IzEnzo 10:19-23
IzEnzo 10:19-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UPetru esazindla ngombono, uMoya wathi kuye: “Bheka, amadoda amabili ayakufuna; sukuma-ke, wehle, uhambe nabo, ungangabazi ngalutho, ngokuba yimina engibathumileyo.” UPetru wayesehlela kuwo amadoda, wathi: “Bhekani, yimina enimfunayo; kuyindabani enize ngayo na?” Bathi: “UKorneliyu induna yekhulu, indoda elungileyo nemesabayo uNkulunkulu, efakazelwa kahle esizweni sonke sabaJuda, uyaliwe yingelosi engcwele ukuba akubizele endlini yakhe, ezwe amazwi kuwe.” Wayesebabiza, wabangenisa. Ngangomuso wasuka wahamba nabo, abathile babazalwane baseJopha bamphelekezela.
IzEnzo 10:19-23 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
UPetru esacabanga ngombono, uMoya wathi kuye: “Bheka, amadoda amathathu ayakufuna. Ngakho sukuma wehle, uhambe nawo, ungangabazi ngalutho, ngokuba yimina engibathumile. UPetru wehlela emadodeni abethunywe kuye evela kuKorneliyu; wathi: Bhekani, nginguye enimfunayo; Base bethi: UKorneliyu induna yekhulu, indoda elungileyo nemesabayo uNkulunkulu, nodumo oluhle esizweni sonke samaJuda, uxwayiswe nguNkulunkulu ngengelosi engcwele ukuba akubize endlini yakhe, ezwe amazwi. kwakho. Wasebabizela phakathi, wabangenisa. Ngangomuso uPetru wahamba nabo, nabazalwane abathile baseJopha bamphelezela.
IzEnzo 10:19-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kuthe uPhethro esazindla ngombono, uMoya wathi kuye: “Amadoda amathathu ayakufuna; sukuma, wehle, uhambe nawo, ungangabazi, ngokuba yiMina engiwathumileyo.” Esehlile uPhethro, wathi kula madoda: “Yimina enimfunayo; ngabe nize ngaludaba luni lapha na?” Athi: “UKhorneliyu induna yekhulu, indoda elungileyo nemesabayo uNkulunkulu, futhi enegama elihle esizweni sonke sabaJuda, uyalwe yingelosi engcwele ukuba akubize, uye endlini yakhe, ukuze ezwe amazwi avela kuwe.” USimoni wayesewabiza, wawangenisa endlini yakhe. Ngakusasa wasuka wahamba nawo, ephelezelwa ngabazalwane abathile baseJopha.
IzEnzo 10:19-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UPetru esacabanga ngombono, uMoya wathi kuye: “Bheka, amadoda amathathu ayakufuna. Ngakho sukuma wehle, uhambe nawo, ungangabazi ngalutho, ngokuba yimina engibathumile. UPetru wehlela emadodeni abethunywe kuye evela kuKorneliyu; wathi: Bhekani, nginguye enimfunayo; Base bethi: UKorneliyu induna yekhulu, indoda elungileyo nemesabayo uNkulunkulu, nodumo oluhle esizweni sonke samaJuda, uxwayiswe nguNkulunkulu ngengelosi engcwele ukuba akubize endlini yakhe, ezwe amazwi kwakho. Wasebabizela phakathi, wabangenisa. Ngangomuso uPetru wahamba nabo, nabazalwane abathile baseJopha bamphelezela.