IzEnzo 10:23-48

IzEnzo 10:23-48 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Wayesebabiza, wabangenisa. Ngangomuso wasuka wahamba nabo, abathile babazalwane baseJopha bamphelekezela. Ngangomuso bangena eKesariya. UKorneliyu wayebalindele esebizile izihlobo nabangane bakhe abakhulu. Kwathi ukuba angene uPetru, uKorneliyu wamhlangabeza, wawa phansi ngasezinyaweni zakhe, wakhuleka. Kepha uPetru wamvusa wathi: “Sukuma, nami ngingumuntu nje.” Esakhuluma naye wangena, wafumana abaningi ababebuthene. Wayesethi: “Niyazi ukuthi akuvunyelwe ukuba umuntu ongumJuda ahlangane, ahambelane nowesinye isizwe; kepha uNkulunkulu ungitshengisile ukuba ngingasho nangoyedwa ukuthi unechilo nokuthi ungcolile. Ngakho lokhu ngibiziwe, ngizile ngingalanga. Ngakho-ke sengiyabuza ukuthi ningibizeleni na?” UKorneliyu wathi: “Ngezinsuku ezine ezidlule ngaleli hora bengenza umkhuleko wehora lesishiyagalolunye endlini yami; bheka, indoda eyembethe ingubo ekhazimulayo yema phambi kwami, yathi: ‘Korneliyu, kuzwakele ukukhuleka kwakho, nokwabela kwakho abampofu izipho kukhunjuliwe phambi kukaNkulunkulu. Ngakho thumela eJopha, ubize uSimoni othiwa uPetru; yena ungenisile endlini kaSimoni umshuki ngaselwandle.’ Ngase ngithumela kuwe ngaso leso sikhathi; wenze kahle ufike. Manje sesikhona sonke phambi kukaNkulunkulu ukuba sizwe konke okuyalelwe yiNkosi.” Khona uPetru wavula umlomo, wathi: “Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu, kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye. Walithumela izwi kubantwana bakwa-Israyeli, eshumayela ivangeli lokuthula ngaye uJesu Kristu; yena uyiNkosi yabo bonke. Niyalazi izwi elamenyezelwa eJudiya lonke, liqalile eGalile, emva kokubhapathiza akushumayelayo uJohane lokuthi: UNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza umusa, ephulukisa bonke ababesemandleni kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye. “Nathi singofakazi bezinto zonke azenzayo ezweni labaJuda naseJerusalema yena abambulalayo bemphanyeka emthini. Lowo uNkulunkulu wamvusa ngosuku lwesithathu, wamnika ukuba abonakale, kungekubantu bonke kodwa kithina esingofakazi ababekhethwe nguNkulunkulu ngaphambili, esasidla siphuza naye emva kokuvuka kwakhe kwabafileyo. Wasiyala ukuba sishumayele kubantu, sifakaze ukuthi: Nguye omiswe nguNkulunkulu ukuba abe nguMahluleli wabaphilayo nabafileyo. Ngaye bonke abaprofethi bafakaza ukuthi ngegama lakhe bonke abakholwa nguye bayakwamukela ukuthethelelwa kwezono.” Kwathi uPetru esakhuluma lawo mazwi, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo bonke ababelizwa izwi. Abokusoka abakholwayo ababefikile noPetru bamangala kakhulu, ngokuba isipho sikaMoya oNgcwele sitheliwe naphezu kwabezizwe. Ngokuba babezwa bekhuluma ngezilimi, betusa uNkulunkulu. Khona uPetru waphendula wathi: “Ukhona yini ongala namanzi ukuba bangabhapathizwa laba abamukela uMoya oNgcwele njengathi na?” Wayeseyala ukuba babhapathizwe egameni leNkosi. Base bemncenga ukuba ahlale izinsuku ezithile.

Dlulisela
Funda IzEnzo 10

IzEnzo 10:23-48 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Wasebabizela phakathi, wabangenisa. Ngangomuso uPetru wahamba nabo, nabazalwane abathile baseJopha bamphelezela. Ngangomuso bangena eKesariya. UKorneliyu wayebalindile, esebizele ndawonye izihlobo zakhe nabangane abaseduze. Kwathi esangena uPetru, uKorneliyu wamhlangabeza, wawa phansi ezinyaweni zakhe, wakhuleka kuye. Kodwa uPetro wamsukumisa, wathi: Sukuma; nami ngingumuntu. Esakhuluma naye wangena, wafumana abaningi ababebuthene. Wathi kubo: Niyazi ukuthi akuvunyelwe ukuba umuntu ongumJuda ahlangane noma eze kowesinye isizwe; kodwa uNkulunkulu ungibonisile ukuthi ngingabizi muntu ngokuthi ungcolile noma ungcolile. Ngakho-ke ngizile kini ngingaphikanga lapho ngibiziwe; ngiyabuza-ke ukuthi ningibizeleni na? UKorneliyu wathi: “Ezinsuku ezine ezidlule kwaze kwaba yileli hora ngizila ukudla; ngehora lesishiyagalolunye ngakhuleka endlini yami; Yathi: “Korneliyu, ukukhuleka kwakho kuzwakele, nomusa wakho womusa ukhunjulwe phambi kukaNkulunkulu. Ngakho thumela eJopha, ubize uSimoni othiwa uPetro; ungenisile endlini kaSimoni umtshuki wezikhumba ngaselwandle; Ngakho ngithumela masinyane kuwe; futhi wenze kahle ukuthi uze. Manje-ke sikhona sonke phambi kukaNkulunkulu ukuba sizwe konke okuyalelwe nguNkulunkulu. UPetro wasevula umlomo wakhe, wathi: Ngeqiniso ngiyabona ukuthi uNkulunkulu kabheki ubuso. Kodwa ezizweni zonke omesabayo lowenza ukulunga uyamukeleka kuye. Ilizwi uNkulunkulu alithumela kubantwana bakoIsrayeli, etshumayela ukuthula ngoJesu Kristu, yena oyiNkosi yabo bonke; Niyalazi izwi elamenyezelwa kulo lonke elaseJudiya, liqala eGalile emva kobhapathizo alushumayelayo uJohane; Ukuthi uNkulunkulu wamgcoba kanjani uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza okuhle, ephulukisa bonke ababecindezelwe nguSathane; ngoba uNkulunkulu wayelaye. Nathi singofakazi bezinto zonke azenzayo ezweni labaJuda naseJerusalema; abambulala, bamphanyeka esihlahleni; yena uNkulunkulu wamvusa ngosuku lwesithathu, wambonakalisa obala; Hhayi kubantu bonke, kodwa kubofakazi abakhethwe ngaphambili nguNkulunkulu, kithina esadla, saphuza naye emva kokuvuka kwakhe kwabafileyo. Wasiyala ukuba sishumayele kubantu, sifakaze ukuthi nguye omiswe nguNkulunkulu ukuba abe nguMahluleli wabaphilayo nabafileyo. Abaprofethi bonke bafakaza ngaye ukuthi yilowo nalowo okholwa nguye uyakwamukela ukuthethelelwa kwezono ngegama lakhe. UPetru esakhuluma lawo mazwi, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo bonke ababelizwa izwi. Abasokile abakholwayo ababeze noPetru bamangala, ngokuba isipho sikaMoya oNgcwele sitheliwe naphezu kwabezizwe. Ngokuba babezwa bekhuluma ngezilimi, betusa uNkulunkulu. Khona uPetro waphendula wathi: Ukhona yini ongala namanzi ukuba bangabhapathizwa laba abamamukele uMoya oNgcwele njengathi na? Waselaya ukuthi babhabhathizwe ebizweni leNkosi. Basebemncenga ukuthi ahlale insuku ezithile.

Dlulisela
Funda IzEnzo 10

IzEnzo 10:23-48 IsiZulu 2020 (ZUL20)

USimoni wayesewabiza, wawangenisa endlini yakhe. Ngakusasa wasuka wahamba nawo, ephelezelwa ngabazalwane abathile baseJopha. Kwathi ngosuku olulandelayo bafika eKhesariya. UKhorneliyu wayebalindele, esememe izihlobo nabangani bakhe abakhulu. Kuthe uPhethro esezofika khona, uKhorneliyu wamhlangabeza, wawa ngobuso, wathi mbo phansi ngasezinyaweni zikaPhethro, wakhuleka. Kepha uPhethro wamsukumisa ethi kuye: “Sukuma, nami ngingumuntu nje.” Esakhuluma naye, wangena, wafica abantu abaningi bebuthene lapho. Wathi kubo: “Niyazi ukuthi akuvunyelwe ukuba umuntu ongumJuda ahlangane noma ahambelane nowesinye isizwe, kodwa uNkulunkulu ungitshengisile ukuba ngingasho nakoyedwa ngithi unechilo noma ungcolile. Ngakho-ke angizange ngenqabe, ngibiziwe, ngeza. Ngakho-ke ngiyabuza ukuthi ungibizeleni na?” UKhorneliyu wathi: “Kuthe ngikhuleka ngehora lesishiyagalolunye endlini yami, ezinsukwini ezine ezedlule, ngabonasekumi phambi kwami indoda eyayembethe ingubo ekhazimulayo, yathi: ‘Khorneliyu, kuzwakele ukukhuleka kwakho, nokwabela kwakho abampofu izipho, kukhunjuliwe phambi kukaNkulunkulu. Ngakho, thumela eJopha, ubize uSimoni okuthiwa nguPhethro; ungenise endlini kaSimoni, umshuki wezikhumba, ngasolwandle.’ “Ngase ngithumela kuwe khona manjalo; wenze kahle-ke wafika. Manje sesilapha sonke phambi kukaNkulunkulu ukuba sizwe konke okuyalelwe yiNkosi.” UPhethro wayesethatha ekhuluma, ethi: “Impela kuyangicacela ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bomuntu, kodwa ezizweni zonke lowo omesabayo nowenza ukulunga uyemukeleka kuye. Walithumela izwi kubantu bakwa-Israyeli, eshumayela ivangeli lokuthula ngaye uJesu uKhristu; okunguYena oyiNkosi yabo bonke. Niyalazi izwi elamenyezelwa kulo lonke iJudiya, elaliqale eGalile, emva kombhabhadiso ayewushumayele uJohane. Lelo lizwi lalithi: uNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamadla, owahamba enza okuhle, ephilisa bonke ababephansi kwamandla kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye. “Thina singofakazi bazo zonke izinto azenzayo ezweni labaJuda naseJerusalema, Yena lo bambulala ngokumphanyeka emthini. UNkulunkulu wamvusa ngosuku lwesithathu, wamenza ukuba abonakale, hhayi kubantu bonke, kodwa kithina esingofakazi ababekhethwe nguNkulunkulu phambilini, esasidla siphuza naye, emva kokuba esemvusile kwabafileyo. Wasiyala ukuba sishumayele kubantu, sifakaze ukuthi nguye omiswe nguNkulunkulu ukuba abe nguMahluleli wabaphilayo nabafileyo. Nguye, bonke abaphrofethi abafakaza ngaye ukuthi bonke abakholwa nguye bayakwemukela ukuthethelelwa kwezono ngegama lakhe.” Esakhuluma uPhethro lawo mazwi, uMoya oNgcwele wehlela kubo bonke ababelilalele izwi. Abasokileyo abakholwayo ababefike noPhethro bamangala kakhulu bebona ukuthi isipho sikaMoya oNgcwele sithululelwe naphezu kwabezizwe. Ngokuba babezwa bekhuluma ngezilimi, betusa uNkulunkulu. UPhethro wayesephendula ethi: “Ukhona yini ongenqaba namanzi ukuba babhabhadiswe laba abamukele uMoya oNgcwele njengathi na?” Wayeseyala ukuba babhabhadiswe egameni leNkosi. Base bemncenga ukuba ahlale nabo izinsukwana.

Dlulisela
Funda IzEnzo 10

IzEnzo 10:23-48 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)