zaphakamisa izwi lazo, zathi ngesiLikawoniya: “Onkulunkulu befana nabantu behlele kithi.” UBarnaba bambiza ngokuthi uJupitheri, uPawulu ngokuthi uMerkuriyu, ngokuba kwakunguye owayehola ekukhulumeni. Kepha umpristi kaJupitheri othempeli lakhe liphambi komuzi waletha izinkunzi nemigexo yezimbali ngasemasangweni, wafuna ukubahlabela ekanye nezixuku. Kwathi ukuba bakuzwe lokho abaphostoli oBarnaba noPawulu, baklebhula izingubo zabo, baphonseka phakathi kwesixuku bememeza bethi: “Madoda, nikwenzelani lokhu na? Nathi singabantu abanjengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize, niphendukele kuNkulunkulu ophilayo owenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, othe ngezizukulwane ezidlulileyo wayeka izizwe zonke zihambe ngezindlela zazo. Nokho akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle, waninika imvula yasezulwini nezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokujabula.” Bekusho lokho, baziyekisa kalukhuni izixuku ukuba zingabahlabeli.
IzEnzo 14:8-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwakuhlezi indoda ethile eListra, ibuthakathaka ezinyaweni zayo, iyisigoga kwasesizalweni sikanina, engazange ihambe. Yona yamuzwa uPawuli ekhuluma, owayigqolozela, ebona ukuthi ulokholo lokusiliswa. Wathi ngezwi elikhulu: “Sukuma, uqonde ngezinyawo zakho wagxuma, wahamba. Kwathi amaxuku ebona akwenzileyo uPawuli, aphakamisa ilizwi lawo, esithi ngesiLikawoniya: Onkulunkulu befana labantu behlele kithi. Basebembiza uBarnabasi ngokuthi nguJupitheri; loPawuli, uMerkuriyu, ngoba wayengumkhulumeli. Khona umpristi kaJupitheri owayephambi komuzi wakubo waletha izinkabi nemigexo yezimbali emasangweni, wafuna ukwenza imihlatshelo kanye nezixuku. Kwathi abaphostoli oBarnabasi loPawuli bekuzwa, baklebhula izembatho zabo, bagijimela phakathi kwexuku, bememeza; Athi: “Madoda, nenzelani lokho na? Lathi singabantu abanemizwa efana leyenu, sitshumayela kini ukuthi liphenduke kulezize liphenduke kuNkulunkulu ophilayo, owenza izulu lomhlaba lolwandle lakho konke okukukho. Owathi endulo wavumela izizwe zonke ukuthi zihambe ngezindlela zazo. Nokho akazishiyanga engenabufakazi, ngokwenza okuhle, esinika imvula evela ezulwini nezinkathi ezinezithelo, egcwalisa izinhliziyo zethu ngokudla nangentokozo. Kwaba kalukhuni ukusho lawo mazwi banqanda izixuku ukuba zingabahlabeli.