2 kuThimothewu 3:3-9
2 kuThimothewu 3:3-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
nabangenaluthando, nabahlebi, nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle, nabakhapheli, nabanamawala, nabakhukhumele, nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu, nabanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla akho bewaphika; labo-ke wobagwema. Ngokuba kulabo kuvela abanyonyobela ezindlini bethumba abesifazane abasindwa yizono, beqhutshwa yizinkanuko eziyizinhlobonhlobo, befunda njalo, kepha bengeke bakwazi ukufika ekulazini iqiniso. NjengoJane noJambre bamelana noMose, kanjalo laba bamelana neqiniso, abantu abonakele ingqondo, abehluleka enkolweni. Kepha abasayikuqhubekela phambili; ngokuba ubuwula babo buyakuba sobala kubo bonke, njengokuba kwaba njalo nobabo.
2 kuThimothewu 3:3-9 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
ngaphandle kokuthanda imvelo, abaphula isivumelwano, abahlebi, abangafuni ukuzithiba, abanolaka, abadeleli abalungileyo, Abakhapheli, abalukhuni, abakhukhumeleyo, abathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu; benesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla ako bewaphika; Ngokuba kulaba kukhona abanyebelezela ezindlini, bathumbe abesifazane abayiziwula abasindwa yizono, abaholwa yizinkanuko eziyizinhlobonhlobo; Njalo befunda, kodwa bengabe besakwazi ukufinyelela olwazini lweqiniso. Njengoba uJane loJambre bamelana loMozisi, ngokunjalo laba bamelana leqiniso, abantu abalengqondo eyonakeleyo, abalamandla ekukholweni. Kodwa kabayikuqhubekela phambili, ngoba ubuthutha babo buzakuba sobala kubo bonke, njengoba kwaba njalo obabo.
2 kuThimothewu 3:3-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
abangenalo uthando, abangavumi ukubuyisana, abahlebayo, abangenakuzithiba, abayizidlwangudlwangu, abazonda okuhle, abangabakhapheli, abanamawala, abakhukhumele, abathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu, abanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kodwa bewaphika amandla okukholwa; labo-ke wobagwema. Ngokuba kulabo kukhona abacathama bangene ezindlini, bathumbe abesifazane abangenasimilo abanyinyithekiswa yizono, beqhutshwa yizinkanuko ezinhlobonhlobo. Bafunda njalo, kodwa abafinyeleli ekwazini iqiniso. Njengokuba uJane noJambre bamelana noMose, kanjalo nalaba bamelana neqiniso, bangabantu abangqondo yabo yonakele, abehlulekayo ekukholweni. Kepha abayikuqhubekela phambili, ngokuba ubuwula babo buyakuba sobala kubo bonke, njengalokhu baba kanjalo nobalawo madoda.
2 kuThimothewu 3:3-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
nabangenaluthando, nabahlebi, nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle, nabakhapheli, nabanamawala, nabakhukhumele, nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu, nabanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla akho bewaphika; labo-ke wobagwema. Ngokuba kulabo kuvela abanyonyobela ezindlini bethumba abesifazane abasindwa yizono, beqhutshwa yizinkanuko eziyizinhlobonhlobo, befunda njalo, kepha bengeke bakwazi ukufika ekulazini iqiniso. NjengoJane noJambre bamelana noMose, kanjalo laba bamelana neqiniso, abantu abonakele ingqondo, abehluleka enkolweni. Kepha abasayikuqhubekela phambili; ngokuba ubuwula babo buyakuba sobala kubo bonke, njengokuba kwaba njalo nobabo.
2 kuThimothewu 3:3-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)