IzEnzo 12:1-19

IzEnzo 12:1-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngaleso sikhathi uHerode inkosi welula izandla ukuba ahluphe abathile bebandla. Wabulala uJakobe umfowabo kaJohane ngenkemba. Esebonile ukuthi lokhu kuyabathokozisa abaJuda, waqhubeka wambamba noPetru. Kwakuyizinsuku zezinkwa ezingenamvubelo. Wambamba, wamfaka etilongweni, wamnikela emaviyweni amane, yilelo nalelo linamabutho amane, ukuba amlinde, ehlose ukumkhuphulela ebantwini emva kwePhasika. Ngakho-ke uPetru wagcinwa etilongweni; kepha ibandla lamkhulekela ngesineke kuNkulunkulu. Kwathi mhla uHerode ebezakumphumisa, ngalobo busuku uPetru wayelele phakathi kwamabutho amabili, eboshiwe ngamaketanga amabili, nabalindi phambi komnyango begcina itilongo. Bheka, yafika ingelosi yeNkosi, kwakhanya ukukhanya etilongweni, yamshaya uPetru ohlangothini, yamvusa ithi: “Shesha usukume.” Ayesewa amaketanga ezandleni zakhe. Ingelosi yathi kuye: “Gqoka, ufake izicathulo zakho.” Wenze njalo. Yathi kuye: “Yembatha ingubo yakho, ungilandele.” Waphuma, wayilandela; wayengazi ukuthi kuyiqiniso okwenziwa yingelosi, kodwa wayethi ubona umbono. Sebedlulile kubalindi bokuqala nabesibili bafika esangweni lensimbi eliya emzini, labavulekela ngokwalo, baphuma, badlula isitaladi saba sinye; ingelosi yayisimshiya masinyane. UPetru esesangulukile wathi: “Manje sengiyazi ngeqiniso ukuthi iNkosi ithumile ingelosi yayo, yangikhulula esandleni sikaHerode nakukho konke okubhekwe yisizwe sabaJuda.” Sekumkhanyele lokho, wafika endlini kaMariya unina kaJohane othiwa uMarku, lapho bebebuthene khona abaningi bekhuleka. Esengqongqotha esivalweni sesango, yeza intombazana ukusabela, egama layo linguRoda; isilizwile izwi likaPetru ayivulanga esangweni ngenxa yokuthokoza, kepha yagijima yabika ukuthi uPetru umi ngasesangweni. Kodwa bathi kuyo: “Uyahlanya.” Yona yaqinisa yathi: “Hhayi, kunjalo.” Bona bathi: “Yingelosi yakhe.” Kepha uPetru waqinisa wangqongqotha; sebevulile babona ukuthi nguye, bamangala. Wayesebaqhweba ngesandla ukuba bathule, wabalandisa ukuthi iNkosi imkhiphe kanjani etilongweni, wathi: “Bikelani uJakobe nabazalwane lokhu.” Wayesephuma, waya kwenye indawo. Sekusile, kwaba khona ukunyakaza okukhulu phakathi kwamabutho kokuthi uPetru wehlelwe yini. UHerode esemfunile engamfumananga, wabuzisisa abalindi, wayala ukuba babulawe. Wayesehla eJudiya, waya eKesariya, wahlala khona.

Dlulisela
Funda IzEnzo 12

IzEnzo 12:1-19 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Ngaleso sikhathi uHerode inkosi welula izandla ukuba ahluphe abathile bebandla. Wabulala uJakobe umfowabo kaJohane ngenkemba. Kwathi ebona ukuthi lokho kuwathokozisa amaJuda, waqhubeka wabamba loPetro. (Khona-ke kwakuyizinsuku zesinkwa esingenamvubelo.) Esembambile, wamfaka etilongweni, wamnikela ekamu lamabutho amane, ukuba amlinde; ehlose ukumkhuphela ebantwini emva kwePhasika. Ngakho uPetru wagcinwa etilongweni, kepha ibandla lamkhulekela kuNkulunkulu ngokungaphezi. Kwathi uHerode esezomkhipha, ngalobo busuku uPetru wayelele phakathi kwamasosha amabili, eboshwe ngamaketanga amabili, nabalindi phambi komnyango belinda itilongo. Bheka, ingelosi yeNkosi yeza phezu kwakhe, nokukhanya kwakhanya etilongweni, yamshaya uPetru ohlangothini, yamvusa, yathi: “Vuka masinyane. Futhi amaketanga akhe awela ezandleni zakhe. Ingilosi yasisithi kuye: Bhinca, ubophe amanyathela akho. Wenza kanjalo. Wasesithi kuye: Gqoka isembatho sakho, ungilandele. Wasephuma, wamlandela; futhi wayengazi ukuthi kuyiqiniso okwenziwa yingelosi; kodwa wacabanga ukuthi ubona umbono. Sebedlule abalindi bokuqala nabesibili, bafika esangweni lensimbi eliya emzini; owabavulela ngokwakhe; baphuma, badlula umgwaqo munye; ingilosi yahle yasuka kuye. Kwathi uPetru esesangulukile wathi: “Manje sengiyazi ngeqiniso ukuthi iNkosi ithumile ingelosi yayo, yangikhulula esandleni sikaHerode nakukho konke abantu abaJuda ababekulindele. Esekubonile lokho, wafika endlini kaMariya unina kaJohane othiwa uMarku; lapho ababebuthene khona abanengi bekhuleka. Kwathi uPetro engqongqotha emnyango wesango, intombazana yeza ukulalela, ibizo layo linguRoda. Kuthe selilazi izwi likaPetru, alivulanga isango ngenxa yokuthokoza, kodwa wagijima wabika ukuthi uPetru wayemi phambi kwesango. Bathi kuye: “Uyahlanya. Kodwa wayelokhu egcizelela ukuthi kunjalo. Base bethi: “Yingelosi yakhe.” Kodwa uPetru waqhubeka engqongqoza; sebevule umnyango bambona, bamangala. Kodwa wabaqhweba ngesandla ukuthi bathule, wabalandisela ukuthi iNkosi imkhuphe njani entolongweni. Wathi: “Bikelani uJakobe nakubazalwane lokho.” Wasuka, waya kwenye indawo. Kwathi sekusile, kwaba khona isiphithiphithi esingesincane phakathi kwamabutho kokuthi uPetro wehlelwe yini. Kwathi uHerode emfuna engamtholi, waphenya abalindi, wayala ukuba babulawe. Wehla eJudiya, waya eKesariya, wahlala khona.

Dlulisela
Funda IzEnzo 12

IzEnzo 12:1-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngaleso sikhathi uHerode inkosi welula isandla sakhe ukuba ahluphe abathile bebandla. Wabulala ngenkemba uJakobe umfowabo kaJohane. Esebonile ukuthi lokhu kuyabathokozisa abaJuda, waqhubeka wabamba noPhethro. Kwakuyizinsuku zezinkwa ezingenamvubelo. Esembambile, wamfaka etilongweni, wamnikela emaviyweni amane, yilelo nalelo linamabutho amane, ukuba amlinde, ehlose ukuba emuva kwePhasika, amkhuphulele kubantu. Ngakho-ke uPhethro wagqunywa ejele. Ibandla lamkhulekela ngesineke kuNkulunkulu. Kwathi ngosuku uHerode ayehlose ukumkhuphula ngalo amyise kubantu, ngalobo busuku uPhethro walala phakathi kwamabutho amabili, eboshwe ngamaketanga amabili, kukhona nabalindi phambi komnyango ababeqaphe ijele. Nakho-ke sekufika ingelosi yeNkosi, kwakhanya bha ejele. Ingelosi yamthinta ohlangothini uPhethro, yamvusa ithi: “Sukuma ngokushesha.” Ayesewa amaketanga ezandleni zakhe. Ingelosi yathi kuye: “Gqoka, ufake nezicathulo zakho.” Wenza kanjalo; yayisithi kuye: “Yembatha ingubo yakho, ungilandele.” Waphuma, wayilandela; wayengazi ukuthi lokhu okwenzekayo ngengelosi kuyiqiniso, kodwa wayecabanga ukuthi ubona umbono nje. Sebedlulile kubalindi bokuqala nakwabesibili, bafika esangweni lensimbi eliya emzini, elazivulekela ngokwalo, baphuma, badlula umgwaqo owodwa, ingelosi yayisimshiya ngokushesha. Isisangulukile ingqondo kaPhethro, wathi: “Manje sengiyazi ngokweqiniso ukuthi iNkosi ithumele ingelosi yayo, ingikhululile esandleni sikaHerode nakukho konke okubhekwe yisizwe sabaJuda.” Sekumkhanyele lokho, wafika endlini kaMariya, unina kaJohane okuthiwa uMakhu, lapho kwakubuthene khona abaningi bekhuleka. Kwathi esengqongqozile esivalweni sesango, kweza intombazana ukuba ilalele; igama layo kunguRoda. Kuthe ukuba ilizwe izwi likaPhethro ayavula esangweni ngenxa yokuthokoza, kodwa yagijima yayobika ukuthi uPhethro umi ngasesangweni. Kepha bathi kuyo: “Uyahlanya.” Kepha yagcizelela ithi: “Ngempela kunjalo.” Bona bathi: “Yingelosi yakhe.” Kepha uPhethro waqhubeka engqongqoza. Kuthe sebevulile babona ukuthi nguye impela, bamangala. Esebathulisile ngesandla, wabalandisa ukuthi iNkosi imkhiphe kanjani ejele, wathi: “Bikelani uJakobe nabazalwane ngalokho.” Waphuma, waya kwenye indawo. Ngakusasa, kwasuka isidumo esinamathambo phakathi kwabalindi, bengazi ukuthi kwenzekeni kuPhethro. UHerode esemfune waze wancama engamtholi, wabuzisisa kubalindi, wayeseyala ukuba babulawe. Yena wehla eJudiya, waya eKhesariya, wahlala khona.

Dlulisela
Funda IzEnzo 12

IzEnzo 12:1-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)